Vumelani UJehova Aqinise Futhi Aqaphe Umshado Wenu
“Ngaphandle kokuba uJehova ngokwakhe ewuqapha umuzi, akusizi ngalutho ukuthi umqaphi uhlalé ephapheme.”—IHU. 127:1b.
1, 2. (a) Kungani ama-Israyeli angu-24 000 aphuthelwa izibusiso ezinhle? (b) Kungani leso senzakalo sasendulo sibalulekile kithi?
NGAPHAMBI nje kokuba isizwe sakwa-Israyeli singene eZweni Lesithembiso, amadoda angamashumi ezinkulungwane ‘aziphatha kabi namadodakazi akwaMowabi.’ Ngenxa yalokho, uJehova wabhubhisa angu-24 000. Cabanga nje—kwase kuseduze kakhulu ukuba ama-Israyeli athole ifa ayelithenjiswe kudala, kodwa aphuthelwa izibusiso ezinhle ngenxa yokuwela esilingweni.—Num. 25:1-5, 9.
2 Leyo nhlekelele eyisibonelo yalotshelwa ‘ukuba ibe yisixwayiso kithi esesifikelwe ukuphela kwezimiso zezinto.’ (1 Kor. 10:6-11) Manje njengoba sezingasekupheleni ‘kwezinsuku zokugcina,’ izinceku zikaNkulunkulu zisonqeqemeni lwezwe elisha lokulunga. (2 Thim. 3:1; 2 Pet. 3:13) Nokho, kuyadabukisa ukuthi abanye babakhulekeli bakaJehova baye bayeka ukuqapha. Baye babanjwa ugibe lokuziphatha okubi futhi bavuna imiphumela yako ebuhlungu. Basengozini yokuphuthelwa izibusiso zaphakade.
3. Kungani imibhangqwana eshadile idinga isiqondiso nesivikelo sikaJehova? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)
3 Ngenxa yokwanda kokuziphatha okubi namuhla, amadoda nabafazi badinga isiqondiso nesivikelo sikaJehova ukuze imizamo yabo yokuqapha imishado yabo ingabi yize. (Funda iHubo 127:1.) Sizoxoxa ngendlela imibhangqwana engaqinisa ngayo imishado yayo ngokuqapha izinhliziyo zayo, ngokusondela kuNkulunkulu, ngokugqoka ubuntu obusha, ngokulondoloza ukukhulumisana okwakhayo nangokunikana okufanele omunye nomunye.
QAPHA INHLIZIYO YAKHO
4. Yini eholele amanye amaKristu ekwenzeni okubi?
4 Kwenzeka kanjani ukuba umKristu awele ekuziphatheni okubi? Inkambo yokuziphatha okubi eholela enhlekeleleni ivame ukuqala ngalokho umuntu akubonayo. UJesu wachaza: “Wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane aze amkhanuke, usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe.” (Math. 5:27, 28; 2 Pet. 2:14) AmaKristu amaningi awelé ekwenzeni okubi aye akwenza buthaka ukuzimisela kwawo ukulondoloza ukuziphatha okuhle ngokubuka izithombe zobulili ezingcolile, ngokufunda izincwadi ezivusa inkanuko noma ngokubuka ezinye izinto ezingamanyala kuyi-Internet. Amanye aye azijabulisa ngokubuka amabhayisikobho, imidlalo yaseshashalazini noma izinhlelo zethelevishini ezibonisa ubulili ingcaca. Amanye aye aya ema-nightclub nasezindaweni zabadansi abakhumulayo (strip shows) noma ezikhungweni zokubhucungwa ngendlela eyanelisa inkanuko.
5. Kungani kudingeka siqaphe izinhliziyo zethu?
5 Amanye amaKristu awela esilingweni ngokufuna ukunakwa umuntu ongafanele. Kuleli zwe elingenakuzibamba nelijatshuliswa ukuziphatha okubi kwazo zonke izinhlobo, kulula kakhulu ukuba inhliziyo ekhohlisayo neyenza ngokuphelelwa ithemba iqale ukuba nemizwa yothando ngomuntu ongashadile naye. (Funda uJeremiya 17:9, 10.) UJesu wathi: “Enhliziyweni kuvela imicabango emibi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe.”—Math. 15:19.
6, 7. (a) Inhliziyo ekhohlisayo ingaholela umuntu kuyiphi inkambo yesono? (b) Inkambo eholela ekuziphatheni okubi ingagwenywa kanjani?
