Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp16 No. 2 kk. 3-4
  • Ingabe Kwenzeka Ngempela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Kwenzeka Ngempela?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • OKUBONISWA AMAQINISO
  • KUTHIWANI NGOKUVUSWA KUKAJESU?
  • Uvuko LukaJesu​—⁠Lokho Olukushoyo Kithi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • AmaVangeli—Umlando Noma Inganekwane?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Ukuvuswa KukaJesu—Ingabe Kwenzeka Ngempela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Uvuko​—Ithemba Eliqinisekisiwe!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
wp16 No. 2 kk. 3-4
Umzimba kaJesu ususwa esigxotsheni njengoba abafundi bakhe bebuka

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | KUNGANI UJESU AHLUPHEKA FUTHI WAFA

Ingabe Kwenzeka Ngempela?

Ngentwasahlobo ka-33 C.E., uJesu waseNarazetha wabulawa. Wayebekwe icala lokukhuthaza abantu ukuba bavukele umbuso, washaywa ngesihluku futhi wabethelwa esigxotsheni. Wafa ezwa ubuhlungu obukhulu. Kodwa uNkulunkulu wamvusa futhi ngemva kwezinsuku ezingu-40 uJesu wanyukela ezulwini.

Lokhu kulandisa okungavamile kutholakala emaVangelini amane emiBhalo yamaKristu yesiGreki, ngokuvamile abizwa ngokuthi iTestamente Elisha. Ingabe lezo zinto zenzeka ngempela? Lona umbuzo obaluleke kakhulu. Uma zingazange zenzeke, lokho bekuyosho ukuthi ukholo lwamaKristu alusekelwe ndawo futhi ithemba lokuphila phakade ePharadesi ngeke lifezeke. (1 Korinte 15:14) Ngakolunye uhlangothi, uma lezo zenzakalo zenzeka ngempela, lokho kusho ukuthi abantu banekusasa eliqhakazile, nawe ongahlanganyela kulo. Pho, ingabe ukulandisa kwamaVangeli kuyiqiniso noma kuyinganekwane?

OKUBONISWA AMAQINISO

Ngokungafani nezinganekwane ezithandwayo, amaVangeli alotshwa ngokunembile futhi kwanakisiswa ngisho nemininingwane emincane. Ngokwesibonelo, amaVangeli aqukethe amagama ezindawo zangempela, eziningi zazo ongazivakashela nanamuhla. Akhuluma ngabantu abangokoqobo, izazi zomlando eziye zalandisa ngabo.—Luka 3:1, 2, 23.

Ababhali abaziwayo bangekhulu lokuqala nelesibili leminyaka bakhuluma ngoJesu.a Indlela afa ngayo echazwe emaVangelini, ivumelana nendlela amaRoma ayebulala ngayo izelelesi ngaleso sikhathi. Ngaphezu kwalokho, izenzakalo zilandiswe njengoba zinjalo, kwangasala lutho—kuze kulandiswe nangezinto ezimbi ezazenziwa abalandeli bakaJesu. (Mathewu 26:56; Luka 22:24-26; Johane 18:10, 11) Konke lokhu kukufakazela ngokuqinile ukuthi abalobi bamaVangeli babethembekile futhi benembile kulokho ababekuloba ngoJesu.

KUTHIWANI NGOKUVUSWA KUKAJESU?

Nakuba abaningi bevuma ukuthi uJesu waphila futhi wafa, abanye bayakungabaza ukuvuswa kwakhe. Ngisho nabaphostoli bakhe abazange bayikholelwe imibiko yokuqala yokuthi uvusiwe. (Luka 24:11) Nokho, lokho kungabaza kwaphela lapho bona nabanye abaphostoli bebona uJesu ovusiwe ngezikhathi ezahlukahlukene. Empeleni, ngesinye isikhathi, wabonakala kubantu abangaphezu kuka-500 ngesikhathi esisodwa.—1 Korinte 15:6.

Bezibeka engozini yokuboshwa noma yokubulawa, ngesibindi abafundi bamemezela ngokuvuswa kukaJesu kubo bonke—ngisho nakulabo abambulala. (IzEnzo 4:1-3, 10, 19, 20; 5:27-32) Ingabe abafundi abaningi kangaka babengaba nesibindi esikhulu kangaka ukube babengaqiniseki ukuthi uJesu uvusiwe ngempela? Empeleni ukwazi ukuthi uJesu wavuswa, yikona ngokuyinhloko okuye kwabangela ukuba ubuKristu bube nethonya emhlabeni kusukela ngaleso sikhathi kuze kube namuhla.

Ukulandisa kwamaVangeli ngokufa nokuvuswa kukaJesu kusinikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi kunembile ngokomlando. Ukukufunda ngokucophelela kuzokuqinisekisa ngokuthi lezi zenzakalo zenzeka ngempela. Ukuqonda ukuthi kungani lezi zenzakalo zenzeka kungakwenza uqiniseke ngisho nakakhulu. Isihloko esilandelayo sizochaza.

a UTacitus owazalwa cishe ngo-55 C.E., waloba ukuthi “uKristu,” okususelwa kuye igama elithi amaKristu, wakhuthazelela isigwebo esibuhlungu phakathi nokubusa kukaTiberiyu eshushiswa omunye wezikhulu zethu uPontiyu Pilatu.” Abanye abantu abakhuluma ngoJesu, uSuetonius (ngekhulu lokuqala); isazi-mlando esingumJuda uJosephus (ngekhulu lokuqala) noPliny the Younger umbusi waseBhithiniya (ekuqaleni kwekhulu lesibili).

Kungani Abanye Ababhali Bengabhalanga Ngaye?

Uma sicabanga ngethonya uJesu aba nalo emhlabeni, ingabe kufanele silindele ukuba ezinye izincwadi zangekhulu lokuqala ngaphandle kweBhayibheli, zinikeze ubufakazi bokuthi uJesu waba khona ngempela futhi wavuswa? Akunjalo ngempela. AmaVangeli alotshwa eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule. Imbalwa kakhulu imibhalo yangaleso sikhathi esekhona namuhla. (1 Petru 1:24, 25) Kubonakala sengathi mancane amathuba okuthi abaphikisi bakaJesu abaningi babengabhala izinto ezinhle ngaye.

Ngokuphathelene nokuvuswa kukaJesu, omunye wabaphostoli bakhe uPetru wachaza: “UNkulunkulu wamvusa lo ngosuku lwesithathu futhi wamvumela ukuba abonakale, hhayi kubo bonke abantu, kodwa kofakazi abamiswa uNkulunkulu kusengaphambili, kithi, esadla futhi saphuza naye ngemva kokuvuka kwakhe kwabafileyo.” (IzEnzo 10:40, 41) Kungani engabonakalanga kubo bonke abantu? IVangeli likaMathewu lisitshela ukuthi lapho izitha zenkolo zizwa imibiko yokuvuswa kukaJesu, zazama ukuthulisa ababesakaza leyo mibiko.—Mathewu 28:11-15.

Ingabe lokho kusho ukuthi uJesu wayefuna ukuvuswa kwakhe kube yimfihlo? Cha, ngoba uPetru waqhubeka wathi: “Wasiyala ukuba sishumayele kubantu, sinikeze ubufakazi obuphelele bokuthi lo nguYe uNkulunkulu anquma ukuba abe umahluleli wabaphilayo nabafileyo.” AmaKristu eqiniso aye akwenza lokho futhi ayaqhubeka ekwenza.—IzEnzo 10:42.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela