Indaba Yokuphila
“Kukhona Okujabulisayo Esandleni Sakho Sokunene Kuze Kube Phakade”
Njengoba ilandiswa uLois Didur
Kukangaki ekuphileni kwakho usho into enjengale, ‘Ukube angikhethanga kanje’? Nokho, ngemva kweminyaka engu-50 ngisenkonzweni yesikhathi esigcwele, ayikho neyodwa into embi engiyikhumbulayo eyangiphatha kabi isikhathi eside engayithola ngokuba sesandleni sikaJehova sokunene. Ake ngikutshele ukuthi kungani.
NGAZALWA ngo-1939 futhi ngakhulela emaphandleni aseSaskatchewan, eCanada, nginodadewethu abane nomfowethu oyedwa. Ukuphila epulazini elisethafeni kwakumnandi. Ngolunye usuku, kwafika oFakazi BakaJehova baxoxa nobaba, futhi ngababuza ukuthi uNkulunkulu unalo yini igama. Basibonisa igama elithi Jehova kumaHubo 83:18. Lokho kwangenza ngafuna ukwazi okwengeziwe ngoNkulunkulu nangeZwi lakhe.
Ngaleyo minyaka, izingane zasepulazini zazifunda ezikoleni zasemaphandleni eziyigumbi elilodwa zize zifike ebangeni lesithupha. Zazihamba amakhilomitha amaningi ngamahhashi noma ngezinyawo lapho ziya esikoleni. Othisha babenakekelwa imindeni ekuleyo ndawo. Ngomunye unyaka kwaba ithuba labazali bami lokunakekela uthisha omusha, uJohn Didur.
Ngangingazi ukuthi nayo le nsizwa yayinesithakazelo sokwazi iZwi likaNkulunkulu. Ngolunye usuku ngangincoma ubukhomanisi nenqubo yamadlela-ndawonye, ubaba ayeyisekela ngaleso sikhathi. UJohn waphendula ngezwi eliphansi: “Akekho umuntu onelungelo lokubusa abanye. UNkulunkulu kuphela onalelo lungelo.” Lokho kwaholela ezingxoxweni eziningi ezithakazelisayo.
Njengoba ayezalwe ngo-1931, uJohn wayezwile ngobunzima obulethwa impi. Lapho kugqashuka iMpi yaseKorea ngo-1950, wabuza abantu abasontayo abahlukahlukene mayelana nokuhileleka kwabo empini. Bonke bathi kwakwamukelekile ngamaKristu ukuba alwe. Kamuva, wabuza oFakazi BakaJehova umbuzo ofanayo. Bambonisa lokho okushiwo imiBhalo ngokuma kwamaKristu okuqala ngokuphathelene nempi. UJohn wabhapathizwa ngo-1955. Mina ngabhapathizwa ngonyaka olandelayo. Sobabili sasazi ukuthi sasifuna ukukhonza uJehova ngokuphila kwethu nangamandla ethu. (IHu. 37:3, 4) Ngo-July 1957, mina noJohn sashada.
Usuku esashada ngalo lwaluvame ukuqondana nomhlangano wesigodi. Sasikujabulela ukuba phakathi kwezinkulungwane zabantu abawuhloniphayo umshado. Umhlangano wezizwe wokuqala esaya kuwo wawungo-1958. Sasuka ngemoto eSaskatchewan saya eNew York City sibahlanu. Kwasithatha isonto lonke, sishayela emini bese kuthi ebusuku silale etendeni. Cabanga ngendlela esamangala ngayo lapho umzalwane esahlangana naye eBethlehem, ePennsylvania, esimema ukuba sizolala kwakhe ngalobo busuku! Umusa wakhe ongalindelekile wasisiza ukuba sifike eNew York City sihlanzekile futhi sicocekile. Lowo mhlangano wagcizelela ukuthi injabulo enkulu itholakala ngokukhonza uJehova! Njengoba umhubi abhala, “kukhona okujabulisayo esandleni sakho sokunene kuze kube phakade.”—IHu. 16:11.
UKUPHAYONA
Ngonyaka olandelayo ngo-1959, sasiphayona futhi sihlala kumahamba-nendlwana omncane egqumeni elisethafeni eSaskatchewan. Uma ulapho wawubuka kuze kukhathale amehlo, futhi enye yaleyo ndawo kwakuyinsimu yethu.
Ngolunye usuku, sathola incwadi ethakazelisayo ivela ehhovisi legatsha. Ngaphuthuma ngaphandle lapho uJohn ayelungisa khona ugandaganda. Leyo ncwadi yayisimemela ukuba amaphayona akhethekile eRed Lake, e-Ontario. Njengoba sasingazi ukuthi ikuphi leyo ndawo, sakhipha amabalazwe ethu ngokushesha sayifuna.
Yeka ukuthi yayihluke kanjani emathafeni angodedangendlale! Manje sase sihamba emahlathini amakhulu nasemadolobhaneni aseduze kwezimayini zegolide. Ngosuku lokuqala, njengoba sasifuna indawo yokuhlala, intombazanyana ethile yasizwa sixoxa nomakhelwane wayo. Yagijima yaya ekhaya kunina, owabe esesinikeza indawo yokulala ngalobo busuku. Umbhede esalala kuwo wawusegumbini elingaphansi elalakhiwe ngodaka futhi lingakhonkiwe. Ngakusasa, sayithola indawo, indlu yezingodo enamakamelo amabili, engenampompi nafenisha, eyayinembawula nje. Sathola izinto ezimbalwa esitolo samasekeni futhi ngemva kwalokho sazizwa sanelisekile.
Ibandla elaliseduze laliqhele ngamakhilomitha angaphezu kuka-209. Izisebenzi eziningi zasezimayini zegolide zazivela eYurophu, futhi zasicela ukuba sizitholele amaBhayibheli ngezilimi zazo. Ngokushesha sase siqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-30 ezinhle kakhulu. Kwamiswa ibandla elincane kungakapheli nezinyanga eziyisithupha.
Umyeni wowesifazane othile esasimfundela washayela umfundisi wakhe ucingo emcela ukuba eze azoqondisa umkakhe. Ekuhlanganeni kwethu naye lo mfundisi wathi kufanele ngabe sifundisa nangoZiqu-zintathu. Lona wesifazane wakhipha iBhayibheli LamaKatolika futhi wacela lo mfundisi ukuba asekele ayekusho ngalo. Umfundisi walijikijela ngale kwetafula, ethi akukho okudingeka akufakazele. Lapho esehamba, wathi ngesi-Ukraine kufanele basixoshe futhi bangaphinde basivumele sibuye. Wayengazi ukuthi uJohn uyasazi isi-Ukraine!
Ngemva nje kwalokho, sahamba eRed Lake ngoba uJohn eseyoqeqeshelwa ukujikeleza. Nokho, esikhathini esingangonyaka sihambile, lowo myeni wayephakathi kwababezobhapathizwa lapho uJohn ebeka inkulumo yobhapathizo emhlanganweni wesigodi! Okwenzeka ngesikhathi kunomfundisi kwamenza waqala ukuzihlolela iBhayibheli.
UKUBA MATASA EMSEBENZINI WOKUJIKELEZA
Ukujikeleza kwakusilethela injabulo engenakuqhathaniswa yokuhlala nemikhaya ehlukahlukene. Sasondelana kakhulu nalabo ababesihlalisa emizini yabo. Sake sahlala egumbini eliphezulu elalibanda ebusika kwadade othile owayesekhulile. Sasimuzwa ekuseni kakhulu engena ngokunyonyoba ekamelweni lethu ezobasa umlilo esitofini esincane. Wayebuya ngokushesha nendishi enamanzi afudumele ukuze sigeze. Ngafunda okuningi endleleni ayenza ngayo izinto, ngokuthula nangesineke.
Umsebenzi wokujikeleza wangisiza ukuba ngisondelane noJehova ngokwengeziwe. Esinye isifunda e-Alberta sasihlanganisa idolobha elinezimayini eNyakatho Ekude yeCanada, okwakuhlala kulo udade othile. Inhlangano kaJehova yayimbheka kanjani lo dade owayengayedwa? Njalo ngemva kwezinyanga eziyisithupha, sasihamba ngendiza siye khona sichithe isonto lonke naye enkonzweni, siqhube nemihlangano njengoba nje kwenziwa ebandleni elikhulu elisedolobheni. Lokhu kwakuba isikhumbuzo esithinta inhliziyo sokuthi uJehova umnakekela ngesisa umuntu ngamunye onjengewundlu.
Sasithintana njalo nabaningi ababesihlalisa emizini yabo. Lokho kungikhumbuza esinye sezipho zokuqala uJohn angipha sona—ibhokisi elimibalabala elaligcwele amaphepha okubhala. Sasikujabulela kakhulu ukubhalelana nabangane, sisebenzisa wona la maphepha. Ngisalazisa lelo bhokisi lezincwadi.
Ngesikhathi sisesifundeni eToronto, sathola ucingo luvela kumzalwane waseBethel yaseCanada ebuza ukuthi sasingakucabangela yini ukuza eBethel. Wayeyifuna nini impendulo? Wathi, “Kusasa uma kungenzeka!” Wayithola.
INKONZO YASEBETHEL
Ushintsho ngalunye lwesabelo lwalusibonise izici ezinhlobonhlobo zenjabulo evela esandleni sikaJehova. Lokho kwaqhubeka nalapho sesikhonza eBethel ngo-1977. Ukuba nobudlelwane nabanye babagcotshiwe kwasivulela ithuba lokuba singagcini nje ngokubona ukuhluka kobuntu babo kodwa nenhlonipho ejulile abanayo ngeZwi likaNkulunkulu.
Ukuphila okusha kwaseBethel kwakumnandi. Ngokwesibonelo, izingubo zethu manje zase zihlala eshalofini kunokuba zihlale epotimendeni, futhi sase sihlanganyela nebandla elilodwa. Ngaphandle komsebenzi wami, ngangihlale ngikujabulela ukuhambisa amaqembu abantu abavakashile ngibabonisa iBethel. Ngangibachazela umsebenzi owenziwa eBethel, ngizwe ukuphawula kwabo futhi ngiphendule nemibuzo yabo.
Iminyaka yadlula ngokushesha futhi ngo-1997, uJohn wamenyelwa eSikoleni Samalungu AmaKomiti Amagatsha ePatterson, eNew York. Ngemva kwalokho, sacelwa ukuba sicabangele ukuyokhonza e-Ukraine. Sakhuthazwa ukuba sicabangisise futhi sithandaze ngakho. Salala sesazi ukuthi impendulo yethu kwakuyoba uyebo.
OLUNYE USHINTSHO—I-UKRAINE
Sasiye sathamela umhlangano omkhulu wezizwe eSt. Petersburg, eRussia, ngo-1992 nomunye owawuseKiev, e-Ukraine ngo-1993. Leyo mihlangano yayisenze sabathanda abafowethu baseMpumalanga Yurophu. Indawo yethu yokuhlala entsha eLviv, e-Ukraine, yayisesitezi sesibili sekhaya elidala. Uma ulunguza ngamafasitela wawungabona egcekeni kunesivande esincane, iqhude elikhulu elibomvu nenqwaba yezikhukhukazi. Kwakunjengokungathi sisepulazini laseSaskatchewan. Sasingu-12 esasihlala kulelo khaya. Usuku ngalunye ekuseni sasidabula edolobheni siyosebenza eBethel.
Sasizizwa kanjani ngokuba se-Ukraine? Kwakusenza sizizwe sibancane ukuba phakathi kwabaningi abake babhekana novivinyo, ukuvinjelwa nokuboshwa. Noma kunjalo, babegcine ukholo lwabo luqinile. Lapho sibancoma, babethi, “Sasikwenzela uJehova.” Babengakaze bazizwe beshiywe dengwane. Ngisho namanje, uma ubonga othile ngomusa wakhe, angase aphendule athi, “Bonga uJehova,” eqaphela uMthombo wazo zonke izinto ezinhle.
E-Ukraine, abaningi bahamba ngezinyawo ukuya emihlanganweni, ngakho banesikhathi sokuxoxa nokukhuthazana. Ukuya kuyo kungathatha ihora noma ngaphezulu. Kunamabandla angaphezu kuka-50 e-Lviv, angu-21 kuwo asebenzisa amaHholo OMbuso amaningi akhiwe esizeni esisodwa. Akuve kukuhle ukubona abazalwane belokhu betheleka ngamaSonto beze emihlanganweni.
Sasheshe sabajwayela abafowethu nodadewethu, abanesineke futhi abakuthandayo ukunakekela abanye. Lapho ngingaluqondi kahle ulimi, okusenzeka namanje, abeve benesineke. Amehlo abo ngokuvamile axoxa indaba.
Isibonelo sokwethembana kwangempela phakathi kwabafowethu sabonakala emhlanganweni wezizwe owawuseKiev ngo-2003. Sasisanda kwehla esiteshini sesitimela esimatasa esingaphansi komhlaba lapho intombazanyana iza kithi futhi ngezwi elizolile ithi, “Ngidukile. Angimboni ugogo.” Yayisibone ngamabheji ukuthi singoFakazi. Yayinesibindi futhi ingakhali. Umkambonisi wesifunda owayenathi wayithatha ngesineke wayisa eMnyangweni Wokulahlekile Kwabuye Kwatholakala enkundleni. Ngokushesha yahlanganiswa nogogo wayo. Ngathinteka kakhulu ngokusethemba kwayo okumangalisayo, ngisho noma yayisesixukwini sezinkulungwane zabantu.
Abafowethu ababevela emazweni amaningi beza e-Ukraine ngo-May 2001 lapho kunikezelwa igatsha lethu elisha. Ngemva kwenkulumo ekhethekile ngeSonto ekuseni eyayisenkundleni yomhlangano, kweza ifu labazalwane likhuphuka ngomgwaqo lizobona iBethel entsha. Angisoze ngakulibala engakubona! Ngathinteka ngempela ngokubona labo bazalwane, ababenokuthula nokuhleleka okukhulu. Ukuyazisa kwami injabulo etholakala ngokukhonza uNkulunkulu kwajula.
UKUSHINTSHA KWEZINTO OKUNGAZELELWE
Ngokudabukisayo, ngo-2004 kwatholakala ukuthi uJohn unomdlavuza. Saya eCanada ukuze ayokwelashwa. Ukwelashwa kwakhe kokuqala ngamakhemikhali kwawukhahlameza kakhulu umzimba wakhe, futhi wachitha amasonto ambalwa esegumbini labagula kakhulu. Sibonga ukuthi wabuye waphaphama. Nakuba ayengasakwazi ukukhuluma, amehlo akhe ayehlale ebonisa ukwazisa ngabo bonke ababemvakashela.
Kodwa wayengalulami futhi washona ekwindla ngalowo nyaka. Ngazizwa ngilahlekelwe ingxenye enkulu yokuphila kwami. Mina noJohn sasikujabulele kakhulu ukukhonza uJehova ndawonye. Ngangizokwenzani? Ngakhetha ukubuyela e-Ukraine. Ngibonga kakhulu ngothando olufudumele engaluboniswa umkhaya waseBethel nebandla lakhona.
Asikaze nangosuku olulodwa sizisole ngokukhetha esakwenza ekuphileni kwethu. Ukuphila kwethu bekulokhu kujabulisa futhi sinobudlelwane nabantu abahle kakhulu. Ngiyazi ukuthi ngisazofunda okuningi ngobuhle bukaJehova, futhi ngethemba ukuthi ngizoqhubeka ngisenkonzweni yakhe kuze kube phakade ngoba ngempela ngiye ngathola ‘injabulo esandleni sokunene sikaJehova.’
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
“Asikaze nangosuku olulodwa sizisole ngokukhetha esakwenza ekuphileni kwethu”
[Isithombe ekhasini 3]
Lapho sishada noJohn
[Isithombe ekhasini 4]
Lapho ngiyiphayona elikhethekile eRed Lake, e-Ontario
[Isithombe ekhasini 5]
NginoJohn e-Ukraine, ngo-2002