6 Lapho nje izifiso ezimbi sezigxilile ezinhliziyweni zabo ezikhohlisayo, abantu ababili abakhanganayo bangase bazithole sebexoxa ngezindaba obekufanele bazixoxe kuphela nalabo abashade nabo. Kungakabiphi, benza amathuba engeziwe okuba ndawonye futhi zivame nezikhathi abahlangana ngazo ezibonakala zithuke zaqondana. Njengoba imizwa yabo ngomunye nomunye iya ikhula, kuba buthaka ukuzimisela kwabo ukulondoloza ukuziphatha okuhle. Njengoba beqhubeka kule nkambo eholela esonweni, kuba nzima ngokwengeziwe ukuyeka ngisho noma bazi ukuthi abakwenzayo kubi.—IzAga 7:21, 22.
7 Kancane kancane, amandla abo angokomoya okuzithiba ayancipha njengoba izifiso ezimbi namazwi angafanele kuholela ekubambaneni ngezandla, ekuqabulaneni, ekuwotawotaneni, ekuphululaneni okukhulu okuvusa inkanuko nakwezinye izenzo zokubonisana uthando, zonke obekufanele bazenze kuphela nabantu abashade nabo. Ekugcineni, ‘bahehwa futhi bahungwe yisifiso sabo’ njengokungathi babanjwa ngodobo. Lapho isifiso sesakhekile, “sizala isono”—kule ndaba, ubufebe. (Jak. 1:14, 15) Yeka inhlekelele! Yonke le nkambo eholele ekuziphatheni okubi ibingagwenywa ukube bobabili bebevumele uJehova ukuba aqinise inhlonipho yabo ngobungcwele bomshado. Kodwa kanjani?
QHUBEKA USONDELA KUNKULUNKULU
8. Ukuba umngane kaJehova kusivikela kanjani ekuziphatheni okubi?
8 Funda iHubo 97:10. Ukuba umngane kaJehova kuyisivikelo esibaluleke kakhulu ekuziphatheni okubi. Njengoba sifunda ngezimfanelo zikaNkulunkulu ezithandekayo futhi sizama ‘ukuba abalingisi baKhe, njengabantwana abathandekayo, futhi siqhubeka sihamba othandweni,’ siyothola amandla okulahla “ubufebe nokungcola kwazo zonke izinhlobo.” (Efe. 5:1-4) Njengoba yazi ukuthi “uNkulunkulu uyozahlulela izifebe neziphingi,” imibhangqwana eshadile iyazikhandla ukuze yenze imishado yayo ibe ehloniphekile nengangcolisiwe.—Heb. 13:4.
9. (a) UJosefa wamelana kanjani nesilingo sokuziphatha okubi? (b) Iziphi izifundo esingazifunda esibonelweni sikaJosefa?
9 Ezinye zezinceku zikaNkulunkulu ezithembekile ziye zakwenza buthaka ukuzimisela kwazo ukulondoloza ukuziphatha okuhle ngokuzihlanganisa nabantu ezisebenza nabo abangebona oFakazi ngemva kwesikhathi somsebenzi. Izilingo zingavela ngisho nangesikhathi somsebenzi. UJosefa, insizwa ebukekayo, wayesemsebenzini lapho eqaphela ukuthi umkamqashi wakhe wayekhangwa kakhulu nguye. Wazama nsuku zonke ukumyenga. Ekugcineni, “wambamba ngengubo, wathi: ‘Lala nami!’” Kodwa uJosefa wakwazi ukumbalekela. Yini eyasiza uJosefa ukuba angayekethisi ekuzimiseleni kwakhe ukulondoloza ukuziphatha okuhle kuleso simo esilingayo? Into eyamsiza waqapha ubumsulwa nobuqotho bakhe kwaba ukuzimisela kwakhe ngokuqinile ukungalimazi ubuhlobo bakhe noNkulunkulu. Ngenxa yokuma kwakhe okuqinile, walahlekelwa umsebenzi futhi waboshwa ngokungafanele, kodwa uJehova wambusisa. (Gen. 39:1-12; 41:38-43) Kungakhathaliseki ukuthi asemsebenzini noma kwenye indawo, amaKristu kudingeka akugweme ukuzifaka esimweni esilingayo nabantu angashadile nabo.
GQOKA UBUNTU OBUSHA
10. Ubuntu obusha busivikela kanjani ekuziphatheni okubi?
10 Ngenxa yokuthi ubuntu obusha ‘budalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokuthembeka,’ bubaluleke kakhulu ekuqiniseni ingokomoya labantu abashadile. (Efe. 4:24) Labo abagqoka lobu buntu obusha ‘babulala amalungu emizimba yabo asemhlabeni ngokuqondene nobufebe, ukungcola, isifiso sobulili, isifiso esilimazayo nokuhaha.’ (Funda eyabaseKolose 3:5, 6.) Igama elithi “bulalani” libonisa ukuthi kumelwe sithathe izinyathelo ezinqala ukuze silwe nezifiso zenyama zokuziphatha okubi. Siyogwema noma yini engase isivusele isifiso sobulili ngomuntu esingashadile naye. (Jobe 31:1) Njengoba sivumelanisa ukuphila kwethu nentando kaNkulunkulu, sifunda ‘ukwenyanya okubi, sibambelele kokuhle.’—Roma 12:2, 9.
11. Ubuntu obusha bungawuqinisa kanjani umshado?
11 Ubuntu obusha bubonakalisa ‘umfanekiso waLowo owabudala,’ uJehova ngokwakhe. (Kol. 3:10) Yeka izibusiso indoda nomfazi abazitholayo lapho beqinisa ukuzimisela kwabo ukulondoloza ukuziphatha okuhle ngokugqoka “uthando lomzwelo, umusa, ukuthobeka, ubumnene nokubekezela”! (Kol. 3:12) Lapho bevumela ‘ukuthula kukaKristu kulawule ezinhliziyweni zabo,’ baba nokuzwana okukhulu emshadweni. (Kol. 3:15) Yeka indlela imibhangqwana ezuza ngayo ‘ngokuthandana’! Ithola injabulo ngokuthatha isinyathelo kuqala “ekubonisaneni udumo.”—Roma 12:10.
12. Iziphi izimfanelo ozibheka njengezibalulekile emshadweni ojabulisayo?
12 Lapho ebuzwa ukuthi iziphi izimfanelo ezinomthelela ekwenzeni umshado wabo ujabulise, uSid wathi: “Imfanelo eyinhloko ebesilokhu sisebenzela kuyo uthando. Sithole ukuthi nobumnene bubaluleke kakhulu.” Umkakhe, uSonja, uyavuma anezele: “Umusa uyimfanelo ebalulekile impela. Siye sazama nokubonisa ukuthobeka, nakuba kungelula ngaso sonke isikhathi.”
LONDOLOZANI UKUKHULUMISANA OKWAKHAYO
13. Siyini isihluthulelo somshado ozinzile, futhi ngani?
13 Ngokungangabazeki, amazwi anomusa angesinye sezihluthulelo zomshado ozinzile. Yeka indlela okungadabukisa ngayo uma abantu abashadile bekhulumisana ngendlela engenanhlonipho, into abangayenzi kubantu abangabazi noma ngisho nasezilwaneni abazithandayo abazifuyile! Lapho imibhangqwana ikhuluma ‘ngokufutheka okubi nentukuthelo nolaka nokuklabalasa nokuhlambalaza,’ iyenza buthaka imishado yayo. (Efe. 4:31) Kunokwenza imishado yayo ibe buthaka ngokuhlale igxekana noma ibhuqana kabuhlungu, imibhangqwana kudingeka iqinise ubuhlobo bayo ngamazwi anomusa, isisa nobubele.—Efe. 4:32.
14. Iziphi izenzo okuwukuhlakanipha ukuzigwema?
14 IBhayibheli lithi ‘kunesikhathi sokuthula.’ (UmSh. 3:7) Lokhu akusho ukuthi kufanele siqudule, okwenza kube nzima ukukhulumisana. Inkosikazi ethile eJalimane ithi: “Ezimweni ezinjalo, ukuthula kungamlimaza oshade naye.” Nokho, iyanezela: “Ngisho noma kungelula njalo ukuzigcina uzolile esimweni esicindezelayo, akukuhle ukuvele ukhiphe intukuthelo obuyibambile. Uma wenza kanjalo, uyaphahluka usho noma wenze into engamlimaza oshade naye, okumane kwenze isimo sishube nakakhulu.” Indoda nomfazi vele abanakuzixazulula izinkinga zabo ngokuklabalasa noma ngokuqudulelana. Kunalokho, umshado wabo bawuqinisa ngokukhetha ukuba bangavumeli ukungaboni ngaso linye kube umkhuba noma kube izingxabano ezingapheli.
15. Ukukhulumisana okuhle kungawuqinisa kanjani umshado?
15 Lapho imibhangqwana izinika isikhathi sokuvezelana imizwa nemibono yayo, umshado uyaqina. Kubalulekile ukucabangisisa ngalokho esikushoyo nangendlela esikusho ngayo. Ngakho-ke, ngisho nasezimweni ezinzima, zama ukuba nomusa kokushoyo, kokubili ngesimo sezwi nangokubala amazwi akho. Kanjalo uyokwenza kube lula kakhudlwana ngoshade naye ukukulalela. (Funda eyabaseKolose 4:6.) Indoda nomfazi bangawuqinisa umshado wabo ngokukhulumisana okuhle, bakhulume “izwi elakhayo kuye ngokwesidingo, ukuze lidlulisele okuhle” komunye.—Efe. 4:29.
Indoda nomfazi bangaqinisa umshado wabo ngokukhulumisana okuhle (Bheka isigaba 15)
NIKA UMNGANE WAKHO WOMSHADO OKUMFANELE
16, 17. Kungani kubalulekile ukuba abashadile bakhathalele izidingo ezingokomzwelo nezobulili zomunye nomunye?
16 Abashadile bangaqinisa imishado yabo nangokufuna ukwenza okuyozuzisa omunye, babeke izithakazelo zakhe kuqala. (Fil. 2:3, 4) Amadoda nabafazi kudingeka bakhathalele izidingo ezingokomzwelo nezobulili zomunye nomunye.—Funda eyoku-1 Korinte 7:3, 4.
17 Ngokudabukisayo, abanye abashadile bayakugwema ukubonisana uthando noma ukusondelana ngokobulili, futhi amanye amadoda abheka ukuba nesisa njengokungebona ubudoda. IBhayibheli lithi: “Nina madoda kufanele nizame ukuqonda omkenu enihlala nabo.” (1 Pet. 3:7, Phillips) Indoda kudingeka iqonde ukuthi ukunika umkayo okumfanele kuhilela okungaphezu kokuhlanganyela ubulili naye. Umfazi cishe uyokujabulela kakhudlwana ukusondelana nomyeni wakhe uma embonisa uthando nangezinye izikhathi ngaphandle kwalapho behlanganyela ubulili. Lapho bobabili bebonisa ukucabangelana ngothando, cishe ayoba maningi amathuba okuba banelisane ngokomzwelo nangokobulili.
18. Amadoda nabafazi bangayiqinisa kanjani imishado yabo?
18 Nakuba singekho isizathu sokuthethelela ukungathembeki emshadweni, ukuntula isisa kungaba nomthelela ekwenzeni oshade naye afune ukuthandana nokusondelana nomunye umuntu. (IzAga 5:18; UmSh. 9:9) Ngakho-ke, iBhayibheli linxusa abashadile: “Ningagodlelani [lokho okufanele abangane benu bomshado], ngaphandle kokuba kungokuvumelana isikhathi esithile esimisiwe.” Ngani? “Ukuze uSathane angahlali enilinga ngenxa yokuntula kwenu ukuzithiba.” (1 Kor. 7:5) Yeka indlela okungadabukisa ngayo uma abashadile bengavumela uSathane ukuba asizakale ‘ngenxa yokuntula kwabo ukuzithiba’ futhi abangele ukuba omunye wabo awele esilingweni, aphinge! Ngokuphambene, lapho ngamunye emshadweni ‘engazifuneli inzuzo yakhe siqu, kodwa eyomunye umuntu’ futhi enika umngane wakhe okumfanele njengesibonakaliso sothando hhayi njengesibopho, ubuhlobo bobulili obunothando bungawuqinisa umshado.—1 Kor. 10:24.
QHUBEKANI NIQAPHA UMSHADO WENU
19. Yini okufanele sizimisele ukuyenza, futhi ngani?
19 Sisonqenqemeni lomhlaba omusha wokulunga. Yingakho ukuvumela ukunqotshwa izifiso zenyama kungasidalela inhlekelele njengoba kwenzeka kuma-Israyeli angu-24 000 emaThafeni akwaMowabi. Ngemva kokulandisa leso senzakalo esidumazayo nesidabukisayo, iZwi likaNkulunkulu liyaxwayisa: “Lowo ocabanga ukuthi umile makaqaphele angawi.” (1 Kor. 10:12) Yeka indlela okubaluleke ngayo-ke ukuba siqinise imishado yethu ngokuhlale sithembekile kuBaba wethu osezulwini nakwesishade nabo. (Math. 19:5, 6) Manje kunanini ngaphambili, kudingeka ‘senze konke okusemandleni ethu ukuba ekugcineni asithole singenabala, singenasici futhi sisekuthuleni.’—2 Pet. 3:13, 14.