Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/89 kk. 1-4
  • Sizani Abantwana Bazuze EMhlanganweni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Sizani Abantwana Bazuze EMhlanganweni
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • INDLELA ABAZALI ABANGASIZA NGAYO
  • QAPHELA UKUQEQESHA NOKUBUKEKA
  • Zuza Ngokugcwele Emhlanganweni Wesigodi “Wokufundisa Kwaphezulu” Ka-1993
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Uyamenywa Emhlanganweni Wesigodi Ka-1989 “Wokuzinikela KuNkulunkulu”!
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • “Umhlangano Wesigodi “Wezithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu” Ka-1996
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Bonisa Ukukhathalela Abantu Abathakazelayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
km 11/89 kk. 1-4

Sizani Abantwana Bazuze EMhlanganweni

1 Kumenywa wonke umkhulekeli kaJehova ukuba aye eMhlanganweni Wesigodi “Wokuzinikela KuNkulunkulu.” Amalungiselelo omhlangano asenziwe, kucatshangelwa inani elikhulu labantwana abaphakathi kwethu. Yebo, intsha, ngisho “nabantwana,” balindeleke ukuba babe khona.—Dut. 31:12.

2 Abazali kufanele bafundise abantwana babo ukuthi umhlangano ungowabo nabo. Kungaba khona intuthuko enhle engokomoya uma abantwana beqonda ukuthi ukuba khona kwabo nokulalela kwabo isimiso somhlangano kuyingxenye yokukhulekela kwabo. Kuyavunywa, akulula ngaso sonke isikhathi ngabantwana ukuhlala phansi, bathule, futhi balalelisise phakathi nezingxenye zesimiso. Futhi, okunye kokwaziswa okunikezwayo kungase kube nzima ngabo ukukuqonda. Ngakho kubalulekile ukunakekela okuqhubekayo nomzamo, yebo, ukuzikhandla, kwabazali.

3 Kuyakhuthaza ukubona isithakazelo esiqotho ezinzuzweni ezingokomoya esiboniswa izingane ezincane nentsha eyeve eshumini nambili eba khona emhlanganweni. Nakuba elinye isasasa lingase libangelwe ikakhulu ithuba lokuhamba, ukujabulela izixuku, ukudla, kanye nokunye, ngisho nezingane ezincane kakhulu zingasizwa ukuba zazise umhlangano ngokwawo futhi zizuze ngokufanelekile izinzuzo ezingokomoya.

INDLELA ABAZALI ABANGASIZA NGAYO

4 Izingane zidinga ukuba izingqondo zazo ziqondiswe ezintweni ezingokomoya ngaphambi kokuya emhlanganweni. Ngaphambi kokuya emhlanganweni, kungani ungahlali phansi nezingane zakho futhi nibukeze ukwaziswa okusencwadini i-Insight ngaphansi kwesihloko esithi “Godly Devotion”? Ngokungangabazeki kuyosiza bonke emkhayeni ukuba bazuze esimisweni somhlangano.

5 Abazali abaningi baye bavuna imiphumela emihle ngokuhlomisa izingane zabo ngamaBhayibheli azo siqu, iculo, nangezinye izincwadi. Ukufaka umbono oqondile ngeBhayibheli nezincwadi zethu kuyosiza ekulawuleni ukuthambekela kokudlala ngezincwadi ngokuzidweba noma ukuzibhala. Khuthazani abantwana ukuba babhale amaphuzu, bese niwabukeza nawo wonke umkhaya kusihlwa. Futhi, kuyoba ngcono kakhulu ukungezi namathoyizi, izincwadi ezinemifanekiso efakwa imibala, kanye nezinye izinto zokudlala emhlanganweni.

QAPHELA UKUQEQESHA NOKUBUKEKA

6 Abanye abazali baye bavumela izingane zabo ukuba zibe isiphazamiso phakathi nesimiso. Ngisho nalapho kuthandazwa, ezinye izingane ziyadlala futhi ziphazamise abanye. Zibuze, ‘Zenzani izingane zami ngesikhathi kuthandazwa? Ingabe kumelwe zivunyelwe ukuba zisuke ezihlalweni zazo phakathi nesimiso? Abazali abakhathalelayo bakuthola kuwukuhlakanipha ukuhlala eduze nezingane zabo. Lokhu kubenza bakwazi ukuziqondisa kahle ukuze zingabi iziphazamiso kwabanye. Ngisho nalapho abazali benemithwalo yemfanelo ephathelene nomhlangano, kumelwe benze wonke umzamo wokuhlala nezingane zabo phakathi nezingxenye zesimiso. Izingane zidinga ukuqondisa kwabazali bazo siqu ngisho naphakathi nezikhathi zokuzijabulisa lapho zingekho endaweni yomhlangano.

7 Izingane zethu zigqoka kanjani emihlanganweni? Uma zigqoka izingubo zokunganaki nezicathulo zokudlala, ingabe lokhu kuyozisiza ukuba ziqonde ukungathi sína kwalesenzakalo? Ngakolunye uhlangothi, izingane ezigqoke kahle emihlanganweni yobuKristu zibonisa isizotha nokungathi sína kwesenzakalo. Lokhu kuletha udumo egameni likaJehova.

8 Isimo sengqondo esihle singakhuthazwa ngokuhlela ukuba izingane zenze umsebenzi othile ngemva kwezingxenye zesimiso. Izingane ezingaphansi kweminyaka eyi-16 singasebenza nomzali noma omunye umuntu omdala onomthwalo wemfanelo ngaphansi kokuqondisa koMnyango Wezisebenzi Zokuzithandela. Intsha eningi lokhu ikucabangela njengesici esiyinzuzo somhlangano.

9 Mhlawumbe ngokucabangela lokhu kusikisela, abazali kanye nabanye bangakuphaphamela ukusiza intsha ithole inzuzo enkulu emhlanganweni.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela