Indlela Enhle Yokubonisa Uthando Lobuzalwane
1 Njengoba kwashiwo kuyiNkonzo Yethu Yombuso KaMarch 1990, kuyaqhubeka kunesidingo esiphuthumayo samaHholo OMbuso engeziwe. Abazalwane bayaqhubeka benikela njalo ukuze basekele Isikhwama SeNhlangano SamaHholo OMbuso, futhi lokhu kuyajabulisa ngempela. Kuvumelana nomoya wobuKristu wokuhlala njalo silungele ‘ukwabelana.’ Ukupha ngokungagodli kwabazalwane kubonisa ukuthi sibeka ithemba lethu kuNkulunkulu, “osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho.”—1 Thim. 6:17, 18.
2 Ekuqaleni kwalonyaka, kwathunyelwa amalebuli amabili abhalwe ukuthi “Iminikelo Yesikhwama SeNhlangano SamaHholo OMbuso” emabandleni nesicelo sokuba kumiswe ibhokisi lomnikelo elikhethekile lalesikhwama. Nokho, kubonakala sengathi amabandla amaningi awakakwenzi lokhu. Ngokwesibonelo, ngoMay 1990 amabandla angu-249 kuphela anikela kulesikhwama. Uma ibhokisi lomnikelo elinjalo lingakamiswa ebandleni lenu, sinxusa umbonisi owengamele ukuba enze amalungiselelo okwenza kanjalo ngalelisonto uma kungenzeka. Futhi, lapho nithumela imali yesiKhwama SeNhlangano SamaHholo OMbuso, unobhala kumelwe ahlole ukuthi kuboniswe ngokucacile efomini lokuThumela Imali Nesicelo Sesaphulelo (S-AB-20).
3 Ngaphezu kokusekela ngezimali okuvela emabandleni nakubantu ngabanye, kuye kwaba nokusabela kothando nangezinye izindlela. Izisebenzi ezinekhono zinikela isikhathi esiyigugu namakhono ukuze zisize ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso adingekayo. Abanye baye banikela ngemishini nokokwakha. Lapho ezinye zezisebenzi ezinekhono zebandla zingekho ziye kosiza ekwakhiweni kwamaHholo oMbuso, abanye abamemezeli baye bandisa ukusekela kwabo umsebenzi webandla wenkonzo yasensimini. Kuyakhuthaza ukuphawula ukubambisana kwenhliziyo yonke kwabaningi kangaka. Njengoba sonke “sinezipho zomusa ezahlukileyo ngokomusa esiwuphiweyo,” masiqhubekeni sizisebenzisa ngokugcwele.—Roma 12:4, 6.
4 Ingabe inani lababeseSikhumbuzweni ebandleni lenu alinenzi yini nisiqaphele ngentshiseko isidingo esiqhubekayo samaHholo OMbuso engeziwe? Umphostoli uPawulu wakhuthaza abaseThesalonika ukuba ‘bavame ekuboniseni uthando.’ (1 Thes. 4:9, 10) Njengoba niqhubeka nenza lokhu ngezindlela eziwusizo okukhulunywe ngazo lapha, niyobe nibonisa umoya wokupha onjengokaKristu. (Math. 10:8; IzE. 20:35) Ngazo zonke izindlela, ‘lumiseni njalo uthando lwenu lobuzalwane.’—Heb. 13:1.