Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 6/1 k. 3
  • Ingabe Liyafana Nje Nezinye Izincwadi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Liyafana Nje Nezinye Izincwadi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Duduzani Bonke Abalilayo’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Duduza Abasosizini
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Thola Induduzo Emandleni KaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Indlela UNkulunkulu Anikeza Ngayo Induduzo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 6/1 k. 3

Ingabe Liyafana Nje Nezinye Izincwadi?

“Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo . . . , ukuze umuntu kaNkulunkulu afaneleke ngokugcwele, ayihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.” —2 THIMOTHEWU 3:16, 17.

ABANYE abantu abavumelani nala mazwi eBhayibheli. Kuthiwani ngawe? Kulezi zincazelo ezilandelayo iyiphi echaza kangcono indlela obheka ngayo iBhayibheli?

• Liyincwadi ebhalwe kahle

• Lingenye yezincwadi ezibalulekile ezingcwele

• Liyincwadi yezinganekwane enezifundo zokuziphatha ezifihlekile

• LiyiZwi likaNkulunkulu

Omunye umbuzo uthi, Ingabe kunendaba ukuthi yini oyikholelwayo? Cabanga ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngalo: “Zonke izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina, ukuze kuthi ngokukhuthazela kwethu nangenduduzo evela emiBhalweni sibe nethemba.” (Roma 15:4) Ngakho iBhayibheli lithi lihloselwe ukusiqondisa, ukusiduduza nokusinikeza ithemba.

Nokho, uma iBhayibheli belimane liyincwadi ebhalwe kahle noma enye yezincwadi ezingcwele, ubungalethemba yini ukuba likufundise futhi liqondise wena nomkhaya wakho, ikakhulukazi uma isigijimi salo sehluke kakhulu kulokho obukucabanga? Uma iBhayibheli beliyincwadi yezinganekwane, ubungayithola yini induduzo nethemba kulo?

Ngakolunye uhlangothi, izigidi zabantu eziye zafunda iBhayibheli ziyagculiseka ukuthi liyiZwi likaNkulunkulu eliyingqayizivele. Ngani? Yini eyenza iBhayibheli lihluke kwezinye izincwadi? Sicela ukuba uhlole izici ezinhlanu ezihlokweni ezilandelayo ezenza iBhayibheli lihluke.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela