Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 11/15 k. 20
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukungashadi—Umnyango Oholela Emsebenzini Ongenaziphazamiso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • ‘Kutholele Indawo’
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Ukungashadi—Izinzuzo Zakho Namathuba
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Kusebenzise Ngokunenzuzo Ukungashadi Kwakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 11/15 k. 20

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe amazwi kaJesu akuMathewu 19:10-12 asikisela ukuthi abantu abakhetha ukuhlala bengashadile basuke besithole ngokuyisimangaliso lesi sipho sokungashadi?

Cabanga ngokuthi isimo sasinjani ngesikhathi uJesu ekhuluma ngokungashadi. Lapho abaFarisi beza kuye futhi bembuza ngesehlukaniso, uJesu wawenza wacaca umthetho kaJehova ngomshado. Nakuba uMthetho wawuyivumela indoda ukuba ilobele umkayo incwadi yesehlukaniso uma ithole “okuthile okuyihlazo” kuye, kwakungenjalo ekuqaleni. (Dut. 24:1, 2) UJesu wabe esethi: “Noma ubani ohlukanisa nomkakhe, ngaphandle kwesizathu sobufebe, ashade nomunye, uyaphinga.”—Math. 19:3-9.

Lapho abafundi bezwa lokhu, bathi: “Uma sinjalo isimo somuntu ngomkakhe, akutuseki ukushada.” UJesu wabaphendula wathi: “Akubona bonke abantu abalitholela indawo leli zwi, kodwa yilabo abanesiphiwo kuphela. Ngoba kukhona abathenwa abazalwa benjalo kusukela ezibelethweni zonina, futhi kukhona abathenwa abenziwa abathenwa ngabantu, futhi kukhona abathenwa abaye bazenza abathenwa ngenxa yombuso wamazulu. Lowo ongase akwazi ukukutholela indawo makakutholele indawo.”—Math. 19:10-12.

Abathenwa abangokoqobo yilabo ababezalwe benjalo ngenxa yokuzalwa bekhubazekile noma ababa abathenwa ngenxa yengozi ethile noma ngokuthenwa. Kepha kwakukhona nalabo ababezikhethela ukuba abathenwa. Nakuba babengashada, babezithiba futhi bahlale bengashadile “ngenxa yombuso wamazulu.” NjengoJesu, babekhetha ukuhlala bengashadile ukuze bazinikele enkonzweni yoMbuso. Abazalwanga benesipho sokungashadi futhi abazange basiphiwe. Empeleni, basitholela indawo. Ngamanye amazwi, bazikhethela bona lesi sipho.

Enezela kulokho okwashiwo uJesu, umphostoli uPawulu wachaza ukuthi nakuba wonke amaKristu—ashadile noma angashadile—engamkhonza uNkulunkulu ngokwamukelekayo, abantu abangashadile ‘abazinzile ezinhliziyweni zabo’ ngokungashadi kwabo ‘benza kangcono.’ Kungani kunjalo? Kungoba abantu abashadile kumelwe bahlukanise isikhathi namandla abo ukuze bathokozise futhi banakekele abashade nabo. Kanti amaKristu angashadile wona angazinikela enkonzweni yeNkosi ngaphandle kwaleso sibopho. Abheka isimo akuso ‘njengesipho’ esivela kuNkulunkulu.—1 Kor. 7:7, 32-38.

Ngakho, imiBhalo isitshela ukuthi umKristu akasitholi ngokuyisimangaliso isipho sokungashadi. Kunalokho, uyasihlakulela ngokuhlale engashadile ukuze aqhubekisele phambili izithakazelo zoMbuso ngaphandle kokuphazamiseka. Abaningi namuhla baye banquma ukuba bahlale bengashadile ngenxa yalesi sizathu, futhi abanye benza kahle ngokubakhuthaza.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela