AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | JEREMIYA 39-43
UJehova Uyonikeza Lowo Nalowo Ngokwemisebenzi Yakhe
UZedekiya akasilalelanga isiqondiso sikaJehova sokuzinikela eBhabhiloni
Amadodana kaZedekiya abulawa phambi kwakhe. Wabe esephuphuthekiswa, waboshwa ngezibopho zethusi futhi wavalelwa eBhabhiloni waze wafela khona
U-Ebhedi-meleki wabonisa ukwethembela kuJehova nokukhathalela umprofethi waKhe uJeremiya
UJehova wathembisa ukumlonda u-Ebhedi-meleki lapho kubhujiswa uJuda
UJeremiya washumayela ngesibindi iminyaka eminingi ngaphambi kokubhujiswa kweJerusalema
UJehova wamvikela uJeremiya lapho iJerusalema livinjezelwe futhi wahlela ukuba abaseBhabhiloni bamkhulule