Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngencwadi Ethi Ukuthula Nokulondeka
1 Njengoba sibona izehlakalo eziholela ekugcwalisekeni kwesiprofetho esiku-1 Thesalonika 5:2, 3, sizimisele ukuqhubeka simatasa kakhulu ekuxwayiseni abantu ngalokho okusondelayo. Ngokufanelekile, enkonzweni yethu yasensimini phakathi noJune, siyohambisa incwadi ethi Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani? Lencwadi enhle ikhuluma ngalokho abantu abakucabangayo futhi ibanikeze isisekelo esiqinile sethemba.
ISIZATHU SOKUBA KUTHIWE IFIKE NGESIKHATHI
2 Abantu abaningi bayazibuza ukuthi kazi imizamo yamanje yokuthula yemibuso emikhulu iyophumelela yini noma ukwehluleka kwayo kuyofaka izizwe empini yenuzi. Incwadi ethi Ukuthula Nokulondeka ingabaduduza ngolwazi lokuthi uNkulunkulu uyolethela isintu ukuthula okuhlala njalo. Injongo yakhe ngomhlaba ayiwuvumeli ukuba ubhujiswe abantu. Indlala, ubumpofu obukhulu, nokungabi namakhaya kuyizinkinga zansuku zonke zezigidi zabantu. Incwadi ethi Ukuthula Nokulondeka ikhomba ekhambini langempela okuwukuphela kwalo lezinkinga ezihlupha izizwe. Ukungalondeki kwabantu ngenxa yobugebengu obandayo kwenza abaningi bazizwe bengabathunjwa emakhaya abo siqu. Incwadi ethi Ukuthula Nokulondeka iveza ikhambi ngokukhanya okungokomBhalo. Izindlela zesimanje zokuphila, kuhlanganise nokusetshenziswa kabi kwamandla obulili anikezwe uNkulunkulu, kuye konakalisa ukuphila kwabantu abangenakubalwa nemikhaya. Incwadi ethi Ukuthula Nokulondeka ikhomba ezindinganisweni zikaNkulunkulu nesivikelo esitholwa yilabo abakhetha ukuphila ngazo.
ISETHULO SAKHO
3 “Umthombo Wokuthula Kweqiniso Nokulondeka” kuyoba isihloko esisha sengxoxo kusukela ngoJune. ImiBhalo emibili eyosetshenziswa aboku-1 Thesalonika 5:3 noMika 4:3, 4. Niyothola ukuthi lezethulo eziningana ezisikiselwe ezinikezwa emakhasini 9-15 encwadi Ukubonisana zingavunyelaniswa nalesihloko nezidingo zensimu yakini.
4 Engxoxoweni yakho, sebenzisa imiBhalo emibili ekhonjiwe ukuze ubonise ukuthi ukuthula okwenziwe abantu akuhlali njalo kodwa ukuthula kukaNkulunkulu kungokwaphakade. Ngemva kokufunda nokukhulumela kafushane uMika 4:3, 4, ungase ukwazi ukudonsela umninikhaya engxoxweni ngokumbuza ukuthi ucabanga ukuthi ukugcwaliseka kwalesiprofetho kuyosho ukuthini ngesintu esihluphekayo. Uyojabula yini ukubona lesiprofetho sigcwaliseka esikhathini sethu? Khona-ke ungase uvule emfanekisweni oqondene nekhasi 199 encwadini ethi Ukuthula Nokulondeka, wukhulumele, bese udonsela ukunakekela enkulumweni eyodwa noma ezimbili ezikhethiwe ezisemakhasini alandelayo ambalwa ezibonisa ithemba elinokwethenjelwa lokuthula nokulondeka komhlaba wonke. Mema umninikhaya ukuba ayihlole ngokwengeziwe lendaba ngosizo lwencwadi ethi Ukuthula Nokulondeka Yebo, ungase ufise ukudonsela ukunakekela kwenye ingxenye yencwadi engxoxweni yakho nomninikhaya othile.
5 Uma ungenayo incwadi ethi Ukuthula Nokulondeka noma uma kungenzeka ukuba zikuphelele, zizwe ukhululekile ukusebenzisa noma iyiphi enye incwadi ekhona enamakhasi ayi-192.
6 Ukuthula kweqiniso akukhona nje kuphela ukungabi khona kwezimpi zezikhali, njengoba kuhlanganisa impilo, ukulondeka, nenhlalakahle yabo bonke. UJehova kuphela, “uNkulunkulu wokuthula,” neNdodana yakhe uJesu Kristu, “iNkosi yokuthula,” abangaqinisekisa lezibusiso zaphakade kulabo abenza ukuthula nabo. (1 Thes. 5:23; Isaya 9:6) Singabasiza omakhelwane bethu ukuba bajabulele ukuthula noNkulunkulu neNdodana yakhe manje futhi bathole induduzo nethemba lokuthula komhlaba wonke okuzogcwaliseka ngokushesha. Singakwenza lokhu uma sigcina ‘izinyawo zethu zigqokisiwe ukulungela ukushumayela ivangeli lokuthula,’ sihambisa incwadi ethi Ukuthula Nokulondeka phakathi noJune.—Efe. 6:15.