Ukulungiselela Inkonzo Yobuphayona Obusizayo Kusengaphambili
1 Ngaphambi kokuba siqalise ngempela ukwenza umzamo wokufinyelela umgomo, kudingeka senze amalungiselelo. Ngokwesibonelo, singase sifune ukuthatha iholide elihlanganisa ukuya emhlanganweni. Lokho kungase kuhilele ukuhlela kusengaphambili ukulondoloza izimali, ukuthola indawo yokuhlala, ukulungisa imoto yethu ukuze ilungele uhambo, kanye nokunye. Wonke lamalungiselelo ayadingeka uma sizowufinyelela umgomo wethu.—IzAga 21:5.
2 Ngendlela efanayo, ukulungiselela kuyadingeka uma sizophumelela ekubeni nengxenye enkonzweni yobuphayona obusizayo. Amashumi ezinkulungwane zabafowethu nodadewethu emhlabeni wonke zihlanganyela njalo kulesici senkonzo futhi zivuna izinzuzo eziningi zomuntu siqu. Ukusikisela okulandelayo kungase kukusize ekwenzeni amalungiselelo akho okuhlanganyela enkonzweni yobuphayona obusizayo, mhlawumbe kusukela ngenyanga ezayo.
3 Khetha isikhathi ongakwazi ngaso ukuhlela ukuba nesikhathi esiningi sokusisebenzisa enkonzweni yasensimini ukuze ufinyelele umgomo wamahora angama-60. Lokhu kungase kuhlanganise ukusebenzisa isikhathi esithile seholide onaso. Intsha esesesikoleni ingasebenzisa isikhathi samaholide ekubeni amaphayona asizayo.
4 Izinyanga ezinezimpelasonto ezinhlanu ezigcwele ngokuvamile zinikeza isikhathi esengeziwe senkonzo yasensimini. Xoxa nabanye abangase bakwazi ukusebenza nawe njengamaphayona noma njengabamemezeli.—IzAga 20:18.
5 Yakha isimiso esisebenzayo ukuze ukwazi ukusebenzisa isikhathi sakho ngokuhlakanipha okukhulu. Yenza amalungiselelo okusebenzisa ingxenye enkulu yesikhathi sakho emsebenzini wendlu ngendlu. Kungahlelwa futhi nokufakaza emgwaqweni nasezitolo kanye nokuya ezimpindelweni nasezifundweni zeBhayibheli. Cabangela ukufakaza kusihlwa lapho kunokwenzeka khona, futhi ubambisane namalungiselelo ebandla omsebenzi wasensimini phakathi nesonto nangezimpelasonto. Ukusekela nokusebenza nabanye abazalwane nodade kungakukhuthaza. Qhubeka usa lendaba kuJehova ngomthandazo. (Kol. 4:2) Cela ukuqondisa kwakhe njengoba ulungiselela ukuhlanganyela enkonzweni yobuphayona obusizayo.
6 Abaningi baye banambitha inkonzo yesikhathi esigcwele ngokuba amaphayona asizayo kuqala, futhi lokhu kuye kwabashukumisela ukuba babe amaphayona avamile. Usuku ngalunye lusisondeza ekugcwalisekeni kwezithembiso zikaJehova ezinhle ngokuphathelene nesiphelo salesimiso esibi sezinto kanye noMbuso wokulunga ozayo ngoKristu Jesu. Yeka isibusiso okungaba yiso ngalabo abakwaziyo ukujabulela uhlobo oluthile lwenkonzo yesikhathi esigcwele! Kuhlelele kusengaphambili, futhi kwasengathi uJehova angayibusisa imizamo yakho.