Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp19 No. 1 kk. 1-14
  • Yini UNkulunkulu Asazoyenza?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini UNkulunkulu Asazoyenza?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UZOQEDA BONKE UBUBI
  • UZOKWENZA UMHLABA UBE IPHARADESI
  • UZOQEDA UKUGULA NOKUFA
  • UZOBEKA UHULUMENI ONGENAPHUTHA
  • Yini UMbuso KaNkulunkulu Ozoyenza?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2020
  • Iyini Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • UMbuso KaNkulunkulu​—Okuwenza Ubaluleke KuJesu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
wp19 No. 1 kk. 1-14
Abantu bakaNkulunkulu benza umhlaba ube yipharadesi

Yini Unkulunkulu Asazoyenza?

Lapho ubhekene nesimo esinzima akungabazeki ukuthi uthembela kumngane wakho ukuba akusize. Uma becabanga ngalokho, abantu abaningi baphetha ngokuthi uNkulunkulu akayena umngane wabo ngoba akabasizi lapho bebhekene nobunzima. Empeleni kuningi kakhulu uNkulunkulu asenzele kona futhi kuningi nasazokwenza ukuze aqede ukuhlupheka esibhekene nakho namuhla. Yini uNkulunkulu asazoyenza?

UZOQEDA BONKE UBUBI

UNkulunkulu uzoqeda bonke ububi ngokususa imbangela yabo. IBhayibheli liyasitshela ukuthi kungani kwenzeka izinto ezimbi emhlabeni, lithi: “Lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) “Omubi,” yilowo uJesu ambiza ngokuthi “umbusi waleli zwe,” uSathane uDeveli. (Johane 12:31) Njengoba uSathane elawula izwe, uyimbangela yazo zonke izinto ezimbi abantu ababhekana nazo emhlabeni. Yini uNkulunkulu azoyenza?

Esebenzisa iNdodana yakhe uJesu Kristu, maduze uJehova uzothatha isinyathelo, “amenze ize lowo onendlela yokubangela ukufa, okungukuthi, uDeveli.” (Hebheru 2:14; 1 Johane 3:8) Empeleni iBhayibheli libonisa ukuthi naye uDeveli uyazi ukuthi “unesikhathi esifushane” ngaphambi kokuba abhujiswe. (IsAmbulo 12:12) UNkulunkulu uzoqeda nabo bonke abantu abenza izinto ezimbi.—IHubo 37:9; IzAga 2:22.

UZOKWENZA UMHLABA UBE IPHARADESI

Ngemva kokuqeda ububi emhlabeni, uMdali wethu uzobe esethatha izinyathelo ezidingekayo ukuze aqede isono futhi abantu baphile phakade emhlabeni. Yiziphi izibusiso esingazilindela?

Ukuthula nokulondeka okungapheli. “Abamnene bayodla ifa lomhlaba, bayothola injabulo enkulu ngenxa yokuthula okuchichimayo.”—IHubo 37:11.

Ukudla okwanele nokunempilo. “Kuyoba nenala yokudla okusanhlamvu emhlabeni; kuyochichima phezu kwezintaba.”—IHubo 72:16.

Amakhaya aphephile nomsebenzi owanelisayo. ‘Bayokwakha izindlu bahlale kuzo, bayotshala amasimu amagilebhisi badle izithelo zawo. Abakhethiwe bami bayowujabulela ngokugcwele umsebenzi wezandla zabo.’—Isaya 65:21, 22.

Ingabe uyakulangazelela ukubona konke lokhu kwenzeka emhlabeni? Kuzokwenzeka maduze.

UZOQEDA UKUGULA NOKUFA

Wonke umuntu uyagula, abanye bayafa kodwa konke lokho kuzophela maduze. UJehova uzosebenzisa isihlengo sikaJesu Kristu ukuze ‘wonke umuntu obonisa ukholo kuye angabhubhi kodwa athole ukuphila okuphakade.’ (Johane 3:16) Kuyobe sekwenzekani?

Ukugula kuzophela. “Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’ Abantu abahlala ezweni bayoxolelwa iziphambeko zabo.”—Isaya 33:24.

Abantu ngeke besakhathazwa ukufa. “Uyogwinya ukufa kuze kube phakade, iNkosi EnguMbusi uJehova iyosula izinyembezi ebusweni babo bonke abantu.”—Isaya 25:8.

Abantu bazophila phakade. “Isipho uNkulunkulu asinikezayo ukuphila okuphakade ngoKristu Jesu iNkosi yethu.”—Roma 6:23.

Abafile bazovuswa. “Kuyoba khona uvuko lwabalungile nabangalungile.” (IzEnzo 24:15) Isihlengo esiyisipho sikaNkulunkulu siyobazuzisa nabo.

Uzokwenza kanjani uNkulunkulu konke lokhu?

UZOBEKA UHULUMENI ONGENAPHUTHA

UJehova uzofeza lokho ayekuhlosile ngabantu nangomhlaba esebenzisa uhulumeni osezulwini obuswa uJesu Kristu. (IHubo 110:1, 2) Yiwona lo hulumeni noma umbuso uJesu afundisa abafundi bakhe ukuba bawuthandazele lapho ethi: “Baba wethu osemazulwini, . . . uMbuso wakho mawuze.”—Mathewu 6:9, 10.

UMbuso kaNkulunkulu uzobusa emhlabeni uqede bonke ububi nokuhlupheka okugcwele kuwo. Awukho omunye uhulumeni ongcono abantu abayoke babe nawo ukudlula lo! Yingakho ngesikhathi esemhlabeni, uJesu azikhandla “eshumayela izindaba ezinhle zoMbuso,” wafundisa nabalandeli bakhe ukuba benze okufanayo.—Mathewu 4:23; 24:14.

UJehova uNkulunkulu uthembisa ukuthi uzozigcwalisa zonke lezi zithembiso ngoba uyabathanda abantu. Lokho akukwenzi yini ufise ukumazi nokusondelana naye? Uma ukhetha ukwenza kanjalo yini ozoyizuza? Isihloko esilandelayo sizochaza.

YINI UNKULUNKULU ASAZOYENZA? UNkulunkulu uzoqeda ukugula nokufa, asebenzise uhulumeni owuMbuso wasezulwini ukuze enze umhlaba ube yipharadesi, abantu baphile ngokuthula

UYINI UMBUSO KANKULUNKULU?

  • Uwuhulumeni osezulwini obekwe uNkulunkulu ozofeza intando yakhe. —Genesise 1:28; Mathewu 6:9, 10.

  • Ubuswa iNkosi emiswe uNkulunkulu enegunya emhlabeni nasezulwini. —Isaya 9:6, 7; 11:2-4; Mathewu 28:18.

  • Ulawulwa iziqondiso uJesu ayezifundisa abantu ezisekelwe emthethweni kaNkulunkulu.—Mathewu 22:37-39; Jakobe 2:8.

  • Uyabusa kwamanje, futhi kunezigidi zabantu ezitshela abanye ‘izindaba ezinhle zoMbuso’ emhlabeni wonke.—Mathewu 24:14; 28:19, 20.a

a Ukuze ufunde okwengeziwe ngalo Mbuso, bheka isifundo 32 no-33 sencwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade! ekhiqizwa oFakazi BakaJehova. Ungayithola kuwebusayithi ethi www.pr2711.com/zu.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela