Linembile Ngokwesayensi
“Angikulobelanga yini esikhathini esidlule ngezeluleko nangolwazi, ukuze ngikubonise ukuba yiqiniso kwamazwi ayiqiniso, ukuze ubuyisele amazwi ayiqiniso?”—IZAGA 22:20, 21.
LIHLUKE KANJANI IBHAYIBHELI? Izincwadi zasendulo zivame ukukhuluma ngezinto ezingenakwethenjelwa futhi zinamacebiso ayingozi aye achithwa ngokuphelele isayensi yesimanje. Ngisho nanamuhla, ababhali kumelwe bathuthukise izincwadi zabo ukuze zivumelane nalokho okutholakale muva. Kodwa iBhayibheli lithi lalotshwa uMdali futhi iZwi lakhe “lihlala phakade.”—1 Petru 1:25.
ISIBONELO: UMthetho kaMose wayala ama-Israyeli ukuba agqibe indle “ngaphandle kwekamu.” (Duteronomi 23:12, 13) Uma ayethinte isidumbu sesilwane noma somuntu, kwakufanele ageze izandla ngamanzi. (Levitikusi 11:27, 28; Numeri 19:14-16) Abanochoko babehlukaniswa kwabanye abantu kuze kube yilapho behlolwa khona kuqinisekiswe ukuthi ngeke besathelela abanye ngesifo.—Levitikusi 13:1-8.
OKWEMBULWA EZOKWELAPHA NAMUHLA: Ukulahla indle ngendlela efanele, ukugeza izandla nokuhlukanisa abantu abanesifo esithelelanayo kuseyizindlela ezisebenzayo zokulwa namagciwane. I-U.S. Centers for Disease Control and Prevention (CDC) ithi uma zingekho izindlu zangasese noma isimiso sokukhuculula indle eduze: “Hamba uyozikhulula okungenani endaweni eqhele okungenani ngamamitha angu-30 kunoma imaphi amanzi bese ugqiba indle yakho.” I-World Health Organization ithi uma abantu belahla indle ngendlela ephephile, banciphisa amagciwane esifo sohudo ngamaphesenti angu-36. Eminyakeni engaphansi kwengu-200 edlule, odokotela bathola ukuthi babedlulisela izifo ezigulini eziningi lapho bengazigezi izandla ngemva kokuthinta izidumbu. I-CDC isabiza ukugeza izandla ngokuthi “iyona ndlela ephuma phambili ekuvimbeleni ukudluliselwa kwezifo.” Kuthiwani ngokuhlukaniswa kwabanochoko noma ezinye izifo? Muva nje, i-Saudi Medical Journal ithe: “Uma isifo esiwumshayabhuqe sisaqala, ukuhlukanisa abantu abanesifo kungaba ukuphela kwendlela yokulawula amagciwane ngokuphumelelayo.”
UCABANGANI? Ucabanga ukuthi ikhona yini enye incwadi engcwele yasendulo engavumelana nesayensi yanamuhla? Noma ingabe iBhayibheli lihlukile?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
“Akekho ongahlabeki umxhwele lapho efunda ngezinyathelo zenhlanzeko okwakufanele zithathwe ngokucophelela ngesikhathi soMthetho kaMose.”—Incwajana ethi MANUAL OF TROPICAL MEDICINE, KADKT. ALDO CASTELLANI NO-ALBERT J. CHALMERS