Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp16 No. 1 kk. 11-14
  • Indlela Yokunqoba Ukuzizwa Ungalondekile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokunqoba Ukuzizwa Ungalondekile
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IZINKINGA EZIBANGELWA UKUKHULA UNEMIZWA YOKUNGALONDEKI
  • UNKULUNKULU UYASIKHATHALELA
  • IZINDLELA EZINTATHU ZOKUZIZWA SILONDEKILE
  • UKULONDEKA KWABO BONKE ABANTU
  • Kungani Ngizizwa Ngingazethembi Kangaka?
    I-Phaphama!—1990
  • Ukuphila Ngokulondeka Okuhlala Njalo
    I-Phaphama!—1998
  • Kuthiwani Uma Yena Engangithandi?
    I-Phaphama!—1998
  • Awuwedwa Neze, UJehova Unawe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
wp16 No. 1 kk. 11-14
Ubaba ugone indodakazi yakhe

Indlela Yokunqoba Ukuzizwa Ungalondekile

AKEKHO umuntu obukeka engenakuzivikela njengosana olusanda kuzalwa. Ngesikhathi sizalwa sasincike kubazali bethu ngokuphelele ukuze basivikele. Lapho sifunda ukuhamba sahlangana nabantu esingabazi ababebade befana nemidondoshiya. Babesithusa ngaphandle kwalapho sihamba nabazali bethu. Sasizizwa siphephile lapho sibambe isandla sikamama noma sikababa.

Ngesikhathi siseyizingane, impilo nenjabulo yethu yayincike othandweni nasekukhuthazweni abazali bethu. Lapho siqaphela ukuthi abazali bethu bayasithanda, sazizwa silondekile. Lapho besiqinisekisa ngokuthi senza kahle, sazethemba nakakhulu futhi sathuthuka.

Njengoba sikhula, abangane abaseduze nabo basenza sazizwa silondekile. Sasizizwa sikhululekile lapho bekhona futhi basenza sakujabulela ukuya esikoleni.

Ngokuqinisekile, lezo yizimo ezifanele, ingane okumelwe ikhule ngaphansi kwazo. Enye intsha iba nabangane abambalwa futhi izingane eziningi azinakwa ngendlela efanele emakhaya. UMelissaa uthi, “Lapho ngibona izithombe zemindeni enothando yenza izinto ndawonye, ngiye ngithi, ‘Ngifisa sengathi ngabe nami ngakhula kanje.’” Mhlawumbe uzizwa ngendlela efanayo.

IZINKINGA EZIBANGELWA UKUKHULA UNEMIZWA YOKUNGALONDEKI

Mhlawumbe wawungazethembi ngesikhathi usakhula. Mhlawumbe awuzange uthandwe noma ukhuthazwe ngokwanele. Kungenzeka usakhumbula ukuxabana kwabazali bakho okwaholela ekutheni bahlukane​—isehlukaniso okungenzeka unomuzwa wokuthi sabangelwa nguwe. Mhlawumbe okubi nakakhulu omunye wabazali bakho wayesho amagama ahlabayo noma ekushaya kabuhlungu.

Yini engase yenziwe ingane engalondekile? Ezinye izingane zisebenzisa kabi izidakamizwa noma ziphuze ngokweqile lapho zeva eminyakeni eyishumi nambili. Ezinye zijoyina amaqembu ezigebengu ukuze zizizwe zamukelekile. Intsha engalondekile ingase ithandane nomuntu ngoba ifuna ukuthandwa nokunakwa. Kodwa ngokuvamile ubuhlobo obunjalo busheshe buphele futhi ukwehlukana kuyibangela ukuba izizwe ingalondekile nakakhulu.

Intsha ehlukumezekile egwema lezi zinto, nayo ingakhula izibukela phansi. U-Ana uyachaza, “Ngagcina ngiqiniseka ukuthi angiyinto yalutho ngoba umama wayengitshela lokho ngokuphindaphindiwe. Angikhumbuli engincoma noma engibonisa uthando.”

Indlela esikhule ngayo akuyona yodwa ebangela ukuba sizizwe singalondekile. Singase sizizwe singalondekile ngenxa yesehlukaniso esibuhlungu, izinkinga ezibangelwa ukuguga noma ukukhathazeka ngendlela esibukeka ngayo. Ukungalondeki, kungakhathaliseki ukuthi kubangelwa yini, kungabangela ukuba singajabuli futhi kulimaze ubuhlobo bethu nabanye. Yini esingayenza ukuze sinqobe leyo mizwa?

UNKULUNKULU UYASIKHATHALELA

Kumelwe sazi ukuthi usizo luyatholakala. Sonke sinaye umuntu ongasisiza, umuntu ofuna ukusisiza​—uNkulunkulu ngokwakhe.

Lona umyalezo uNkulunkulu awuthumela ngomprofethi wakhe u-Isaya: “Ungesabi, ngoba nginawe. Ungaqalazi ngapha nangapha, ngoba nginguNkulunkulu wakho. Ngizokuqinisa. Impela ngizokusiza. Impela ngizoqhubeka ngikubambé ngokuqinile ngesandla sami sokunene sokulunga.” (Isaya 41:​10, 13) Yeka ukuthi kududuza kanjani ukucabanga ukuthi, ngendlela engokomfanekiso uJehova ufuna ukusibamba ngesandla! Asikho isidingo sokukhathazeka!

IBhayibheli likhuluma ngabakhulekeli bakaNkulunkulu ababekhathazekile kodwa abafunda ukubamba isandla sikaNkulunkulu. UHana unina kaSamuweli wayekholelwa ukuthi uyisehluleki ngenxa yokuthi wayeyinyumba. Ngokuvamile wayegconwa. Ngenxa yalokho, uHana wayengadli futhi ekhala njalo. (1 Samuweli 1:​6, 8) Kodwa ngemva kokuchazela uNkulunkulu indlela azizwa ngayo, wayeka ukuba lusizi.​—1 Samuweli 1:18.

Umhubi uDavide naye wayezizwa engalondekile ngezinye izikhathi. Kwaphela iminyaka eminingi iNkosi uSawule imzingela. UDavide waphunyuka izikhathi eziningana futhi ngezinye izikhathi wayezizwa sengathi ucwila ezinkathazweni zakhe. (IHubo 55:​3-5; 69:1) Nokho, yize ayebhekene nalokhu, wabhala: “Ngiyocambalala ngilale ngokuthula, Ngoba wena wedwa, Jehova, ungenza ngihlale ngokulondeka.”​—IHubo 4:8.

UHana noDavide baphonsa izinkinga zabo ezingokomzwelo kuJehova futhi bathola ukuthi uyabasekela ngempela. (IHubo 55:22) Singabalingisa kanjani namuhla?

IZINDLELA EZINTATHU ZOKUZIZWA SILONDEKILE

1. Funda ukuthembela kuJehova njengoBaba.

Indoda iyazindla njengoba ifunda iBhayibheli

UJesu wasinxusa ukuba sazi uYise, “owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso.” (Johane 17:3) Umphostoli uPawulu wasiqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu ‘akakude kulowo nalowo kithi.’ (IzEnzo 17:27) UJakobe wabhala, “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.”​—Jakobe 4:8.

Ukwazi ukuthi sinoBaba osezulwini osithandayo nosinakekelayo kuyinto ebalulekile esisiza sinqobe ukuzizwa singalondekile. Yiqiniso, kungathatha isikhathi ukumethemba ngale ndlela, kodwa abaningi baye bathola ukuthi ukwenza lokho kuyasiza ngempela. UCaroline uthi, “Lapho uJehova eba uBaba wami, ngaba nomuntu engingamchazela indlela engizizwa ngayo ngempela. Lokho kwangethula umthwalo omkhulu!”

URachel uthi, “UJehova kuphela owangisiza ukuba ngizizwe ngilondekile ngesikhathi ngisele ngedwa ngingenabazali. Ngangikwazi ukukhuluma naye ngimcele ukuba angisize ngezinkinga zami. Wangisiza ngempela.”b

2. Thola umndeni ongokomoya.

Bayaxoxa eHholo LoMbuso

UJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba baphathane njengabafowabo nodadewabo. Wathi kubo: “Nonke nina ningabafowabo bomunye nomunye.” (Mathewu 23:8) Wayefuna ukuba abalandeli bakhe beqiniso bathandane futhi babe umndeni omkhulu ongokomoya.​—Mathewu 12:​48-50; Johane 13:35.

Amabandla oFakazi BakaJehova enza konke okusemandleni ukuze abe yindawo efudumele neduduzayo kubakhulekeli bakaNkulunkulu. (Hebheru 10:​24, 25) Abaningi baye bathola ukuthi imihlangano yebandla ingaba ikhambi elidambisa ubuhlungu obungokomzwelo.

U-Eva uthi, “Nganginomngane okhethekile ebandleni, owayebuqonda ubuhlungu engangibuzwa. Wayengilalela, efunda nami futhi ethandaza nami. Wayeqikelela ukuthi angibi nesizungu. Wayengisiza ukuba ngikhulume ngezinto ukuze ngingacindezeleki. Ngenxa yokungisekela kwakhe, ngaqala ukuzizwa ngilondekile.” URachel uyanezela, “Ngathola ‘umama nobaba’ ebandleni. Bangenze ngazizwa ngithandwa futhi ngilondekile ngempela.”

3. Bonisa uthando nomusa kwabanye.

Ukubonisa uthando nomusa kwabanye kwakha ubuhlobo obuhlala njalo. UJesu wathi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Ngokuqinisekile siyothola ukuthi lapho siqhubeka sibonisa abanye uthando, nathi siyoboniswa uthando. UJesu watshela abafundi bakhe, “Kwenzeni umkhuba ukupha, khona-ke abantu bayonipha.”​—Luka 6:38.

Lapho sithanda futhi sithandwa sizizwa silondekile. Kunjengoba iBhayibheli lisho, “uthando alusoze lwaphela nanini.” (1 Korinte 13:8) UMaría uyavuma, “Ngiyazi ukuthi eminye imicabango emibi engifikelayo ngami ayilona iqiniso. Ukuze ngimelane naleyo micabango ngiyayeka ukucabanga ngami ngisize abanye. Kuhlale kunganelisa ukwenzela abanye izinto.”

Umuntu omdala ohamba ngodondolo usizwa insizwa

UKULONDEKA KWABO BONKE ABANTU

La maphuzu amathathu angenhla awalona ‘ikhambi eliwumlingo’ elixazulula izinkinga ngokushesha zingaphinde zibe khona. Kodwa angenza umehluko omkhulu. UCaroline uyavuma, “Ngisazizwa ngingalondekile. Kodwa manje angisazibukeli phansi. Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu uyangikhathalela futhi nginabangane abaningi abahlale bengenza ngizizwe ngilondekile.” URachel uzizwa ngendlela efanayo. Uthi, “Ngezinye izikhathi ngiye ngidabuke kakhulu. Kodwa nginabafowethu nodadewethu abangokomoya engithola kubo iseluleko, abangisiza ngibe nombono omuhle ngezinto. Ngaphezu kwalokho, nginoBaba osezulwini engikhuluma naye nsuku zonke. Lokho kwenza umehluko omkhulu.”

IBhayibheli likhuluma ngezwe elisha elizayo. Kulo wonke umuntu uyozizwa elondekile

Likhona nekhambi elihlala njalo. IBhayibheli likhuluma ngezwe elisha elizayo. Kulo wonke umuntu uyozizwa elondekile. IZwi likaNkulunkulu liyathembisa: “Bayohlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe, ngeke kube khona obenza bathuthumele.” (Mika 4:4) Ngaleso sikhathi akekho oyosenza sizizwe singavikelekile futhi akekho oyosilimaza. Ngisho nokuhlukumezeka okubangelwe indlela esikhule ngayo ‘ngeke kukhunjulwe.’ (Isaya 65:​17, 25) UNkulunkulu neNdodana yakhe, uKristu uJesu, bayokwenza kube ‘nokulunga kweqiniso.’ Lokho kuyobangela ‘ukuzola nokulondeka kuze kube nini nanini.’​—Isaya 32:17.

a Wonke amagama ashintshiwe.

b OFakazi BakaJehova bafunda iBhayibheli mahhala nabantu abafisa ukusondela kuNkulunkulu.

Ukungalondeki

“Ubaba wayevele ashintshe lapho esephuze ngokweqile futhi abhoke ngolaka. Wayevele abukeke njengempisi engenazwela ezohlasela isisulu sayo. Mina ngangifana nemvu ethukile ezama ukuzifihla nginethemba lokuthi ngeke angibone. Ngangiphila ngale ndlela cishe nsuku zonke.”​—UCaroline ekhumbula indlela akhula ngayo.

“Nganginomuzwa wokuthi akekho umuntu engingamethemba. Kwakubonakala sengathi ngilahlekile, ngiphezulu esiqongweni sentaba ngifuna umuntu ongangisiza, kodwa akekho ongisizayo.”​—U-Eva, owesifazane osanda kuhlukanisa.

“Ubaba wayejwayele ukungithethisa athi: ‘Umubi. Akekho umuntu oyoke akuthande!’ Sekuphele iminyaka ngizama ukuziqinisekisa ngokuthi angiyena umuntu omubi nokuthi abanye bangithanda ngempela. Ngangizizwa njengomdlwane ofake umsila phakathi kwemilenze, ohlale ufuna ukuboniswa uthando, kodwa ongalutholi.”​—UMark, owehliswa isithunzi uyise.

“Ngezinye izikhathi ngiye ngibuke owesifazane omuhle ngimfanise nembali enhle i-orchid abantu abangathanda ukuba nayo emizini yabo. Kodwa ngifana nokhula oluvamile olungathandwa muntu.”​—UMaría, owesifazane osemusha ohlushwa imizwa yokuzenyeza.

“Lapho ngineminyaka engu-12 ubudala, abazali bami bathuthela kwelinye izwe bangishiya nodadewethu ababili abancane okwakumelwe ngibanakekele. Nganginomzwangedwa. Ngangifuna kube nomuntu onginakekelayo owayezongitshela ukuthi ngenza kahle. Kodwa ngangizwa sengathi ngidukuza ebumnyameni. Nakuba ngangiqhubeka nokuphila, ngangifuna indlela yokuphuma kulobu bumnyama. Ngangifuna ukuzizwa ngilondekile futhi ngijabule.”​—URachel, onabazali abasebenza kwelinye izwe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela