Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp17 No. 5 k. 5
  • Ingabe Unengelosi Ehlale Ikugadile?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Unengelosi Ehlale Ikugadile?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Unengelosi Ekunakekelayo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Ziyini Noma Zingobani Izingelosi?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izingelosi—Indlela Ezisithinta Ngayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Indlela Izingelosi Ezingakusiza Ngayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
wp17 No. 5 k. 5

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | IZINGELOSI—ZIKHONA NGEMPELA YINI?

Ingabe Unengelosi Ehlale Ikugadile?

IBhayibheli alisho ukuthi umuntu unengelosi yakhe ehlale imgadile. Kuyiqiniso ukuthi uJesu wake wathi: “Qaphelani ukuba nina madoda ningadeleli noyedwa walaba abancane [abalandeli bakaKristu]; ngoba ngiyanitshela ngithi izingelosi zabo ezulwini zibubona ngaso sonke isikhathi ubuso bukaBaba osezulwini.” (Mathewu 18:10) UJesu wayengasho ukuthi umuntu unengelosi yakhe emgadile, kunalokho wayesho ukuthi izingelosi ziyathanda ukwazi ngabantu nangezinto abazenzayo. Ngenxa yalokho, izikhonzi zeqiniso azizifaki engozini ngamabomu ngoba zithi izingelosi zizozisiza.

Ingabe lokho kusho ukuthi izingelosi azibasizi abantu? Cha. (IHubo 91:11) Abanye abantu bakholelwa ukuthi uNkulunkulu uke wabavikela noma wabaqondisa esebenzisa ingelosi. UKenneth okukhulunywe ngaye esihlokweni sokuqala ungomunye wabo. Nakuba singeke sigomele ngalokhu, mhlawumbe wayeqinisile. OFakazi BakaJehova bahlale bebubona ubufakazi bokuthi izingelosi ziyabasiza uma beshumayela. Kodwa njengoba izingelosi zingabonakali, asikwazi ukusho ukuthi uNkulunkulu uzisebenzisa kangakanani ekusizeni abantu. Noma kunjalo, kufanele simbonge uMninimandla Onke ngakho konke asisiza ngakho.—Kolose 3:15; Jakobe 1:17, 18.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela