Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp16 No. 1 k. 15
  • Ungakhathazeki

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungakhathazeki
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Mathewu 6:34—“Ningakhathazeki Ngekusasa”
    Amavesi EBhayibheli Ayachazwa
  • Phila Unombono Wekusasa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Ngingabhekana Kanjani Nokukhathazeka?
    Intsha Iyabuza
  • Phonsa Zonke Izinkathazo Zakho Phezu KukaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
wp16 No. 1 k. 15

UKUHLAKANIPHA KWASENDULO OKUSASEBENZA NANAMUHLA

Ungakhathazeki

ISIMISO SEBHAYIBHELI: “Yekani ukukhathazeka ngemiphefumulo yenu.”​—Mathewu 6:25.

Owesifazane ukhathazekile njengoba ebuka irisidi

Kusho ukuthini? UJesu washo la mazwi eNtshumayelweni yakhe Yasentabeni. Ngokwesinye isichazamazwi seBhayibheli, isenzo sesiGreki esithi “ukukhathazeka” singabhekisela “endleleni engokwemvelo umuntu asabela ngayo lapho ebhekene nobumpofu, indlala nezinye izinkinga abhekana nazo nsuku zonke.” Ngokuvamile ukukhathazeka kuhlanganisa ukuba nexhala ngezinto ezingahle zenzeke esikhathini esizayo. Kungokwemvelo futhi kuyafaneleka ukukhathazeka ngezidingo zethu nangenhlalakahle yalabo esibathandayo. (Filipi 2:20) Kodwa lapho uJesu ethi “ningalokothi nikhathazeke” wayeluleka abalandeli bakhe ukuba bagweme ukukhathazeka nokwesaba ikusasa ngokweqile kangangokuba bahluleke ukujabulela ukuphila.​—Mathewu 6:​31, 34.

Ingabe lokho kuyasebenza namuhla? Senza ngokuhlakanipha lapho silalela iseluleko sikaJesu. Kungani? Ezinye izincwadi zibonisa ukuthi lapho abantu bekhathazeka kakhulu, izinzwa ezibenza basabele ezimweni eziyingozi zihlale zisebenza futhi lokhu kuhlotshaniswa nezinkinga zempilo ezihlanganisa izilonda ezingaphakathi, isifo senhliziyo nesifuba.

UJesu wanikeza isizathu esinamandla sokugwema ukukhathazeka: Akusizi ngalutho. UJesu wabuza, “Ubani kini ongathi ngokukhathazeka anezele ingalo eyodwa esikhathini sakhe sokuphila.” (Mathewu 6:27) Ukugxila ezinkingeni zethu ngeke kwandise ukuphila kwethu ngisho nangomzuzwana futhi ngeke kukuthuthukise. Ngaphezu kwalokho, akuvamile ukuba kwenzeke lokho ebesicabanga ukuthi kuzokwenzeka. Esinye isazi sathi: “Ukukhathazeka ngekusasa kuwukuchitha isikhathi ngoba kuyethukela kwenzeke lokho ebesikucabanga.”

Owesifazane usebenza engadini

Singakugwema kanjani ukukhathazeka? Okokuqala, thembela kuNkulunkulu. Uma uNkulunkulu ekwazi ukondla izinyoni futhi agqokise izimbali azenze zibe zinhle, angehluleka yini ukunikeza abantu abazinikele kuye ngokuphelele izinto abazidingayo? (Mathewu 6:​25, 26, 28-30) Okwesibili, bhekana nosuku ngalunye. UJesu wathi, “Ningalokothi nikhathazeke ngosuku olulandelayo, ngoba usuku olulandelayo luyoba nezalo izinkathazo.” Awuvumi yini ukuthi “ububi bosuku ngalunye banele lona?”​—Mathewu 6:34.

Ngokulalela iseluleko sikaJesu esihlakaniphile singagwema ukuzilimaza. Ngaphezu kwalokho siyoba nokuthula kwangaphakathi​—iBhayibheli elikubiza ngokuthi “ukuthula kukaNkulunkulu.”​—Filipi 4:​6, 7.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela