Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngokufakaza Ngesibindi Ensimini Yamabhizinisi
1 Isibindi siyadingeka ekushumayeleni izindaba ezinhle. Lokhu kuyiqiniso ikakhulukazi lapho sifakaza ensimini yamabhizinisi. Abanye abamemezeli bamanqikanqika ukusebenza ezimakethe, ezindaweni zokugibela amatekisi, njalonjalo. Kodwa lokhu kungase kube ngenxa yokuntula okuhlangenwe nakho. Noma kungase kube isici esidinga ‘ukuqunga isibindi’ kuso.—1 Thes. 2:2, NW.
2 Abamemezeli abaningi baye bathola imiphumela emihle ngokufakaza ensimini yamabhizinisi. Omunye umbonisi wesifunda wabika ukuthi ngezinsuku eziyisishiyagalolunye kusetshenzwa insimu yamabhizinisi njalo ekuseni, kwahanjiswa ingqikithi yezincwadi eziyi-177. Kwakuyohanjiswa ezengeziwe, kodwa izincwadi zamane zaphela. Ngakho ababonisi besifunda bakhuthazwa ukuba bahlanganise ukufakaza ensimini yamabhizinisi lapho behambela amabandla. Nawe futhi ungaphumelela uma wenza umzamo wokuhlanganyela ensimini yamabhizinisi.
GCINA ISIMO SENGQONDO ESIQONDILE
3 Ngokuvamile ukuphumelela kuxhomeke esimweni sethu sengqondo. Abanye abamemezeli bathambekele ekucabangeni ukuthi ukufakaza kubanini-zitolo kungaba nzima ngokwedlulele. Omunye ummemezeli owaba nalombono wathi: “Ngangilindele ukuthi ukusabela kube okuphambene. Nokho, okwangimangaza ukuthi basabela esigijimini soMbuso ngokwehluke ngokuphelele. Babenesizotha nobungane bokungazenzisi futhi cishe ngaso sonke isikhathi babamukela omagazini.” Yebo, labo abahlanganyela ekusebenzeni insimu yamabhizinisi bakhuluma ngayo njengewumsebenzi okhiqizayo oletha izibusiso.
4 Abadala, ikakhulukazi umbonisi wenkonzo, kumelwe bahole. Kungase kube inzuzo ukulungiselela amabalazwe akhethekile ensimu yezindawo ezigcwele amabhizinisi. Kwezinye izindawo, izimakethe, izindawo zokugibela amabhasi, amatekisi, njalonjalo, zingasetshenzwa kanye namasimu endawo nawasemaphandleni. Qikelelani ukuba ningazishalazeli izitolo, amahhovisi, amafektri, nezinye izindawo ezifanayo. Abadala bangase bakubone kufaneleka ukukhetha abamemezeli abafanelekayo ukuba basebenze insimu enamabhizinisi.
5 Labo abahlanganyela kulomsebenzi kumelwe bagqoke kahle futhi balwele ukushaya ngamafuphi futhi bashaye emhloleni lapho bethintana nosomabhizinisi. Izintshumayelo ezingeqi emzuzwini ngobude zifaneleka kakhulu. Ukukhetha izinsuku nezikhathi ezingematasa kakhulu kubalulekile ekutholeni imiphumela emihle lapho kusetshenzwa insimu yamabhizinisi. Abanye baye bathola amahora asekuseni ngoMgqibelo efaneleka, kuyilapho abanye bekuthola kuyinzuzo ukuya ekuseni phakathi nesonto lapho abaninizitolo bengematasa kakhulu futhi kungagcwele kakhulu nasezitolo.
LOKHO ESINGAKUSHO
6 Lapho sisebenza insimu yamabhizinisi, singase siqokomise omagazini, isipho sencwadi senyanga, noma amapheshana. Indlela yethu yokukhuluma nokuhambisa isipho ingehlukahluka kuye ngokwezimo. Lapho sihambisa omagazini singase sithi: “Njengoba ngokuvamile kunzima kakhulu ukuthola osomabhizinisi ekhaya, namuhla senze lomzamo wokuthintana nawe. Kumagazini wamuva weNqabayokulinda, kunesihloko esithi [yisho isihloko] esinokwaziswa okukuthintayo wena siqu. Sinomuzwa wokuthi uyokujabulela ukusifunda lesihloko kanye nezinye. Sihambisa INqabayokulinda kanye nePhaphama! ngomnikelo ka-R1,20 kuphela.”
7 Singaqokomisa futhi nencwadi ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation? kosomabhizinisi abathanda ukufunda isiNgisi. Lapho uhambisa lencwadi ensimini yamabhizinisi, ungase uthi: “Njengosomabhizinisi, uyazi ukuthi kudingeka umzamo omkhulu ukuze uphumelele. Ingabe ukuzenzakalela kwezinto ngenhlanhla nje kwakuyophumelela ekuvezeni ukuphila kanye nendawo yonke? Lencwadi inikeza ubufakazi obungokwesayensi bokuthi uNkulunkulu wadala ukuphila. Ibonisa nenjongo enengqondo kaNkulunkulu yokudala umuntu. Sihambisa lencwadi enesihloko esithi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation? Inokuningi ekushoyo ngokuphila nalokho ikusasa elikuphathele isintu. Siyishiya ngomnikelo ka-R7,50.” (Incwadi encane iwu-R3,75.)
8 Singaqiniseka ukuthi uJehova uyoyibusisa imizamo yethu yenkuthalo yokufinyelela abantu nalezindaba ezinhle ezisindisa ukuphila. Kunesidingo esibalulekile sokuba ngabenzisisayo emsebenzini wethu wokufakaza. (IzE. 20:24) Njengoba ngokuvamile kunzima ngathi ukuthola osomabhizinisi ekhaya, kumelwe sibambe amathuba okukhuluma nabo emisebenzini yabo. Nakuba ukusebenza insimu yamabhizinisi kungase kubeke inselele, singaphumelela uma ‘siqunga isibindi sokukhuluma izindaba ezinhle zikaNkulunkulu.’