Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp17 No. 5 kk. 4-5
  • Iqiniso Ngezingelosi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iqiniso Ngezingelosi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ziyini Noma Zingobani Izingelosi?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izingelosi​—“Imimoya Enikela Inkonzo Yomphakathi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Izingelosi—Indlela Ezisithinta Ngayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Izingelosi—Ingabe Ziyakuthinta Ukuphila Kwakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
wp17 No. 5 kk. 4-5
Ingelosi eyinhloko nezinye izigidigidi zezingelosi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | IZINGELOSI—ZIKHONA NGEMPELA YINI?

Iqiniso Ngezingelosi

Ungathanda yini ukwazi iqiniso ngezingelosi—ukuthi zingobani, zaba khona kanjani nokuthi zenzani? Ayikho enye indawo engcono ongathola kuyo izimpendulo zaleyo mibuzo ngaphandle kwaseZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. (2 Thimothewu 3:16) Lithini iBhayibheli ngale ndaba?

  • Njengoba uNkulunkulu enguMoya, izingelosi nazo ziwumoya, azibonakali, ‘azinayo inyama namathambo.’ Izingelosi ezithembekile zihlala ezulwini futhi ziseduze noNkulunkulu.—Luka 24:39; Mathewu 18:10; Johane 4:24.

  • Ngezinye izikhathi izingelosi zazifika lapha emhlabeni zinemizimba yabantu, uma ziqeda ukwenza ezazikuthunywe uNkulunkulu zazishintsha zibe nemizimba yomoya, zibuyele ezulwini.—AbaHluleli 6:11-23; 13:15-20.

  • Nakuba iBhayibheli lichaza izingelosi ngokuthi zingamadoda, empeleni ayikho ingelosi yesilisa noma yesifazane. Azishadi futhi azibi nabantwana. Izingelosi bezilokhu zisezulwini, azikaze zizalwe emhlabeni bese ziya ezulwini. Zadalwa uNkulunkulu, yingakho iBhayibheli lizibiza ‘ngamadodana kaNkulunkulu weqiniso.’—Jobe 1:6; IHubo 148:2, 5.

  • IBhayibheli likhuluma “ngezilimi zabantu nezezingelosi,” okusitshela ukuthi izingelosi zinolimi ezilukhulumayo. Nakuba uNkulunkulu ayesebenzisa izingelosi ukuze akhulume nabantu, akafuni sizikhonze noma sithandaze kuzo.—1 Korinte 13:1; IsAmbulo 22:8, 9.

  • Kunezigidigidi zezingelosi.—Daniyeli 7:10; IsAmbulo 5:11.

  • Izingelosi ‘zinamandla amakhulu’ kunawethu futhi zihlakaniphe kakhulu kunathi. Zigijima ngesivinini esikhulu, esingeke sikwazi ngisho nokusicabanga.—IHubo 103:20; Daniyeli 9:20-23.

  • Nakuba zinamandla amakhulu, zikhona izinto ezingeke zikwazi ukuzenza futhi kukhona nezinye izinto ezingazazi.—Mathewu 24:36; 1 Petru 1:12.

  • Izingelosi zadalwa zaba nobuntu obuhle futhi zinenkululeko yokuzikhethela. Njengathi, zingakhetha ukwenza okulungile nokungalungile. Ngokudabukisayo, ezinye izingelosi zakhetha ukungamlaleli uNkulunkulu.—Jude 6.

Zihlelwe Kanjani Izingelosi?

UMikayeli, ingelosi eyinhloko, uyingelosi enkulu ngenxa yamandla nesikhundla anaso. ImiBhalo ithi uMikayeli, elinye lamagama kaJesu Kristu.—1 Thesalonika 4:16; Jude 9.

Amaserafi anesikhundla esiphakeme futhi aseduze nesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.—Isaya 6:1-3.

Amakherubi nawo anesikhundla esiphakeme, asebenzelana eduze kakhulu noNkulunkulu.—Genesise 3:24; Hezekeli 9:3; 11:22.

Ezinye izigidigidi zezingelosi zenza umsebenzi wokuba izithunywa zikaNkulunkulu azisebenzisa ekwenzeni intando yakhe.a—Hebheru 1:7, 14.

a Uma ufuna ukwazi okwengeziwe ngezingelosi, bheka isahluko seshumi sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? kanye nesihloko esithi, “Ubani UMikayeli Ingelosi Eyinhloko?” esisesithasiselweni sayo le ncwadi enyatheliswa oFakazi BakaJehova. Ungayithola naku-www.pr2711.com/zu.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela