Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w15 6/1 kk. 6-7
  • Kunezinto Isayensi Engenakuziqonda

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kunezinto Isayensi Engenakuziqonda
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Isayensi Ekuthinta Ngayo Ukuphila Kwakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Umkhathi Nokuphila Kwavela Kanjani?
    I-Phaphama!—2002
  • Ukuvumelanisa Isayensi Nenkolo
    I-Phaphama!—2002
  • Ungayethemba Kangakanani Isayensi?
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
w15 6/1 kk. 6-7
Usosayensi endaweni asebenzela kuyo

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | INGABE ISAYENSI ISITHATHE ISIKHUNDLA SEBHAYIBHELI?

Kunezinto Isayensi Engenakuziqonda

Eminyakeni yamuva, kuye kwabhalwa izincwadi eziningana eziveza imibono yalabo abakholelwa ukuthi uNkulunkulu akekho. Lezi zincwadi ziye zafundwa abantu abaningi futhi zabangela izingxoxo nezimpikiswano eziningi. Ngokuphathelene nalokhu, uDavid Eagleman, isazi sokusebenza kwezinzwa, wabhala: “Abanye abafundi bacabanga ukuthi ososayensi bazi konke.” Wabe esenezela: “Kodwa ososayensi bangempela bahlale befuna ukufunda izinto ezintsha futhi umlando ubonisa ukuthi bebelokhu bethola izinto ezintsha abangazilindele.”

Usosayensi ofunda izinkanyezi usebenzisa isibonakude

Kusukela endulo, ososayensi abanekhono baye bathola izinto ababengazilindele njengoba befuna izimpendulo eziyindida ngendalo. Nokho, abanye baye benza amaphutha amakhulu njengoba befuna izimpendulo. U-Isaac Newton, ongomunye wososayensi abaqavile emlandweni, wabonisa indlela amandla adonsela phansi ahlanganisa ngayo amaplanethi, izinkanyezi kanye nemithala ukuze kwakheke imbulunga yonke. Wasungula i-calculus, uhlobo lwezibalo olusetshenziswa ekuklanyweni kwama-computer, ekuthunyelweni kwezinto emkhathini kanye nasemkhakheni wesayensi yenuzi. Nokho, uNewton waphinde wafunda isayensi yokwakhiwa kwemithi okuyisayensi eyayingasekelwe ebufakazini obuyiqiniso eyayisebenzisa ukufundwa kwezinkanyezi kanye nemithi yemilingo ukuze kushintshwe ezinye izinsimbi zibe yigolide.

Eminyakeni engaphezu kuka-1 500 ngaphambi kwesikhathi sikaNewton, uPtolemy, isazi sezinkanyezi esingumGreki, wacwaninga isibhakabhaka ngamehlo nje kuphela. Wakwazi ukuthola amaplanethi asesibhakabhakeni ebusuku futhi wayenekhono lokudweba ibalazwe. Nokho wayekholelwa ukuthi zonke ezinye izinto ezisemkhathini zijikeleza umhlaba. UCarl Sagan usosayensi ofunda amaplanethi nezinkanyezi wabhala lokhu ngoPtolemy: Inkolelo yakhe ethi zonke ezinye izinto zijikeleza umhlaba yahlala iminyaka engu-1 500, lokho kuyisikhumbuzo sokuthi umuntu ohlakaniphe kakhulu naye angalenza iphutha.

Usosayensi ufunda iBhayibheli

Namuhla ososayensi babhekana nezinselele ezifanayo emizamweni yabo yokuthola ulwazi. Ingabe bayoke baziqonde ngokuphelele zonke izinto ezikhona? Nakuba kufaneleka ukwamukela intuthuko eyenziwe isayensi nezinzuzo eye yasilethela zona, kubalulekile nokukhumbula ukuthi kunezinto ososayensi abangenakuziqonda. UPaul Davies ongusosayensi waphawula: “Ukufunwa kwencazelo eyodwa ephelele engachaza yonke into ngendalo ngeke kuphumelele.” La mazwi aveza iqiniso elingenakuphikwa: Abantu abasoze bayiqonda ngokuphelele indalo. Ngakho lapho abantu bethi isayensi inganikeza incazelo enembile ngokuphathelene nezinto ezikhona, kuhle sikuhlolisise okushiwoyo ngaphambi kokukukholelwa.

Kuyacaca ukuthi iBhayibheli lisizuzisa kakhulu uma liqathaniswa nesayensi

IBhayibheli lisho lokhu ngendalo ebabazekayo: “Bheka! Lawa amaphethelo ezindlela [zikaNkulunkulu], yeka ukuthi okuzwakele ngaye kuwumnyenyezo omncane kangakanani wendaba!” (Jobe 26:14) Luningi ulwazi abantu abangenakulufinyelela nabangenakuluqonda. Yingakho amazwi alotshwa umphostoli uPawulu eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule aseyiqiniso namanje: “O ukujula kwengcebo nokuhlakanipha nolwazi lukaNkulunkulu! Yeka ukuthi zingezingaphenyeki kanjani izahlulelo zakhe nokuthi zingezingenakuthungathwa kanjani izindlela zakhe!”—Roma 11:33.

Isiqondiso Esingenakusithola Kuyisayensi

Isayensi inikeza ulwazi ngomhlaba kanti iBhayibheli linikeza izimiso neziqondiso ezenza ukuba abantu baphile ngokuthula, bajabule futhi baneliseke. Cabanga nganazi izibonelo ezilandelayo.

  • Isandla esibonisa ukuthi yima

    Ukunqanda Ubugebengu

    Hlonipha ukuphila

    “Ungabulali.”—Eksodusi 20:13.

    “Wonke umuntu ozonda umfowabo ungumbulali.”—1 Johane 3:15.

    Yenza futhi ugcine ukuthula

    “Fulathela okubi, wenze okuhle; Funa ukuthola ukuthula, ukuphishekele.”—IHubo 34:14.

    “Ngaphezu kwalokho, imbewu yesithelo sokulunga ihlwanyelwa ngaphansi kwezimo zokuthula kulabo abenza ukuthula.”—Jakobe 3:18.

    Gwema ubudlova

    “UJehova ngokwakhe uhlola olungile kanye nomubi, Futhi ngokuqinisekile umphefumulo wakhe uyamzonda umuntu othanda ubudlova.”—IHubo 11:5.

    “Ungabi nomona ngomuntu wobudlova, noma ukhethe noma iyiphi yezindlela zakhe. Ngoba umuntu okhohlisayo uyinto enengekayo kuJehova.”—IzAga 3:31, 32.

  • Umndeni

    Ukwenza Umndeni Ujabule

    Lalela abazali bakho

    “Bantwana, lalelani abazali benu abanobunye neNkosi, ngoba lokhu kulungile, ukuthi: ‘Hlonipha uyihlo nonyoko’; okuwumyalo wokuqala onalesi sithembiso: ‘Ukuze kukuhambele kahle futhi uhlale isikhathi eside emhlabeni.’”—Efesu 6:1-3.

    Zifundise kahle izingane zakho

    “Nani bobaba, ningabacasuli abantwana benu, kodwa qhubekani nibakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.”—Efesu 6:4.

    “Nina bobaba, ningabathukuthelisi abantwana benu, ukuze bangadangali.”—Kolose 3:21.

    Thanda futhi uhloniphe umuntu oshade naye

    “Yilowo nalowo kini makamthande kanjalo umkakhe njengoba ezithanda yena; ngakolunye uhlangothi, umfazi kufanele abe nenhlonipho ejulile ngomyeni wakhe.”—Efesu 5:33.

  • Isihlahla

    Ukuvikelwa kwemvelo

    Ngokuphathelene nezinto ezihlukahlukene ezazingcolisa umhlaba ngesikhathi sakwa-Israyeli wasendulo, iBhayibheli lithi: “Lona kanye izwe lingcolisiwe ngaphansi kwabakhileyo kulo . . . Labo abahlala kulo babhekwa njengabanecala.” (Isaya 24:5, 6) Bonke abantu abalimaza indalo bayolandisa kuNkulunkulu. ‘Uyochitha abachitha umhlaba.’ (IsAmbulo 11:18) Nakanjani bayojeziswa ngenxa yezenzo zabo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela