Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp19 No. 3 kk. 12-13
  • Ungaba Kanjani Nokuphila Okungcono?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungaba Kanjani Nokuphila Okungcono?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UNKULUNKULU UTHEMBISA UKUBUYISELA UMHLABA ESIMWENI AYEHLOSE UKUBA UBE YISO
  • UJESU WABONISA UKUTHI UZOBASIZA KANJANI ABANTU ABALALELAYO
  • UKUTHOLA INDLELA EYA EKUPHILENI OKUNGCONO
  • OKOKUQALA ONGAKWENZA UKUZE UHAMBE ENDLELENI EYA EKUPHILENI
  • Kukhona Okwengeziwe Ekuphileni!
    Kukhona Okwengeziwe Ekuphileni! (ml)
  • Indlela Efanele Yokukhonza UNkulunkulu
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Yini UNkulunkulu Asazoyenza?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
  • Qhubekani ‘Niyilalela’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
wp19 No. 3 kk. 12-13
Usosayensi okhulunywe ngaye ekuqaleni ufunda iBhayibheli

Ungaba Kanjani Nokuphila Okungcono?

UKUPHILA kwabantu namuhla kuhluke kakhulu kulokho uNkulunkulu ayebafunela kona. Umhlaba kwakufanele ugcwale abantu abavuma ukubuswa uNkulunkulu, abalalela imithetho yakhe nabanobuntu obufana nobakhe. Kwakufanele basebenze ngokubambisana ekukhuliseni izingane, ekufundeni izinto ezintsha, nasekwenzeni wonke umhlaba ube yipharadesi.

UNKULUNKULU UTHEMBISA UKUBUYISELA UMHLABA ESIMWENI AYEHLOSE UKUBA UBE YISO

  • “Uqeda izimpi kuze kube semkhawulweni womhlaba.”—IHubo 46:9.

  • ‘Kwafika isikhathi sokuchitha abachitha umhlaba.’—IsAmbulo 11:18.

  • “Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’”—Isaya 33:24.

  • ‘Umsebenzi wezandla zabo abakhethiweyo bami bayowusebenzisa ngokugcwele.’—Isaya 65:22.

Ziyogcwaliseka kanjani lezi ziprofetho? UNkulunkulu ukhethe iNdodana yakhe, uJesu, ukuba ibe yiNkosi yoMbuso wakhe wasezulwini oyobusa umhlaba. IBhayibheli libiza lowo mbuso ngokuthi uMbuso kaNkulunkulu. (Daniyeli 2:44) IBhayibheli lisho lokhu ngoJesu: ‘UNkulunkulu uyomnika isihlalo sobukhosi, futhi uyobusa njengenkosi.’—Luka 1:32, 33.

Ngesikhathi uJesu esemhlabeni wenza izimangaliso eziningi, ebonisa ukuthi lapho esebusa uyokwenza ukuphila kwethu kube ngcono kunalokho okuyikho manje.

UJESU WABONISA UKUTHI UZOBASIZA KANJANI ABANTU ABALALELAYO

  • Welapha zonke izinhlobo zezifo, ebonisa ukuthi uzokuqeda kanjani ukugula ngesikhathi esizayo.—Mathewu 9:35.

  • Wathulisa ulwandle, ebonisa ukuthi uzosivikela ezinhlekeleleni zemvelo.—Marku 4:36-39.

  • Wasuthisa izinkulungwane zabantu, ebonisa ukuthi uzokwazi ukusinikeza izidingo zokuphila.—Marku 6:41-44.

  • Washintsha amanzi aba yiwayini, ebonisa ukuthi uzosinika izinto ezenza sikujabulele ukuphila.—Johane 2:7-11.

Yini ongayenza ukuze uthole ukuphila uNkulunkulu azokunika labo abamthandayo? IBhayibheli lithi kufanele uhambe ‘ngendlela eholela ekuphileni,’ okungabambalwa abayitholayo.—Mathewu 7:14.

UKUTHOLA INDLELA EYA EKUPHILENI OKUNGCONO

Iyiphi indlela eya ekuphileni? UNkulunkulu uthi: “Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wakho, Lowo okufundisayo ukuze uzuze, Lowo okuqondisa endleleni okufanele uhambe ngayo.” (Isaya 48:17) Ngakho, ukuhamba kule ndlela kuyinto engcono kakhulu ongayenza ekuphileni.

UJesu wathi: “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila.” (Johane 14:6) Uma senza lokho uJesu asifundisa kona futhi silingisa isibonelo sakhe, singakwazi ukusondela kuNkulunkulu futhi sibe nokuphila okungcono.

Ungayithola kanjani indlela eya ekuphileni? Ziningi izinkolo, kodwa uJesu wakhipha lesi sixwayiso: “Akuyena wonke umuntu othi kimi, ‘Nkosi, Nkosi,’ oyongena embusweni wamazulu, kodwa lowo owenza intando kaBaba osemazulwini uyongena.” (Mathewu 7:21) Waphinde wathi: “Niyobazi ngezithelo zabo.” (Mathewu 7:16) IBhayibheli lingakusiza ubone inkolo yeqiniso.—Johane 17:17.

Ungahamba kanjani endleleni eya ekuphileni? Kufanele ufunde ngalowo onguMthombo wokuphila. Ubani lowo? Ubani igama lakhe? Unjani? Yini asenzela yona manje? Yini afuna thina siyenze?a

UNkulunkulu ufuna abantu benze okungaphezu kokumane nje basebenze, badle, badlale futhi bakhulise izingane. Njengoba enguMdali wethu wayefuna simazi futhi sibe abangane bakhe. Singabonisa ukuthi siyamthanda ngokwenza intando yakhe. UJesu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso.”—Johane 17:3.

ESEBENZISA IBHAYIBHELI, UNKULUNKULU USIFUNDISA LOKHO ‘OKUSIZUZISAYO.’—ISAYA 48:17

OKOKUQALA ONGAKWENZA UKUZE UHAMBE ENDLELENI EYA EKUPHILENI

Lapho sesazi ukuthi yini edingekayo ukuze sijabulise uNkulunkulu kungase kudingeke senze ushintsho ekuphileni kwethu. Lokho kungabonakala kunzima. Kodwa ukuphila kwethu kuzoba ngcono lapho sesiqala ukwazi uNkulunkulu. OFakazi BakaJehova banelungiselelo lesifundo seBhayibheli samahhala esingakusiza uthole izimpendulo zemibuzo onayo mayelana noNkulunkulu. Lesi sifundo singenziwa endaweni ekhethwa nguwe, nangesikhathi esivumelana nawe. Ungaxhumana nathi ngokungena ku-www.pr2711.com/zu.

a Bheka INqabayokulinda, No. 1 2019.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela