Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w14 6/1 k. 16
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UNkulunkulu Uthembisa Ukuthi Lisekhona Ithemba Ngomhlaba
    I-Phaphama!—2023
  • Isipho Saphakade Esivela KuMdali
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Iplanethi Yezinto Eziphilayo
    Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa?
  • Kulo Magazini I-Phaphama!
    I-Phaphama!—2023
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
w14 6/1 k. 16

IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI

Ingabe iplanethi yethu inenjongo?

Insizwa icabanga ngemibala ehlukahlukene endalweni

Umhlaba wawudalelwe ukuba ube ikhaya elijabulisayo lesintu

Iplanethi yethu yenziwe ngendlela ekhethekile ukuze isekele ukuphila. Inamanzi anele afeza indima ebalulekile ekuphileni. Ukutsheka, nokujikeleza komhlaba kwenzeka ngendlela efanele ukuze izilwandle zingabi yiqhwa noma zishise kakhulu zize zihwamuke. Isibhakabhaka nozibuthe womhlaba kuvikela umhlaba emisebeni ebulalayo. Isimiso esisodwa esikhulu sokuphila esinezinto ezincike kwenye nenye sezitshalo nezilwane emhlabeni siyamangalisa. Ngenxa yalokho, abantu abaningi baye baphetha ngokuthi iplanethi yethu yenziwa ngenjongo.​—Funda u-Isaya 45:18.

Kodwa ungase uzibuze: ‘Ingabe ukuhlupheka nokungabi nabulungisa kuyingxenye yaleyo njongo?’​—Funda uDuteronomi 32:​4, 5.

Ingabe injongo ngomhlaba iyofezeka?

Umhlaba wawudalelwe ukuba ube yikhaya elijabulisayo labantu abahloniphanayo nabathanda uMdali wabo. Ngakho, ukuphila komuntu kunenjongo enkulu kakhulu kuneyezitshalo noma izilwane. Thina singakwazi ukuqonda ukuthi ungubani uMdali wethu futhi sazise siphinde silingise uthando nobulungisa bakhe.​—Funda umShumayeli 12:13; Mika 6:8.

UMenzi wethu angafeza konke ahlose ukukwenza. Ngakho singaqiniseka ngokuthi uyoqeda ukuhlupheka nokungabi nabulungisa futhi enze iplanethi yethu ibe yikhaya elijabulisayo lesintu.​—Funda iHubo 37:​11, 29; Isaya 55:11.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 3 sencwadi enyatheliswa oFakazi BakaJehova

Iyatholakala nasengosini ethi www.pr2711.com/zu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela