Memezela Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka
1 Ukuthula kweqiniso nokulondeka kungavela emthonjeni owodwa kuphela, uJehova uNkulunkulu. UMika usazisa ukuthi uJehova “uyakwahlulela phakathi kwezizwe eziningi, anqume phakathi kwezizwe ezinamandla.” Ube yini umphumela? “Isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.”—Mika 4:3.
2 Njengoba uJehova ewukuphela komthombo wokuthula kweqiniso, abantu badinga ‘ukukhuphukela entabeni kaJehova’ futhi bafundiswe ngezindlela zakhe ukuze bahambe emikhondweni yakhe. (Mika 4:2) Bayofunda ukuthi uJehova uNkulunkulu, ngoMbuso wakhe, uyoletha ukuthula kweqiniso kulomhlaba. Kodwa singabasiza kanjani abantu abengeziwe ukuba bafunde ngoMthombo wokuthula kweqiniso nokulondeka?
HAMBISA INCWADI UKUTHULA KWEQINISO
3 Incwadi Ukuthula Kweqiniso inokwaziswa okufike ngesikhathi kubantu abafuna ‘ukukhuphukela entabeni kaJehova.’ Udokotela ohlala eFinland wathola ikhophi yencwadi Ukuthula Kweqiniso. Ngalesosikhathi akazange ayifunde kodwa wayibeka eshalofini lezincwadi. Kamuva umkakhe wakhumbula ukuthi babenaleyoncwadi wayeseyifunda yonke. Waqiniseka ngaso lesosikhathi ukuthi wayelitholile iqiniso. Waqala ukutadisha futhi kamuva umyeni wakhe wahlanganyela naye. Manje babhapathiziwe, nabantwana babo futhi bangabamemezeli bezindaba ezinhle. Lokhu okuhlangenwe nakho kubonisa ukubaluleka kokuyisa incwadi Ukuthula Kweqiniso emakhaya amaningi ngangokunokwenzeka.
4 Ukulungiselela kwethu inkonzo yasensimini kufanele kuhlanganise ukubukeza uhlu lokuphakathi nezahluko zencwadi esicabanga ukuthi ziyokhanga kubantu. Singakhetha amaphuzu akhethekile encwadini ukuze siwasebenzise engxoxweni nabaninikhaya.
5 Ungase uzame ukusikisela okulandelayo. Ngemva kokufunda nokuxoxa ngemiBhalo eseSihlokweni Sengxoxo, donsela ukunakekela komninikhaya ekhasini 8 lencwadi Ukuthula Kweqiniso. Uma isikhathi sivuma, bhekani imiBhalo ekhonjiwe ukuze uveze umahluko phakathi kwalokho uMbuso kaNkulunkulu ozokwenza nalokho abaholi abangabantu abangenamandla okukwenza. Khona-ke funda isigaba 13. Ngemva kwalokho, ungase ubuze umninikhaya ukuthi angathanda yini ukucabangela amanye amaphuzu asesahlukweni esilandelayo. Ngalendlela, isifundo seBhayibheli singaqaliswa ngaso lesosikhathi. Uma kungenjalo, zama ukuqalisa isifundo lapho wenza impindelo.
6 Kusobala ukuthi umuntu ongaphelele akanakukuletha ukuthula kweqiniso nokulondeka. Ukuze babe nethemba eliqinile ngesikhathi esizayo, abantu kumelwe bakholelwe kuNkulunkulu. Kodwa “bayakukholwa kanjani abangezwanga ngaye na? Bayakuzwa kanjani, kungekho oshumayelayo na?” (Roma 10:14) Siyaphela isikhathi sokuba abantu babe nethuba lokuphendukela eMthonjeni wangempela wokuthula kweqiniso nokulondeka. Sengathi singenza konke esingakwenza ngenyanga kaJune ukuze simemezele isigijimi sokuthula kweqiniso kwabaningi abanhliziyo-ziqotho ensimini yebandla.