Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp16 No. 5 k. 3
  • Sonke Siyayidinga Induduzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Sonke Siyayidinga Induduzo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Induduzo Ezikhathini Zosizi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
  • Duduza Abasosizini
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Ukududuza Abanukubeziwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • Induduzo Evela ‘KuNkulunkulu Wenduduzo Yonke’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
wp16 No. 5 k. 3

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | UNGAYITHOLAPHI INDUDUZO?

Sonke Siyayidinga Induduzo

Umama ududuza umfana wakhe omncane

Uyazikhumbula uwa lapho useyingane? Mhlawumbe wasikeka esandleni noma wahuzuka edolweni. Uyakhumbula yini ukuthi umama wakho wakududuza kanjani? Mhlawumbe wakugeza inxeba wayesekubhandisha. Wakhala, kodwa amazwi akhe aduduzayo nokukwanga kwakwenza wazizwa ungcono. Ngaleso sikhathi usemncane, wawuyithola kalula induduzo.

Kodwa njengoba sikhula, ukuphila kuya kuba nzima. Izinkinga ziba nkulu futhi kube nzima nakakhulu ukuthola induduzo. Ngokudabukisayo, izinkinga zabantu abadala ngokuvamile azixazululeki ngebhandeshi nokwangiwa umama. Nazi izibonelo ezimbalwa.

  • Wake wabhekana yini nobunzima bokuphelelwa umsebenzi? UJulian uthi lapho edilizwa, washaqeka futhi kwamshiya esangene. Wazibuza: ‘Ngizowondla ngani umndeni wami? Kungani inkampani ingibone ngingelusizo lwalutho ngemva kokuba ngijuluke iminyaka eminingi kangaka?’

  • Mhlawumbe ukhungathekiswe ukuchitheka komshado wakho. URaquel uthi: “Lapho umyeni wami evele engishiya ezinyangeni ezingu-18 ezidlule, ngazizwa ngilusizi. Kwakungathi inhliziyo yami idabuke phakathi. Ubuhlungu obungokomzwelo ngangibuzwa nasemzimbeni. Kwakungethusa.”

  • Mhlawumbe unenkinga enkulu yempilo, ebonakala ingabi ngcono. Kungenzeka ngezinye izikhathi uzizwa njengenzalamizi uJobe, eyabalisa: “Ngiyanengwa [ukuphila kwami]; mangingahlali njalo.” (Jobe 7:16, IBhayibheli lesiZulu elivamile) Mhlawumbe uzizwa njengoLuis, oneminyaka engaphezu kwengu-80, owavuma, “Ngezinye izikhathi ngizizwa sengathi sengilinde ukufa nje.”

  • Noma, kungenzeka ulangazelela induduzo ngenxa yokushonelwa. URobert uyachaza: “Lapho kushona indodana yami engozini embi yendiza, ngaqale ngangakholwa. Ngabe sengiqala ukuzwa ubuhlungu, ubuhlungu iBhayibheli elibufanisa nobokudatshulwa inkemba.”—Luka 2:35.

URobert, uLuis, uRaquel noJulian bayithola induduzo, ngisho nakulezo zimo ezibangela usizi. Bathola uMuntu osesimweni esihle kakhulu ukubaduduza—uNkulunkulu uMninimandla onke uqobo lwakhe. Uyinikeza kanjani induduzo? Ingabe nawe uyokududuza lapho ukudinga?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela