Kungani UMuzwi Womthandazo Evumela Ukuhlupheka?
NAKUBA kungenzeka bayathandaza, abanye abantu bayangabaza ukuthi uNkulunkulu ukhona. Kungani bengabaza? Mhlawumbe kungenxa yokuthi babona ukuhlupheka okugcwele kulo mhlaba. Wake wazibuza ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka?
Ingabe ngempela uNkulunkulu wadala abantu beyilokhu abayikho manje—bengaphelele futhi behlupheka? Bekuyoba nzima ukuhlonipha unkulunkulu ofuna ukuba abantu bahlupheke. Kodwa cabanga ngalokhu: Ake sithi ubuka imoto entsha oyithandayo bese ubona indawo elimele ohlangothini lwayo, ingabe ubuyophetha ngokuthi umakhi wayo wayenza injalo? Lutho neze! Ungabona ukuthi umenzi wayo uyenze “iphelele” kodwa othile noma okuthile kwayilimaza.
Ngokufanayo, lapho sibuka ukuhleleka okumangalisayo endalweni bese sibuka isiphithiphithi nokonakala okuhlasele abantu, kufanele siphethe ngokuthini? IBhayibheli lifundisa ukuthi uNkulunkulu wadala abantu bokuqala bephelele futhi kamuva bazonakalisa bona. (Duteronomi 32:4, 5) Izindaba ezinhle ziwukuthi uNkulunkulu uthembisa ukulungisa lo monakalo futhi enze abantu abalalelayo baphinde baphelele. Kodwa kungani elinde isikhathi eside kangaka?
Kungani Elinde Isikhathi Eside Kangaka?
Isizathu sihilela indaba yokuthi ubani okufanele abuse abantu. UJehova akakaze ahlose ukuba abantu bazibuse. Uyena owayezoba uMbusi wabo. IBhayibheli lithi: “Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.” (Jeremiya 10:23) Ngokudabukisayo, abantu bokuqala bakhetha ukuvukela igunya likaNkulunkulu lokubusa. Ukweqa kwabo umthetho kwabenza izoni. (1 Johane 3:4) Ngenxa yalokho, ababange besaphelela futhi bazonakalisa bona kanye nenzalo yabo.
Sekuyizinkulungwane zeminyaka uJehova evumela abantu ukuba bazibuse, futhi umlando ubonisa ukuthi abantu abanalo lelo khono. Lokhu kubonisa ukuthi bonke ohulumeni babantu babangela ukuhlupheka. Akukho noyedwa owake waqeda impi, ubugebengu, ukungabi nabulungisa noma izifo.
UNkulunkulu Uzowulungisa Kanjani Umonakalo?
IBhayibheli lithembisa ukuthi maduze uNkulunkulu uzoletha umhlaba omusha onokulunga. (2 Petru 3:13) Kulo mhlaba kuzohlala kuphela labo abakhetha ngokuzithandela ukubonisa uthando kwabanye nakuNkulunkulu.—Duteronomi 30:15, 16, 19, 20.
IBhayibheli libuye lithi ‘usuku lokwahlulela’ lusondela ngokushesha, uNkulunkulu uzoqeda ukuhlupheka kanye nalabo abakubangelayo. (2 Petru 3:7) Ngemva kwalokho, uMbusi omiswe uNkulunkulu, uJesu Kristu, uyobusa phezu kwabantu abalalelayo. (Daniyeli 7:13, 14) Kuzofezani ukubusa kukaJesu? IBhayibheli lithi: “Abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”—IHubo 37:11.
NjengeNkosi yasezulwini, uJesu uyolungisa wonke umonakalo—ohlanganisa ukugula, ukuguga nokufa—owaba khona lapho abantu bevukela uJehova, “umthombo wokuphila.” (IHubo 36:9) UJesu uyokwelapha bonke labo abamukela ukubusa kwakhe kothando. Ngaphansi kokubusa kwakhe, lezi zithembiso zeBhayibheli ziyogcwaliseka:
◼ “Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’ Abantu abahlala ezweni kuyoba yilabo abaxolelwe isiphambeko sabo.”—Isaya 33:24.
◼ “[UNkulunkulu] uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:4.
Akududuzi yini ukwazi ukuthi maduze uNkulunkulu uzogcwalisa isithembiso sakhe sokuqeda konke ukuhlupheka? Okwamanje, kudingeka siqiniseke ukuthi uyayizwa imithandazo yethu nakuba esakuvumele isikhashana ukuhlupheka.
Ukhona uNkulunkulu. Uyakuzwa ngisho noma ukhuluma naye usezinhlungwini nasosizini. Futhi ulangazelela ukukubona uphila, ujabulela isikhathi lapho konke ukungabaza kwakho nobuhlungu kuyobe kungasekho.