Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp19 No. 2 kk. 12-13
  • Lapho Ufisa Ukufa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Ufisa Ukufa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UNGALUTHOLAPHI USIZO?
  • IKHONA YINI INTO ENGAKWELAPHA NGOKUPHELELE?
  • Kungani Kufanele Sonke Sidumise UNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Kunjani Ukucindezeleka?
    I-Phaphama!—2009
  • Ukunqoba Ekulweni Nokucindezeleka
    I-Phaphama!—1987
  • Ukunqoba Impi Yokucindezeleka
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
wp19 No. 2 kk. 12-13
Owesifazane ohleli neBhayibheli elivuliwe ubuka kude

Lapho Ufisa Ukufa

U-Adriana waseBrazil uthi: “Yayingapheli imizwa yokufisa ukufa. Ngakho ngabona kungcono ukuba ngizibulale.”

KWAKE kwenzeka yini waphatheka kabi kangangokuba waze wafisa ukufa? Uma kunjalo, uzoyiqonda indlela u-Adriana ayezizwa ngayo. Wayekhathazeka kakhulu, ezizwa edabukile futhi engenathemba. Odokotela bathola ukuthi u-Adriana unesifo sokucindezeleka.

Cabanga ngendoda yaseJapane, okuthiwa uKaoru, eyayinakekela abazali bayo ababekhulile futhi begula. Ithi: “Ngaleso sikhathi ngangicindezeleke kakhulu emsebenzini. Ngokuhamba kwesikhathi, angibange ngisakuthanda ukudla futhi ngangingakwazi ukulala kahle. Ngacabanga ukuthi izinkinga zami zazingaphela uma ngingafa.”

Indoda yaseNigeria okuthiwa u-Ojebode ithi: “Ngangihlale ngizizwa kabuhlungu ngize ngikhale, ngakho ngafuna izindlela zokuzibulala.” Kuyajabulisa ukuthi u-Ojebode, uKaoru, no-Adriana abazange bazibulale. Kodwa abantu abangaba ngu-800 000 bayazibulala unyaka ngamunye.

UNGALUTHOLAPHI USIZO?

Amadoda yiwona avame ukuzibulala ngoba amaningi anamahloni okucela usizo. UJesu wathi abantu abagulayo badinga udokotela. (Luka 5:31) Ngakho uma uke ufikelwe imizwa yokuzibulala, ungasabi ukucela usizo. Abantu abaningi abanesifo sokucindezeleka bathole ukuthi ukwelashwa odokotela kubenza bazizwe bengcono. U-Ojebode, uKaoru, no-Adriana bathola usizo lodokotela futhi manje sebengcono kakhulu.

Odokotela bangase baxoxe nesiguli noma basinikeze imithi namaphilisi noma bakwenze kokubili. Labo abanesifo sokucindezeleka badinga ukuba imindeni nabangane babaqonde, bababekezelele bababonise nothando. UJehova uNkulunkulu ungumngane ongcono kakhulu sonke esingaba naye, futhi usinikeza usizo ngeZwi lakhe iBhayibheli.

IKHONA YINI INTO ENGAKWELAPHA NGOKUPHELELE?

Izikhathi eziningi abantu abanesifo sokucindezeleka badinga ukwelashwa okuqhubekayo, futhi kudingeka bashintshe indlela abaphila ngayo. Uma unesifo sokucindezeleka kungakusiza ukucabanga ngokuphila okumnandi esizokuthola esikhathini esizayo, njengoba kwenza u-Ojebode. Uthi: “Ngilangazelela ukubona sekugcwaliseka umBhalo ka-Isaya 33:24 okhuluma ngesikhathi lapho kuyobe kungasekho muntu emhlabeni othi ‘Ngiyagula.’” Njengo-Ojebode, nawe kungakududuza ukwazi ukuthi uNkulunkulu uthembisa ukuletha ‘umhlaba omusha’ ongenabo “ubuhlungu.” (IsAmbulo 21:1, 4) Leso sithembiso sihlanganisa ukuqedwa kobuhlungu obubangelwa yizinto ezisihlukumeza engqondweni nasenhliziyweni. Imizwa ebuhlungu onayo ‘ngeke usayikhumbula, futhi ngeke iphinde ifike enhliziyweni yakho.’—Isaya 65:17.

Amavesi EBhayibheli Angakusiza

UNkulunkulu uyayiqonda indlela ozizwa ngayo.

“Mina, Jehova uNkulunkulu wakho, ngibambe isandla sakho sokudla, mina engithi kuwe, ‘Ungesabi. Ngizokusiza.’”—Isaya 41:13.

UJehova uyiqonda ukudlula noma yimuphi omunye umuntu indlela esizizwa ngayo, futhi uyafuna ukusisiza.

Zindla ngeZwi likaNkulunkulu.

“[U-Eliya] wayesecela ukuba afe. Wathi:‘ . . . Jehova! Ngibulale.’”—1 AmaKhosi 19:4.

U-Ojebode uthi, “Ukuzindla ngeZwi likaNkulunkulu kwangisiza. Ngabona ukuthi nomprofethi u-Eliya wake wazizwa ngendlela engizizwa ngayo.”

Funda ezibonelweni eziseBhayibhelini.

“[Mina Jesu] ngikunxusele [Petru] ukuba ukholo lwakho lungapheli.”—Luka 22:32.

Ngemva kokuba umphostoli uPetru ephike uJesu kathathu, wacindezeleka kakhulu futhi wakhala kalusizi. UKaoru uthi: “Ukucabanga ngalokho uPetru akwenza nangendlela uJesu amphatha ngayo, kwangisiza ngabona ukuthi uJehova noJesu babenendaba nemizwa kaPetru. Kwangikhuthaza kakhulu lokho.”

Imizwa ebuhlungu onayo ‘ngeke usayikhumbula, futhi ngeke iphinde ifike enhliziyweni yakho.’—Isaya 65:17

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela