Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 2/1 k. 25
  • Ingabe Umhlaba Uzophela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Umhlaba Uzophela?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Umhlaba Uzobhujiswa?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Umhlaba
    Ukubonisana NgemiBhalo
  • Ingabe Umhlaba Uyobhujiswa Ngomlilo?
    I-Phaphama!—1997
  • “Ukuphela Kwezwe”—Kuyinto Yokulangazelelwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 2/1 k. 25

Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . .

Ingabe Umhlaba Uzophela?

▪ Abanye babekholelwa ukuthi umhlaba uzophela ngo-October 21, 2011. Kodwa awuphelanga. Ngakho, isiprofetho somsakazi wase-U.S. uHarold Camping asizange sigcwaliseke. Wabikezela ukuthi kuzofika uSuku Lokwahlulela ngo-May 21, 2011, wathi ngalolu suku, ukuzamazama komhlaba okunamandla kuyohlasela umhlaba wonke bese kuthi ngemva kwezinyanga ezinhlanu ngo-October 21, umhlaba uqothulwe uphele.

Nokho, umhlaba awusoze waphela. UMdali woMhlaba ngeke akuvumele lokho. IZwi lakhe lithi: “Uwumisé ngokuqinile umhlaba, ukuze uqhubeke umile.”—IHubo 119:90.

Noma kunjalo, abanye abafundi beBhayibheli bangase bangavumelani nalokho, bathi le planethi iyobhujiswa ngomlilo. Basekela umbono wabo ngokubhekisela kweyesi-2 Petru 3:7, 10 ethi: “Ngezwi elifanayo amazulu nomhlaba okukhona manje abekelwe umlilo futhi ayagcinwa kuze kube sosukwini lokwahlulelwa nolokubhujiswa kwabantu abangamhloniphi uNkulunkulu. . . . Nokho usuku lukaJehova luyofika njengesela, okuyodlula ngalo amazulu ngomsindo ohazayo, kodwa izakhi njengoba ziyobe zishisa kakhulu ziyoncibilika, futhi umhlaba nemisebenzi ekuwo kuyokwambulwa.” Ingabe amazwi omphostoli uPetru kufanele athathwe njengoba enjalo?

Cha. Kungani? Ngoba incazelo yawo kumelwe ivumelane nomongo wayo yonke incwadi kaPetru nalo lonke iBhayibheli. Uma siwuthatha unjengoba unjalo lo mBhalo kungasho ukuthi amazulu, noma indawo yonke—izigidi ngezigidi zezinkanyezi nezinye izinto—kuyoshiswa ngomlilo ngenxa nje yokuthi ichashazana lendawo ekuyo linabantu ababi. Wena ubungawushisa yini udedangendlale wensimu ngenxa nje yokuthi kunesikhwebu esisodwa sommbila esingesihle? Bekuyoba ukungabi nangqondo lokho! Ngakho noJehova ngeke abhubhise yonke indalo yakhe ngenxa nje yokuthi eyodwa iye yahlubuka.

Ngalé kwalokho, lowo mbono ubuyophikisana namazwi kaJesu Kristu, owathi: “Bayajabula abanomoya omnene, ngoba bayokudla ifa lomhlaba.” (Mathewu 5:5; IHubo 37:29) Ingabe ubaba onothando ubengakhela umndeni wakhe indlu ethokomele bese kamuva eyithungela ngomlilo? (IHubo 115:16) Phinde! UJehova akayena nje uMdali kuphela kodwa futhi unguBaba onothando.—IHubo 103:13; 1 Johane 4:8.

UPetru usebenzisa igama elithi “umhlaba” ngomqondo ongokomfanekiso, ubhekisela emphakathini wabantu—kule ndaba umphakathi wabantu ababi. Phawula ukuthi uPetru ukufanisa noZamcolo wosuku lukaNowa. (2 Petru 3:5, 6) Kulowo Zamcolo, abantu ababi kuphela ababhujiswa, umhlaba ngokwawo noNowa olungile nomkhaya wakhe akuzange kubhujiswe. Ngokufanayo, lapho uPetru ethi “amazulu” usho amazulu angokomfanekiso. Kule ndaba, “amazulu” abhekisela ekubuseni kwabantu abangamhloniphi uNkulunkulu. Ngakho, abantu ababi abangaphenduki ngeke besaba khona, njengoba nje nabo bonke ohulumeni abangalungile bezoqedwa futhi bathathelwe indawo ukubusa kukaNkulunkulu kwasezulwini, noma uMbuso.—Daniyeli 2:44.

Ngakho-ke, ingabe iplanethi engumhlaba iyophela? Cha. Okuyophela umhlaba ongokomfanekiso, noma umphakathi wabantu ababi. Umhlaba ngokwawo nabantu abesaba uNkulunkulu kuyohlala kuze kube phakade.—IzAga 2:21, 22.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela