UJehova Usiduduza Kuzo Zonke Izinkathazo Zethu
‘UNkulunkulu wenduduzo yonke, usiduduza osizini lwethu lonke.’—2 KOR. 1:3, 4.
1, 2. UJehova usiduduza kanjani osizini lwethu futhi yisiphi isiqinisekiso esisithola eZwini lakhe?
UMZALWANE osemusha ongashadile, esizombiza ngokuthi u-Eduardo, waxoxa noStephen ongumdala okhulile futhi oshadile ngezinto ezimkhathazayo. U-Eduardo wayekade ecabanga ngalokho okushiwo kweyoku-1 Korinte 7:28: “Labo abashadayo bayoba nosizi enyameni yabo.” Wabuza: “Luyini lolo ‘sizi’ futhi ngingabhekana kanjani nalo uma ngishada?” Ngaphambi kokuphendula lowo mbuzo, uStephen wacela u-Eduardo ukuba acabange nangenye into eyabhalwa uPawulu; ukuthi uJehova ‘unguNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke [noma ezintweni ezisikhathazayo].’—2 Kor. 1:3, 4.
2 Ngempela uJehova unguBaba onothando osiduduza kuzo zonke izinkathazo zethu. Nawe kungenzeka kunezimo ozikhumbulayo, uNkulunkulu akududuza kuzo futhi wakuqondisa ngeZwi lakhe. Singaqiniseka ngokuthi nathi usifunela okungcono kakhulu njengoba enza ezincekwini zakhe zasendulo.—Funda uJeremiya 29:11, 12.
3. Sizoxoxa ngamiphi imibuzo?
3 Sibhekana kangcono nezinkinga uma sazi ukuthi zibangelwe yini. Kunjalo nangezinkinga zomndeni nezomshado. Yiziphi-ke ezinye izinto ezingabangela ‘usizi enyameni’ uPawulu akhuluma ngalo? Yibaphi abantu banamuhla nabangezikhathi zeBhayibheli esingafunda ezibonelweni zabo futhi siduduzeke? Ukubazi kuzosisiza sikwazi ukubhekana nezinkathazo.
IZINKATHAZO ‘EZIWUSIZI ENYAMENI’
4, 5. Yiziphi ezinye izinto ezingabangela ‘usizi enyameni’?
4 EBhayibhelini sifunda lokho okwashiwo uNkulunkulu: “Indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo babe nyamanye.” (Gen. 2:24) Lokhu kwashiwo uJehova lapho eshadisa u-Adamu no-Eva. Nokho, njengoba sinesono, ukushada nokuqalisa umndeni kungaba nezinkinga. (Roma 3:23) Manje sekuyindoda eyenza izinqumo hhayi abazali. UNkulunkulu uyinike igunya lokuba yinhloko yomkayo. (1 Kor. 11:3) Kuba nzima lokhu kwabanye abasanda kushada. NgokweZwi likaNkulunkulu, inkosikazi kufanele ikwamukele ukuthi isizoqondiswa umyeni wayo kunabazali bayo. Uma kungeziwa lokhu, kungaba nezinkinga phakathi kwabashadile nabasemzini noma abasekhweni futhi kubabangele usizi abasanda kushada.
5 Ezinye izinkathazo zivumbuka ngemva kokuba inkosikazi ithe kumyeni wayo, “Ngikhulelwe.” Ngokuvamile injabulo yokuthi bazothola umntwana iyanyamalala lapho sebecabanga ngokugula okubangelwa ukukhulelwa nezinkinga zangemva kokubeletha. Kumelwe bacabange nangokuthi sebezoyisebenzisa kanjani imali. Ziningi izinto ezishintshayo lapho umntwana esezelwe. Umama angase agxile ekunakekeleni umntwana. Ngokuvamile abayeni bazizwa sebelahliwe ngoba amakhosikazi abo asenaka ingane nje kuphela. Ngakolunye uhlangothi, indoda esanda kuba nengane isuke isinomthwalo owengeziwe emahlombe ayo. Imisebenzi yayo iyanda ngoba kusuke sekunelungu lomndeni elisha okufanele ilinakekele futhi ilondle.
6-8. Ukufuna ukuba nabantwana kodwa ungabatholi kungakubanga kanjani ukucindezeleka?
6 Kunolunye uhlobo losizi abanye abantu abashadile ababhekana nalo. Kungenzeka bafuna ngempela ukuba nengane kodwa abayitholi. Lapho inkosikazi ingabatholi abantwana ingazizwe icindezeleke kakhulu. Umshado nokuthola abantwana akuziqedi izinkathazo, nokho ukufisa ukuthola abantwana kodwa ungabatholi ‘kuwusizi enyameni.’ (IzAga 13:12) Ngezikhathi zeBhayibheli, ukungabatholi abantwana kwakuyinto eyihlazo. Inkosikazi kaJakobe, uRaheli, yaveza ubuhlungu eyayibuzwa njengoba ibona udadewabo ethola abantwana. (Gen. 30:1, 2) Izithunywa zevangeli ezikhonza ezindaweni lapho kuyisiko ukuba nomndeni omkhulu, zivame ukubuzwa ukuthi kungani zingenazo izingane. Naphezu kokubachazela kahle, bangase bavele bathi, “Ok, sizonithandazela!”
7 Cabanga nangodadewethu waseNgilandi owayefuna ngempela ukuba nengane kodwa engakayitholi. Kwabe sekufika isikhathi sokuthi angabe esaya esikhathini. Wavuma ukuthi kwamhlukumeza kakhulu lokhu, ngoba kwamenza wabona ukuthi wayengeke abe nengane kulesi simiso sezinto. Yena nomyeni wakhe banquma ukuba bathole ingane okuzoba eyabo kwabezenhlalakahle. Noma kunjalo, wathi: “Ngangingakaduduzeki kahle hle. Ngoba ngangazi ukuthi kwakungeke kufane ncamashi nokuba nengane ethi mina.”
8 IBhayibheli likhuluma ngokuthi owesifazane ongumKristu “uyogcineka ephephile ngokuzala abantwana.” (1 Thim. 2:15) Kodwa lokhu akusho ukuthi ukuzala noma ukuba nezingane kuyoholela ekuphileni okuphakade. Kunalokho, kubhekisela ekutheni, kumuntu wesifazane ukunakekela izingane nokwenza neminye imisebenzi yasendlini, kungamsiza angaweli ogibeni lokuhamba ehleba noma agaxeke ezindabeni zabantu. (1 Thim. 5:13) Noma kunjalo, usengabhekana nezinsizi ezihambisana nomshado nokunakekela umndeni.
Umuntu angayitholaphi induduzo lapho eshonelwe umuntu ashade naye? (Bheka izigaba 9, 12)
9. Kungani ukushonelwa umuntu oshade naye kunzima kakhulu?
9 Lapho sikhuluma ngezinkathazo zomshado, kukhona into eyodwa okungenzeka asisheshi ukuyikhumbula. Ukushona komuntu esishade naye. Ngempela, uvivinyo olunzima kakhulu abaningi abake babhekana nalo olokushonelwa abantu abashade nabo. Labo abadlule kulolu vivinyo kungenzeka babengakaze bazicabange bebhekana nalo kulesi simiso sezinto. AmaKristu ayasikholelwa isithembiso sikaJesu sovuko. (Joh. 5:28, 29) Leso sithembiso simthinta kanjani lo oshonelwe? Ngempela siyamduduza ngezinga elithile. Lena enye yezindlela uBaba wethu onothando asekela naduduza ngayo labo abasosizini ngeZwi lakhe. Manje ake sibheke ukuthi ezinye izinceku zikaNkulunkulu ziye zazizwa kanjani ngenduduzo eziyinikwa uJehova nokuthi zizuze kanjani.
INDUDUZO ESIYITHOLA LAPHO SIKHATHAZEKILE
10. UHana waduduzeka kanjani lapho ecindezelekile? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)
10 Inkosikazi ka-Elkana ayeyithanda, uHana, yavivinyeka. Yayingabatholi abantwana ekubeni enye inkosikazi ka-Elkana, uPhenina, enabo abantwana. (Funda eyoku-1 Samuweli 1:4-7.) UHana wayedelelwa uPhenina “unyaka nonyaka.” Lokhu kwamcindezela kakhulu uHana. Nokho wacela usizo kuJehova. Nangempela, ‘wathandaza isikhathi eside kuJehova.’ Ingabe wayelindele ukuba uJehova awuphendule umthandazo wakhe? Kungenzeka. Kunoma yikuphi, “akabange esakhathazeka.” (1 Sam. 1:12, 17, 18) Wayeqiniseka ngokuthi uJehova uzomnikeza akucelile noma amduduze ngandlela thile.
11. Ungasiduduza kanjani umthandazo?
11 Izinkathazo zizolokhu zikhona uma nje sisanesono futhi sisakulelizwe elibuswa uSathane. (1 Joh. 5:19) Nokho, ave kujabulisa ukwazi ukuthi uJehova ‘unguNkulunkulu wenduduzo yonke’! Umthandazo ungenye yezindlela esingaduduzeka ngazo lapho sinezinkinga. UHana wathandaza kuJehova ngokusuka enhliziyweni. Ngokufanayo nathi lapho sinezinkathazo kumelwe singagcini nje ngokumtshela uJehova ukuthi sizizwa kanjani. Kumelwe simnxuse futhi sithandaze ngokujulile ngokusuka enhliziyweni.—Fil. 4:6, 7.
12. Yini eyasiza u-Ana ongumfelokazi ukuba ajabule?
12 Ngisho noma sinosizi olujulile, okungenzeka olokungabi nabantwana noma olokushonelwa umuntu esishade naye—sisengayithola induduzo. Umprofethikazi okuthiwa u-Ana washonelwa umyeni wakhe kusaphele iminyaka engu-7 nje kuphela beshadile. IBhayibheli alisho lutho mayelana nokuthi wayenazo yini izingane. Yini u-Ana angayekanga ukuyenza ngisho nalapho eseneminyaka engu-84? Incwadi kaLuka 2:37 ithi: “Wayengakaze aphuthe ethempelini, enikela inkonzo engcwele ubusuku nemini ngokuzila ukudla nangokunxusa.” Ngempela, u-Ana wayeduduzeka futhi ejabula lapho ekhonza uJehova.
13. Nikeza isibonelo sendlela abangane beqiniso abangasiduduza ngayo ngisho noma izihlobo zethu zihluleka.
13 Lapho sisondelene nabafowethu nodadewethu, sithola abangane bangempela. (IzAga 18:24) UPaula ukhumbula indlela ayedangele ngayo lapho eneminyaka engu-5 umama wakhe eshiya iqiniso. Kwakungelula ukudlula kulolu vivinyo. Nokho wakhuthazeka kakhulu lapho udade oyiphayona ebandleni obizwa ngokuthi u-Ann emnaka futhi emsiza akhe ubuhlobo bakhe noJehova. UPaula uyachaza: “Ngisho noma u-Ann ayengesona isihlobo sami, kwangisiza kakhulu ukunginaka kwakhe. Kwangisiza ngaqhubeka ngikhonza uJehova.” Namanje uPaula usaqhubeka ekhonza uJehova ngokwethembeka. Okunye akujabulela nakakhulu ukuthi usekhonza kanye nomama wakhe futhi ebandleni. No-Ann ujabula kakhulu ngokuthi ube njengomama kuPaula wamsiza wakha ubuhlobo bakhe noNkulunkulu.
14. Yiziphi izibusiso ezingatholwa abaduduza abanye?
14 Okumangalisayo ukuthi ukubonisa abanye ukuthi siyabathanda futhi sibanake, nathi kungasikhulula ekubeni nemizwa engakhi. Ngokuqinisekile bonke odade, kungakhathaliseki ukuthi bashadile noma cha, bayazi ukuthi inkulu kangakanani injabulo abayitholayo lapho beshumayela njengezisebenzi ezikanye noNkulunkulu. Umgomo wabo ukudumisa uNkulunkulu ngokwenza intando yakhe. Abanye baze bathi ukushumayela kuyabelapha, kubasiza bakhohlwe nayizinsizi zabo. Ngokuqinisekile, sonke siba nesandla ekutheni ibandla lisondelane lapho sibanaka abanye, kuhlanganise abasensimini yethu nabasebandleni. (Fil. 2:4) Umphostoli uPawulu wayeyisibonelo esihle kulokhu. Waba njengomama “enakekela abantwana” kwabaseThesalonika futhi wayenjengobaba kubo.—Funda eyoku-1 Thesalonika 2:7, 11, 12.
INDUDUZO EKHAYA
15. Ngokuyinhloko obani okufanele bafundise ingane iqiniso?
15 Abanye abantu okufanelwe baduduzwe futhi basizwe imindeni. Ngezinye izikhathi, abamemezeli abasebasha baye bacele asebethuthukile ukuba bafundise izingane zabo iqiniso noma baziqhubele isifundo seBhayibeli. NgokomBhalo, abazali yibo okufanele bafundise futhi baqeqeshe izingane zabo. (IzAga. 23:22; Efe. 6:1-4) Kwezinye izimo usizo lwabanye luyadingeka. Nokho akusho ukuthi umzali akusafanele afundise izingane zakhe. Ukuxoxa njalo nezingane ekhaya kubalulekile.
16. Yini okufanele uyikhumbule lapho ufundisa izingane okungezona ezakho?
16 Uma umzali enquma ukucela othile ukuba afunde nezingane zakhe, lowo ofunda nazo akufanele azame ukuzenza umzali wazo. Kuke kube nezimo lapho uFakazi ecelwa ukuba afunde nezingane ezinabazali abangebona oFakazi. UFakazi kumelwe akhumbule ukuthi ukusiza ingane yakhe ubuhlobo bayo noNkulunkulu akumenzi abe umzali wayo. Uma leso sifundo siqhutshwa, kungaba ukuhlakanipha ukuthi sibe sekhaya bekhona nabazali noma kube khona nomunye uFakazi ovuthiwe noma endaweni yomphakathi efanelekayo. Ngaleyo ndlela akhekho ongathi kukhona okushaya amanzi. Singathemba ukuthi ngokuhamba kwesikhathi, abazali bayoyifeza indima yabo abayinikwe uNkulunkulu yokunakekela izingane zabo nokuzifundisa ngoJehova.
17. Izingane zingabaduduza kanjani abazali bazo?
17 Intsha ethanda uNkulunkulu weqiniso futhi ilalele imiyalo yakhe iba umthombo wenduduzo emindenini yayo. Lokho ikwenza ngokuhlonipha abazali futhi isize nasekhaya. Ingaba nesandla nasekwenzeni umndeni wonke usondelane noNkulunkulu. Ngaphambi kukaZamcolo, uLameka ongowozalo lukaSeti, wayekhonza uJehova. Mayelana nendodana yakhe uNowa wathi: “Lo uzosinika induduzo emsebenzini wethu nasebuhlungwini bezandla zethu ngenxa yomhlabathi uJehova awuqalekisile.” Leso siprofetho sagcwaliseka lapho isiqalekiso somhlabathi sisuswa. (Gen. 5:29; 8:21) Izingane ezikhonza uNkulunkulu weqiniso zingayiduduza imindeni yazo, nangokuyisiza ikhuthazelele izinkathazo futhi isinde embhubhisweni ezayo.
18. Yini engasisiza sizikhuthazelele ngesibindi zonke izinkathazo esibhekana nazo?
18 Abantu abaningi bayaduduzeka lapho bethandaza, bezindla ngezibonelo ezitholakala eBhayibhelini nangokuzihlanganisa nabantu bakaJehova. (Funda iHubo 145:18, 19.) Ukwazi ukuthi uJehova unguMthombo wenduduzo yonke kuzosisiza sizikhuthazelele ngesibindi zonke izinkathazo esibhekana nazo.