Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 5/1 k. 31
  • Umvuzi Wabo Bonke Abamkhonzayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umvuzi Wabo Bonke Abamkhonzayo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • U-Ebhedi-meleki—Isibonelo Sesibindi Nomusa
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2017
  • “Nidinga Ukubekezela”
    Ukusindela Emhlabeni Omusha
  • Hlobo Luni Lwabantu Oluyoba Abangane Bakho?
    UNkulunkulu Ukhuluma Nathi NgoJeremiya
  • UJehova Uyonikeza Lowo Nalowo Ngokwemisebenzi Yakhe
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2017
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 5/1 k. 31

Sondela KuNkulunkulu

Umvuzi Wabo Bonke Abamkhonzayo

SONKE siyajabula lapho sibongwa ngomsebenzi omuhle esiwenzile noma sithola isipho esisuka enhliziyweni. Sonke siyafuna ukuzwa ukuthi imizamo yethu ibalulekile, ikakhulukazi uma lokhu kwenziwa yilabo esibathandayo. Yiqiniso, uNkulunkulu wethu uJehova simthanda ngaphezu kwakho konke okunye. Ingabe uyayazisa imizamo yethu yokumkhonza? Ake sihlole indlela asebenzelana ngayo no-Ebhedi-meleki, indoda eyabeka ukuphila kwayo engozini ukuze isindise umprofethi kaNkulunkulu.—Funda uJeremiya 38:7-13 no-39:16-18.

Wayengubani u-Ebhedi-meleki? Kusobala ukuthi wayeyisikhulu segceke leNkosi uZedekiya yakwaJuda.a U-Ebhedi-meleki wayephila ngezinsuku zikaJeremiya, owathunywa uNkulunkulu ukuba axwayise uJuda ongathembekile ngembubhiso eyayisondela. Nakuba ayephakathi kwezikhulu ezingamesabi uNkulunkulu, u-Ebhedi-meleki wayemesaba uNkulunkulu futhi wayemhlonipha kakhulu uJeremiya. Izimfanelo zokwesaba uNkulunkulu zika-Ebhedi-meleki zavivinywa ngesikhathi izikhulu ezonakele zibheca uJeremiya ngecala zithi uvukela umbuso futhi zimphonsa emthonjeni ukuze afele khona. (Jeremiya 38:4-6) Wayezokwenzenjani u-Ebhedi-meleki?

U-Ebhedi-meleki wabonisa isibindi futhi wanganqikaza, engakwesabi nakancane ukuziphindiselela kwalezi zikhulu. Waya kuZedekiya obala futhi waphikisana nokuphathwa kabi kukaJeremiya. Mhlawumbe ebakhomba laba benzi bokubi, watshela inkosi: “La madoda enzé okubi . . . kuJeremiya.” (Jeremiya 38:9) U-Ebhedi-meleki waphumelela, futhi uZedekiya wayala ukuba athathe amadoda angu-30 ahambe ayokhipha uJeremiya.

U-Ebhedi-meleki wabuye wabonisa enye imfanelo enhle: umusa. Wathatha “izidwedwe ezigugile namanikiniki bakwehlisela kuJeremiya . . . ngezindophi.” Wayekwenzelani lokhu? Ukuze uJeremiya akufake emakhwapheni, angalimali lapho bemdonsa emthonjeni onodaka.—Jeremiya 38:11-13.

UJehova wakubona okwenziwa u-Ebhedi-meleki. Ingabe wajabula ngakho? Esebenzisa uJeremiya, uNkulunkulu watshela u-Ebhedi-meleki ukuthi ukubhujiswa kukaJuda kuseduze. Wabe esenikeza u-Ebhedi-meleki lesi siqinisekiso. UJehova wathi: “Ngiyokukhulula . . . Ngeke unikelwe esandleni samadoda . . . Nakanjani ngiyokunika ukuphunyuka . . . Ngeke uwe ngenkemba; ngokuqinisekile umphefumulo wakho uyoba yimpango yakho.” Kungani uJehova athembisa ukusindisa u-Ebhedi-meleki? UJehova wamtshela: “Ngoba uthembele kimi.” (Jeremiya 39:16-18) UJehova wayazi ukuthi u-Ebhedi-meleki wayengamane nje esiza uJeremiya kodwa wayenokholo futhi emethemba uNkulunkulu.

Isifundo sicacile: UJehova uyakwazisa esikwenza lapho simkhonza. IBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi ukhumbula ngisho nezenzo zethu ezincane zokumkhulekela ezivela enhliziyweni egcwele ukholo. (Marku 12:41-44) Awuzizwa yini ushukumiseleka ukuba usondele kuNkulunkulu onokwazisa ngale ndlela? Uma kunjalo, ungaqiniseka ukuthi uyozibonakalisa eyilokho iZwi lakhe elithi uyikho: “Umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.”—Hebheru 11:6.

Izahluko zeBhayibheli ongazifunda ngo-May:

◼ Jeremiya 32-50

[Umbhalo waphansi]

a U-Ebhedi-meleki ubizwa ngokuthi ‘umthenwa.’ (Jeremiya 38:7) Nakuba leli gama libhekisela kowesilisa otheniwe, liphinde lisetshenziswe nalapho kushiwo noma yisiphi isikhulu esisebenza egcekeni lenkosi.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela