Lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu abantu “bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”—IHubo 37:11
Lithini IBhayibheli?
Lingakusiza yini iBhayibheli ubhekane nokukhathazeka?
Ubungathini?
Yebo
Cha
Mhlawumbe
Okushiwo iBhayibheli
‘Phonsani zonke izinkathazo zenu phezu kukaNkulunkulu, ngoba uyanikhathalela.’ (1 Petru 5:7) IBhayibheli lisinika isiqinisekiso sokuthi uNkulunkulu angasisiza sithole impumuzo ekucindezelekeni kwethu.
Yini enye esingayifunda eBhayibhelini?
Umthandazo ungasinika “ukuthula kukaNkulunkulu” okunciphisa ukukhathazeka.—Filipi 4:6, 7.
Ngaphezu kwalokho ukufunda iZwi likaNkulunkulu kungasisiza sibhekane nokucindezeleka.—Mathewu 11:28-30.
Kuyoke kuphele yini ukukhathazeka?
Abanye bakholelwa ukuthi . . ukukhathazeka nokucindezeleka kuyingxenye yempilo yomuntu, kanti abanye bakholelwa ukuthi ukukhathazeka kuyophela uma sesifile. Wena ucabangani?
Okushiwo iBhayibheli
UNkulunkulu uzoziqeda izinto ezenza sikhathazeke. “Ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.”—IsAmbulo 21:4.
Yini enye esingayifunda eBhayibhelini?
Lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu abantu bayoba nokuthula futhi kungabi nasiphazamiso.—Isaya 32:18.
Kuyobe kungasekho ukukhathazeka nokucindezeleka.—Isaya 65:17.