Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w14 8/1 k. 5
  • UNkulunkulu Uyakuqonda

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UNkulunkulu Uyakuqonda
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJehova Usazi Kahle!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Ingabe UNkulunkulu Uyakwazi Ngempela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Ingabe UNkulunkulu Ukwazi Ngempela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2018
  • Senziwe Ngokumangalisayo
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2016
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
w14 8/1 k. 5

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | INGABE UNKULUNKULU UYAKUKHATHALELA?

UNkulunkulu Uyakuqonda

“O Jehova, ungihlolisisile, futhi uyangazi.”—IHUBO 139:1.

I-DNA nombungu

“Amehlo akho abona ngisho nombungu wami.”—IHUBO 139:16

OKWENZA ABANYE BANGABAZE: Abantu abaningi banomuzwa wokuthi uNkulunkulu ubheka abantu njengezoni kuphela—abantu abangahlanzekile futhi abangakufanelekeli ukukhathalelwa nguye. UKendra, owayephethwe isifo sokucindezeleka, wazizwa enecala ngenxa yokuthi wayengakwazi ukuphila ngokuvumelana nemithetho kaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, wathi, “Ngayeka ukuthandaza.”

LOKHO OKUFUNDISWA IZWI LIKANKULUNKULU: UJehova ubheka ngalé kokungapheleli kwakho futhi uqonda lokhu oyikho ngempela. IBhayibheli lithi, “Uyakwazi ukwakheka kwethu, ekhumbula ukuthi siluthuli.” Ngaphezu kwalokho, akasebenzelani nathi “ngokwezono zethu” kodwa usithethelela ngesihe lapho siphenduka.—IHubo 103:10, 14.

Cabanga ngoDavide, iNkosi yakwa-Israyeli okukhulunywe ngayo esihlokweni sokuqala salo magazini. Lapho ethandaza kuNkulunkulu, uDavide wathi: “Amehlo akho abona ngisho nombungu wami, futhi zonke izingxenye zawo zazilotshiwe phansi encwadini yakho. . . O Nkulunkulu ngihlolisise, wazi inhliziyo yami.” (IHubo 139:16, 23) Yebo, uDavide wayeqiniseka ngokuthi nakuba ayenza izono—ngezinye izikhathi enza izono ezinkulu—uJehova wayekwazi ukuyibona inhliziyo yakhe ephendukile.

UJehova ukuqonda kangcono ngaphezu kwanoma ubani. IBhayibheli lithi, “Umuntu nje ubona okubonakala emehlweni; kodwa uJehova yena, ubona lokho inhliziyo eyikho.” (1 Samuweli 16:7) UNkulunkulu uyazi ukuthi kungani wenza izinto ngendlela ozenza ngayo. Wazi indlela ufuzo, indlela okhule ngayo, indawo ohlala kuyo, nobuntu bakho okwakha ngayo uhlobo lomuntu oyilo. Uyalubona futhi uyalwazisa uhlobo lomuntu olwela ukuba yilo, ngisho noma uwenza amaphutha.

Nokho, uNkulunkulu uyisebenzisa kanjani indlela ephakeme aqonda ngayo ‘uhlobo lomuntu onguye’ ukuze akududuze?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela