Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w13 10/1 kk. 14-15
  • Ukuthinta Kanjani Umbala?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuthinta Kanjani Umbala?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ITHONYA LOMBALA EMIZWELWENI
  • UKUSETSHENZISWA KOMBALA NJENGENDLELA YOKUKHUMBULA
  • Ukungaboni Imibala Ukukhubazeka Okuyinqaba
    I-Phaphama!—1991
  • Nezela Umbala Othile Ekuphileni Kwakho
    I-Phaphama!—1990
  • Abagibeli Bamahhashi Abayimfihlakalo BesAmbulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Ingabe Unesifo Sokungakwazi Ukuhlukanisa Imibala?
    I-Phaphama!—2007
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
w13 10/1 kk. 14-15

Ukuthinta Kanjani Umbala?

Njengoba uqalaza, iso lakho nobuchopho bakho kusebenza ngokubambisana ukuze kuqoqe ukwaziswa. Ubona isithelo eduze bese unquma ukuthi uyafuna yini ukusidla. Ubheka isibhakabhaka bese uphetha ngokuthi ngeke line namuhla. Ubona amagama owafundayo njengamanje bese uqonda ukuthi asho ukuthini. Eqinisweni, lona umphumela wethonya lombala kuwe. Ingabe kunjalo ngempela?

Umbala wesithelo yiwona okusizile wabona ukuthi sivuthiwe nokuthi uyafuna ukusidla yini. Umbala wesibhakabhaka namafu ukusizile waqonda isimo sezulu. Njengoba ufunda amagama alesi sihloko, umehluko phakathi kombala wamagama nowephepha wenza ukwazi ukufunda kamnandi. Yebo, yize ungase ungaqapheli, njalo nje usebenzisa umbala ukuze ukusize uhlaziye indawo ekuzungezile. Kodwa umbala ubuye uthinte nemizwelo yakho.

ITHONYA LOMBALA EMIZWELWENI

Uma uhamba emaphaseji asezitolo, usuke uzungezwe izinhlobonhlobo zezinto zokusonga ezihloselwe ukukhanga iso lakho. Iqiniso liwukuthi abakhangisi bayikhetha ngokucophelela imibala, bayithake ukuze ikhange izifiso zakho, ubulili nobudala bakho. Abahlobisi bezindlu, abaklami bezingubo zokugqoka nezingcweti nabo bayazi ukuthi imibala ingayithinta imizwelo.

Abantu bangase bayichaze ngezindlela ezihlukahlukene imibala kuye ngamasiko endawo. Ngokwesibonelo, abanye abantu e-Asia bahlobanisa umbala obomvu nenhlanhla nokujabula, kodwa ezindaweni ezithile e-Afrika, umbala obomvu umbala wokulila. Nokho, kungakhathaliseki indlela abakhuliswe ngayo, kukhona imibala ethinta imizwelo yabantu ngendlela efanayo. Ake sixoxe ngemibala emithathu nendlela ekuthinta ngayo.

OBOMVU ngumbala ogqame kakhulu. Umbala obomvu uvame ukuhlotshaniswa namandla, impi, nengozi. Lona umbala oyithinta ngokujulile imizwelo futhi ukuwubona kungenza ukuba ukudla kugayeke ngokushesha emzimbeni womuntu, kuphakamise ijubane lokuphefumula nomfutho wegazi.

EBhayibhelini, igama lesiHebheru elisho ‘okubomvu’ livela egameni elisho “igazi.” IBhayibheli lisebenzisa umbala obomvu ngokugqamile ukuze lakhe umfanekiso ongalibaleki wesifebe esingumbulali esigqoke okunsomi nokubomvu esigibele ‘isilo sasendle esinombala obomvu esigcwele amagama enhlamba.’—IsAmbulo 17:1-6.

OLUHLAZA OKOTSHANI ngumbala owenza umuntu azizwe ngendlela ephambene naleyo ebangelwa umbala obomvu, ngoba wehlisa ijubane lokugayeka kokudla wehlise nezibilini. Umbala oluhlaza okotshani uyaphumuza futhi uvame ukuhlotshaniswa nokuzola. Sifikelwa impumuzo uma sibona izingadi namagquma aluhlaza. Ukulandisa kukaGenesise kokudala kuthi uNkulunkulu wadalela abantu utshani obuluhlaza kanye nezimila.—Genesise 1:11, 12, 30.

OMHLOPHE ngumbala ovame ukuhlotshaniswa nokukhanya, ukulondeka, nokuhlanzeka. Ubuye uhlotshaniswe nobuhle, nobumsulwa. Umbala omhlophe yiwo okukhulunywa kakhulu ngawo eBhayibhelini. Emibonweni, abantu nezingelosi bavezwa bembethe okumhlophe, okugcizelela ukulunga nokuhlanzeka ngokomoya. (Johane 20:12; IsAmbulo 3:4; 7:9, 13, 14) Amahhashi amhlophe anabagibeli abembethe ilineni elimhlophe, elihlanzekile afanekisela impi yokulunga. (IsAmbulo 19:14) UNkulunkulu usebenzisa umbala omhlophe ukuze agcizelele ukuthi uzimisele ukuthethelela izono: “Nakuba izono zenu kungenzeka ukuthi zibomvu klebhu, zizokwenziwa zibe mhlophe njengeqhwa.”—Isaya 1:18.

UKUSETSHENZISWA KOMBALA NJENGENDLELA YOKUKHUMBULA

Ukusetshenziswa kombala eBhayibhelini kubonisa ulwazi lukaNkulunkulu ngokusabela kwemizwelo yomuntu embaleni. Ngokwesibonelo, incwadi yeBhayibheli yesAmbulo ibikezela lokho esibhekene nakho manje, impi, indlala, nokufa ngaphambi kwesikhathi ngenxa yokuntuleka kokudla nezifo. Ukuze sikukhumbule lokhu, sisizwa umbono osethulela abagibeli abagibele amahhashi—hhayi amahhashi avamile kodwa anemibala ehlukahlukene.

Okokuqala, kukhona ihhashi elimhlophe qwa, elifanekisela impi kaJesu Kristu yokulunga. Kube sekulandela elibomvu okomlilo, elimelela impi phakathi kwezizwe. Leli hhashi lilandelwa elimnyama, elifanekisela indlala. Ngemva kwalokho sibona “ihhashi eliphaphathekile; oligibele wayenegama elithi, ukuFa.” (IsAmbulo 6:1-8) Umbala wehhashi ngalinye ungabangela umuzwa ohambisana nalokho okufanekiselwa yilelo hhashi. Kulula ukuwakhumbula la mahhashi anemibala nalokho asifundisa kona ngosuku lwethu.

Ziningi izibonelo eBhayibhelini zokusetshenziswa kombala ukuze kudwetshwe imifanekiso ecacile yamazwi. Yebo, uMdali wokukhanya, umbala neso lomuntu, usebenzisa umbala ngobungcweti njengethuluzi lokufundisa ukuze akhe imifanekiso eqondakalayo nekhumbulekayo kubafundi. Umbala usisiza siqoqe futhi sihlaziye ukwaziswa. Umbala uthinta imizwelo yethu. Umbala ungasisiza sikhumbule imiqondo ebalulekile. Umbala uyisipho sothando esivela kuMdali wethu sokusisiza sijabulele ukuphila.

Ngemva kokuba uNowa nomndeni wakhe bephume emkhunjini, uNkulunkulu wababonisa uthingo olumibalabala njengophawu lwesethembiso saKhe sokuthi ngeke aphinde abhubhise abantu ngozamcolo. Lolo phawu oluhle nolungenakulibaleka kumelwe ukuthi lwahlala lugqamile ezingqondweni zabo ngenxa yemibala yalo.—Genesise 9:12-17.

Abantu abakholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo bangase bazibuze ukuthi kungani abantu benekhono lokuhlukanisa izinhlobonhlobo zemibala, ngoba ikhono lokubona imibala alidingeki ukuze baphile. Nokho, uma sivuma ukuthi uMdali wasidala saba nekhono lokujabulela ukubona imibala eminingi kangaka, lokhu sikubheka njengesipho sothando esihloselwe ukusisiza sijabulele ukuphila.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela