Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 9/1 kk. 16-17
  • Yini Eyokwenzeka NgoSuku Lokwahlulela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Eyokwenzeka NgoSuku Lokwahlulela?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • USuku Lokwahlulela Nangemva Kwalo
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Luyini Usuku Lokwahlulela?
    I-Phaphama!—2010
  • Usuku Lokwahlulela—Luyini?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 9/1 kk. 16-17

Fundiswa YiZwi LikaNkulunkulu

Yini Eyokwenzeka NgoSuku Lokwahlulela?

Lesi sihloko sizodingida imibuzo okungenzeka ukuthi uke wazibuza yona futhi sikubonise ukuthi ungazitholaphi izimpendulo eBhayibhelini lakho. OFakazi BakaJehova bazokujabulela ukuxoxa nawe ngalezi zimpendulo.

1. Luyini uSuku Lokwahlulela?

Njengoba kufanekiswe esithombeni esingakwesokudla, abantu abaningi bacabanga ukuthi ngoSuku Lokwahlulela, imiphefumulo eyizigidi ngezigidi iyolethwa phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu ukuze yahlulelwe ngokwezenzo zayo zangaphambili—eminye inikezwe ukuphila ezulwini, eminye ihlushwe esihogweni. Nokho, iBhayibheli libonisa ukuthi injongo yoSuku Lokwahlulela ukukhulula abantu ekuphileni okungenabo ubulungisa. (IHubo 96:13) UNkulunkulu ubeke uJesu ukuba abe uMahluleli ozobuyisa ubulungisa kubantu.—Funda u-Isaya 11:1-5; izEnzo 17:31.

2. USuku Lokwahlulela luyobubuyisa kanjani ubulungisa?

Lapho umuntu wokuqala, u-Adamu, ehlubuka ngamabomu kuNkulunkulu, wafaka yonke inzalo yakhe esonweni, ekuhluphekeni nasekufeni. (Roma 5:12) Ukuze uJesu alungise leso senzo esingenabulungisa, uzobuyisela ekuphileni, noma avuse izigidi ngezigidi zabafileyo. Incwadi yesAmbulo ibonisa ukuthi lokhu kuzokwenzeka phakathi nokubusa kukaKristu Jesu kweminyaka eyinkulungwane.—Funda isAmbulo 20: 4, 11, 12.

Labo abayovuswa bayokwahlulelwa ngokwalokho abayokwenza lapho kuvulwa “imiqulu” okukhulunywa ngayo kusAmbulo isahluko 20, hhayi ngokwalokho abakwenza ngaphambi kokuba bafe. (Roma 6:7) Umphostoli uPawulu wathi phakathi kwalabo abayovuselwa ekuphileni futhi babe nethuba lokufunda ngoNkulunkulu, kuyoba khona ‘abalungile nabangalungile.’—Funda izEnzo 24:15.

3. Luyofezani uSuku Lokwahlulela?

Labo abafa bengalitholanga ithuba lokwazi futhi bakhonze uJehova uNkulunkulu bayoba nethuba lokushintsha benze okuhle. Uma benza okuhle, uvuko lwabo luyoba ‘uvuko lokuphila.’ Kepha abanye balabo abayobe bevusiwe ngeke bafune ukufunda izindlela zikaJehova. Uvuko lwabo luyoba ‘uvuko lokwahlulelwa.’—Funda uJohane 5: 28, 29; Isaya 26: 10; 65:20.

Ekupheleni kweminyaka eyinkulungwane yoSuku Lokwahlulela, uJehova uyobe esebuyisele isintu esilalelayo esimweni saso sokuphelela sasekuqaleni. (1 Korinte 15:24-28) Yeka ithuba elimangalisayo okuyilo kubo bonke abalalelayo! Ovivinyweni lokugcina, uNkulunkulu uyokhulula uSathane uDeveli kwalasha, oyobe evalelwe lapho iminyaka eyinkulungwane. USathane uyophinde futhi azame ukwenza abantu bahlubuke uJehova, kodwa labo abangeke bamlalele uSathane bayothola ukuphila emhlabeni phakade.—Funda u-Isaya 25:8; isAmbulo 20: 7-9.

4. Yiluphi olunye usuku lokwahlulelwa oluyozuzisa abantu?

IBhayibheli liphinde lisebenzise igama elithi ‘usuku lokwahlulelwa’ lapho libhekisela esenzakalweni esiyoqeda lesi simiso sezinto. Lolu suku lokwahlulelwa luyofika ngokuzumayo njengoZamcolo wosuku lukaNowa, owakhukhula sonke isizukulwane esibi. Ngokujabulisayo, ukubhujiswa okuseduze “kwabantu abangamhloniphi uNkulunkulu” kuzocaba indlela yomphakathi omusha wasemhlabeni ‘okuyohlala kuwo ukulunga.’—Funda eyesi-2 Petru 3:6, 7, 13.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka amakhasi 213-215 encwadi, Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela