Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w15 5/1 k. 16
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yini Eyokwenzeka NgoSuku Lokwahlulela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • USuku Lokwahlulela Nangemva Kwalo
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Luyini Usuku Lokwahlulela?
    I-Phaphama!—2010
  • Usuku Lokwahlulela—Luyini?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
w15 5/1 k. 16

IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI

Luyini Usuku Lokwahlulela?

Kunenjabulo enkulu njengoba amalungu omndeni ehlangana phakathi neminyaka eyinkulungwane lapho kuvuswa abantu

Kungani Usuku Lokwahlulela Luyoba Isikhathi Esijabulisayo?

Ngezikhathi zeBhayibheli, uNkulunkulu wasebenzisa abahluleli ukuze asindise abantu bakhe ekuphathweni ngendlela engenabulungisa. (AbaHluleli 2:18) IBhayibheli lichaza Usuku Lokwahlulela oluzayo njengesikhathi esijabulisayo, lapho uJehova, uMahluleli womhlaba wonke, eyosindisa khona isintu ekungabini nabulungisa.—Funda iHubo 96:12, 13; Isaya 26:9.

UNkulunkulu umise uJesu ukuba ahlulele ngobulungisa kokubili abaphilayo nabafileyo. (IzEnzo 10:42; 17:31) Abantu abaningi bafa bengamazi uNkulunkulu. Phakathi noSuku Lokwahlulela, uJesu uyobavusa abantu abanjalo ukuze bazi futhi bathande uNkulunkulu weqiniso.—Funda izEnzo 24:15.

Kungani Usuku Lokwahlulela luyothatha iminyaka eyinkulungwane?

Abafileyo bayovuswa phakathi neminyaka eyinkulungwane. (IsAmbulo 20:4, 12) Bayodinga isikhathi ukuze bafunde izindlela zikaNkulunkulu futhi bamlalele. Ngokuphambene nombono wabaningi, iBhayibheli libonisa ukuthi abantu bayokwahlulelwa ngokwalokho abayokwenza ngemva kokuvuswa kwabo.—Funda amaRoma 6:7.

IBhayibheli liphinde lichaze usuku lokwahlulela oluyofika kungazelelwe ngaphambi kokuba kuqale iminyaka eyinkulungwane. Lolo suku lubizwa nangokuthi isiphelo, njengoba kubonisiwe esihlokweni esiyinhloko salo magazini. Ngalolo suku, uNkulunkulu uyosusa bonke abantu abangamhloniphi nababi. (2 Petru 3:7) Ngakho, kufanele siqikelele ukuthi siyalubonisa uthando lwethu ngoNkulunkulu.—Funda eyesi-2 Petru 3:9, 13.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe bheka ikhasi 213 lale ncwadi, Lifundisani Ngempela IBhayibheli?, enyatheliswa oFakazi BakaJehova

Iyatholakala nasengosini ethi www.pr2711.com/zu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela