Umlando Onembile, Hhayi Inganekwane
“Ngiye ngazilandela ngokunembile zonke izinto.”—LUKA 1:3.
LIHLUKE KANJANI IBHAYIBHELI? Izinganekwane zixoxa izindaba eziyihaba, ezingakhulumi ngezindawo, izinsuku namagama abantu okuxoxwa ngabo. Ngokuphambene, iBhayibheli linemininingwane eminingi eqinisekisa abafundi ngokuthi ‘elikushoyo kuyiqiniso.’—IHubo 119:160.
ISIBONELO: IBhayibheli libika ukuthi “UNebukhadinezari inkosi yaseBhabhiloni . . .yayisa uJehoyakini [iNkosi yakwaJuda] ekudingisweni eBhabhiloni.” Kamuva, “u-Evili-merodaki inkosi yaseBhabhiloni, ngonyaka aba ngawo yinkosi, waphakamisa ikhanda likaJehoyakini inkosi yakwaJuda wamkhipha etilongweni.” Ngaphezu kwalokho, “[uJehoyakini] wayenikwa njalo isabelo esivela enkosini, nsuku zonke njengokufanelekile, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.”—2 AmaKhosi 24:11, 15; 25:27-30.
OKUTHOLWE ABAVUBUKULI: Emanxiweni aseBhabhiloni abavubukuli bathola izincwadi zokuphatha zangonyaka wokubusa kukaNebukhadinezari II. Zibonisa izilinganiso zokudla ezazinikezwa iziboshwa nabanye ababethola ukudla esigodlweni. Ziphinde zikhulume ‘ngoYaukin [uJehoyakini], owayeyinkosi yezwe lakwaYahud (kwaJuda),’ nendlu yakhe. Kuthiwani ngokuba khona kuka-Evili-merodaki owalandela uNebukhadinezari esikhundleni? Umbhalo osevazini eyatholakala eduze nomuzi waseSusa ufundeka kanje: “Isigodlo sika-Amil-Marduk [Evili-merodaki], iNkosi yaseBhabhiloni, indodana kaNebukhadinezari, iNkosi yaseBhabhiloni.”
UCABANGANI? Ikhona yini enye incwadi yenkolo yasendulo enemininingwane futhi enembe kangaka ngokomlando? Noma ingabe iBhayibheli lihlukile?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
“Okushiwo iBhayibheli ngohlelo lokulandelana kwezenzakalo nokuma kwezwe kunembe kakhulu futhi kunokwethenjelwa ukudlula noma ikuphi ukwaziswa okutholakala kweminye imibhalo yasendulo.”—Incwadi ethi A SCIENTIFIC INVESTIGATION OF THE OLD TESTAMENT, KAROBERT D. WILSON
[Isithombe ekhasini 5]
Umbhalo waseBhabhiloni okhuluma ngoJehoyakini iNkosi yakwaJuda
[Umthombo Wesithombe ekhasini 5]
© bpk, Berlin/Vorderasiatisches Museum, SMB/Olaf M. Tessmer/Art Resource, NY