Siza Abanye Ukuba Bazise UMdali Wethu Ophakeme
1 Njengoba siphawula indalo esizungezile, akukho kungabaza ezingqondweni zethu ukuthi ukhona uMdali nokuthi unesithakazelo kakhulu ekusaseni lethu. (Roma 1:20) Izahluko 4 no-7 zencwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ziye zasiza ekukhuliseni ukwazisa kwabantu abaningi ngoMdali. Ziye zasisiza futhi ukuba sikwazi ukuchazela abanye indlela ukuphila okwaba khona ngayo.
SEBENZISA NGOKUNENZUZO WONKE AMATHUBA AFANELEKILE
2 Phakathi nenyanga kaSeptember, sizophinda futhi sibe nelungelo lokuhambisa lencwadi enkonzweni yasensimini. Ngaphandle kwasenkonzweni yethu yendlu ngendlu yasikhathi sonke, singayiphatha incwadi Ungaphila Phakade eyodwa noma ezimbili lapho sihlanganyela emsebenzini wasemgwaqweni nalapho sifakaza ngokwethukela. Singayihambisa kwesisebenza nabo, esifunda nabo, ezihlotsheni, nakwabanye esihlangana nabo. Ingabe abantu abathakazelayo obavakashelayo banayo lencwadi? Uma kungenjalo, kungani ungaqikeleli ukuba bayithole? Ingabe unomzila kamagazini? Kungenzeka labantu bathande ukuba nayo. Sebenzisa ngokunenzuzo zonke izikhathi ezifanelekayo ukuba uhambise incwadi Ungaphila Phakade kulenyanga.
3Abasha abaningi baye baphumelela ekuhambiseni incwadi Ungaphila Phakade esikoleni. Ingabe uke wakuzama ukuphatha lencwadi lapho uya esikoleni? Lapho labo abathanda ukwazi bebuza imibuzo, uyoba nethuba lokufakaza kubo. Abanye abamemezeli baye bathola impumelelo lapho benza umsebenzi wasemgwaqweni ngaphandle nje kwamahostela futhi baye baba nezingxoxo ezinhle nabaningi abahlala lapho.
SEBENZISA ISIHLOKO SENGXOXO
4 Isipho sencwadi Ungaphila Phakade sihambisana kahle neSihloko sethu Sengxoxo, esithi “Khulekela Umniki-kuphila.” Ekuhambiseni lencwadi, ungase uthi: “Abantu abaningi banesithakazelo sokwazi indlela ukuphila okwaqalisa ngayo. Ingabe wake wazibuza ngalokho? [Lindela impendulo.] Kunemibono ehlukahlukene ngokuphathelene nesiqalo sokuphila. Ake sicabangele incazelo enengqondo yeBhayibheli. [Funda amaHeberu 3:4.] Ngakho ngokunengqondo zonke izakhiwo noma izindlu esizibonayo namuhla zaba nomklami kanye nomakhi. Ngokusobala, indawo yonke eyinkimbinkimbi ngokwengeziwe kumelwe ukuba yaba nomdali. NgokwamaHeberu 3:4, loMdali nguNkulunkulu. Kodwa ukulazi kwethu leliqiniso kufanele kusithinte kanjani? [Funda isAmbulo 4:11.] Ngakho inkambo okuhlakaniphile ukuyithatha lapho kusenesikhathi iwukufunda ngentando yoMdali nokuvumelanisa ukuphila kwethu nayo.” Khona-ke bhekisela esahlukweni 7, uvule umfanekiso osekhasini 70. Phawula ukuthi lencwadi izobonisa indlela umuntu aba khona ngayo nokuthi ukulalela uMdali wethu kungaholela kanjani ekuphileni okuphakade.
5 Yeka indlela esijabula ngayo ngokuba nalomqulu onemifanekiso emihle, namakhasi angama-256 ochaza iqiniso ngepharadesi lasemhlabeni! Nokho, ngokuyinhloko, lencwadi idumisa uMdali wethu oPhakeme. Lokho ikwenza ngokusazisa indlela ukuphila okwaba khona ngayo, injongo kaJehova emangalisayo yokungcwelisa igama lakhe, nesithembiso sakhe sokubusisa isintu ngoMbuso.