Ukwanelisa Isidingo Sakho Esingokomoya
1 UJesu wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Math. 5:3, NW) Kungani kubaluleke kangaka ukuqaphela isidingo sethu esingokomoya? Singabonakalisa kanjani ukuthi siyasiqaphela? Yiziphi izingibe okumelwe sizigweme, futhi yiziphi izibusiso eziyoba umphumela wokuqaphela isidingo sethu esingokomoya?
2 Ngokungangabazeki sonke sijwayelene nobuhlobo obuphakathi kokuphila kahle kwethu ngokomzimba nokudla okufanele. Umuntu akanakuzidebeselela izidingo zakhe ezingokwenyama ngokuqhubekayo kodwa alindele ukwenza umsebenzi omuhle nsuku zonke. Isimiso esifanayo siyasebenza lapho sidebeselela ukuzondla ngokomoya.—Math. 4:4; Joh. 17:3.
IMIHLANGANO IYASIZA EKWANELISENI IZIDINGO
3 Kunobuhlobo obuqondile phakathi kwempilo yethu enhle engokomoya nesimiso sethu sokuzondla ngokomoya. Emihlanganweni yethu “inceku ethembekileyo neqondayo” inikeza ukudla okuhle okungokomoya okwanelisa lesidingo sethu. (Math. 24:45-47) Umhlangano ngamunye ufeza injongo ekhethekile, futhi awukho okufanele udebeselelwe. Ingabe uyayilungiselela yonke imihlangano futhi ubakhona kuyo njalo?
4 Ake sicabangele kafushane nje emithathu yemihlangano yethu emihlanu yamasonto onke. Umhlangano eyinhloko oklanyelwe ukusigcina sazi ngeqiniso elithuthukayo isifundo seNqabayokulinda. iSikole SeNkonzo Esingokwasezulwini singasisiza ukuba sibe izikhonzi ezinekhono, isifundo Sencwadi Sebandla senza sikwazi ukutadishisisa izindaba ezihlukahlukene zeBhayibheli.
5 Ingabe uyayilungiselela imihlangano yebandla? Abanye bangase bashwampuluze nje ukwaziswa okuzofundwa, bedwebela ngokushesha izimpendulo zemibuzo, kodwa bengayifundi imiBhalo ekhonjiwe. Bangase bakulungele ngandlela-thile ukuphendula, kodwa ingabe bakuthola ngokugcwele ukondliwa okungokomoya okutholakalayo? Ingabe kukhona lapho eningathuthukisa khona endleleni wena nomkhaya wakho enilungiselela ngayo imihlangano?
THENGA ISIKHATHI
6 Lapho ubeka eceleni isikhathi sokulungiselela imihlangano, ungayivumeli ithelevishini noma yimuphi umsebenzi engabalulekile kangako uphazamise okuhlelile. Izinhloko zemikhaya, ikakhulukazi, kufanele zisize imikhaya yazo ukuba ibambelele esimisweni sasikhathi sonke sesifundo seBhayibheli, sokulungiselela imihlangano, nesokuhlanganyela enkonzweni yasensimini. Sonke kufanele sisithathe ngokungathi sina iseluleko somphostoli uPawulu ‘sokuthengisisa isikhathi’ futhi senze ingokomoya lethu lize kuqala.—Efe. 5: 15-17.
7 Ngokuqaphela isidingo sethu esingokomoya, siyogwema izingibe zokunganaki, noma zokuba ngabanelisekile. Njengabantu ngabanye nangenjengemikhaya, sinezidingo zangempela ezingokomoya. Injabulo yethu ehlala njalo ixhomeke emizamweni esiyenzayo yokwanelisa isidingo sethu esingokomoya.