AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | AMAHUBO 135-141
Senziwe Ngokumangalisayo
UDavide wazindla ngobufakazi bezimfanelo ezinhle zikaNkulunkulu ezibonakala endalweni yaKhe. Wakusebenzisa ngokuqiniseka ukuphila kwakhe ukuze akhonze uJehova.
Lapho uDavide ecabanga ngokujulile ngendalo, washukumiseleka ukuba adumise uJehova:
“Ngizokudumisa ngoba ngenziwe ngokumangalisayo ngendlela eyesabekayo”
“Amathambo ami ayengafihlekile kuwe lapho ngenziwa ekusithekeni, lapho ngelukwa ezingxenyeni eziphansi impela zomhlaba”
“Amehlo akho abona ngisho nombungu wami, futhi zonke izingxenye zawo zazilotshiwe phansi encwadini yakho”