Usizo Ngesikhathi Esifanele
1 Ngenxa yokulikhathalela kwakhe okuqotho ibandla, uJesu ngaso sonke isikhathi uyonikeza ‘usizo ngesikhathi esifanele.’ (Heb. 4:16) Oluningi losizo oludingekayo lunikezwa ‘ngezipho ezingabantu, (NW)’ njengoba kuthenjiswe kweyabase-Efesu 4:8, 11, 12. Esinye isipho esinjalo umbonisi wenkonzo ebandleni ngalinye.
2 Umbonisi wenkonzo angasisiza ngaziphi izindlela? Ziningi: (1) Ulwela ukusigcina sonke siqaphela ukubaluleka komsebenzi wokushumayela nokwenza abafundi. (2) Ukhathalela ukuthi kukhona ukuhleleka nokuhola okuhle ensimini ngamaqembu esifundo Sencwadi Sebandla. (3) Unesithakazelo ekuboneni ukuthi ngamunye wethu unikezwa usizo lomuntu siqu oludingekayo ekuthuthukiseni ukuphumelela kwethu njengezikhonzi.
UKUHAMBELA KOMBONISI WENKONZO
3 Ngaphezu kosizo oluhle lwasikhathi sonke olunikezwa ngelungiselelo lesifundo Sencwadi Sebandla, siye senzelwa amalungiselelo akhethekile okuthola usizo lomuntu ngamunye. Umbonisi wenkonzo ngokuvamile wabelwa ukuba aqhube isifundo Sencwadi Sebandla, kodwa kanye ngenyanga uyalishiya iqembu lakhe ukuze asebenze nelinye lamaqembu esifundo sencwadi isonto elilodwa. Umsizi wakhe uyambambela ngenkathi engekho. Wazisa umqhubi weqembu kusengaphambili ngokuhambela kwakhe ukuze iqembu likwazi ukwenza ukuhlela okudingekile ukuze lizuze ngokugcwele emsebenzini walelosonto.
4 Phakathi nalelisonto elikhethekile, isifundo sencwadi siqhutshwa njengokuvamile imizuzu engu-45. Lokhu kushiya imizuzu engu-15 yokuba umbonisi wenkonzo akwazi ukunikeza inkulumo eyisikhuthazo eklanyelwe ukusisiza ukuba sithuthuke emsebenzini wethu wobuvangeli. Kubalulekile ngabo bonke abamemezeli, kanye nalabo abasanda kuthakazela, ukuba babe khona.
5 Bonke abamemezeli eqenjini elihanjelwe kufanele bahlele ukuba nengxenye egcwele enkonzweni phakathi nalokhu kuhambela okukhethekile, ikakhulukazi ngempela-sonto. Lapho kufaneleke khona, ukufakaza kwakusihlwa kungahlelelwa lelosonto. Omunye wemigomo yombonisi wenkonzo iwukusebenza enkonzweni nabamemezeli abaningi ngangokunokwenzeka. Mhlawumbe angaphelezela abanye bethu ezimpindelweni zabo nasezifundweni zeBhayibheli. Noma ubani odinga usizo noma isikhuthazo enkonzweni angaya kuye acele usizo. Futhi, singathola izinzuzo ngokuba khona emihlanganweni yenkonzo yasensimini ayiqhubela leloqembu ngalelosonto.
6 Umbonisi wenkonzo uzinika isikhathi sokuxoxa nomqhubi wesifundo ngomsebenzi weqembu. Kubukezwa amalungiselelo enkonzo asikhathi sonke ukuze kuqinisekwe ukuthi izinto zihleleke ngendlela esebenzisekayo ebalungele bonke. Uma abanye bedinga usizo noma isikhuthazo sokuhlanganyela njalo enkonzweni, angakhuluma nabo ngasese futhi abanikeze ukusikisela komusa okuyobasiza ukuba bathuthuke. Umbonisi wenkonzo angenza amalungiselelo okuhambela abamemezeli abangabiki njalo nomqhubi wesifundo. Futhi, angabukeza ifayili yemibiko yezifundo zeBhayibheli nomqhubi wesifundo sencwadi waleloqembu. Mhlawumbe bangaphelezela abanye babamemezeli ukuya ezifundweni zabo zeBhayibheli zasemakhaya futhi banikeze isikhuthazo esingokomoya.
7 Emabandleni anamaqembu amaningi ezifundo zencwadi, ukuhambela kombonisi wenkonzo akunakwenziwa njalo. Ngakho, bonke kufanele benze umzamo owengeziwe ukuze bazuze ngokugcwele lapho ebahambele. Phakathi nokuhambela, phawula ukusikisela okunikezwayo ukuze uthuthukise inkonzo yakho futhi wenze umzamo wenkuthalo wokukusebenzisa ngaphambi kokuhambela okulandelayo. Yiqiniso, uyatholakala ebandleni ukuze anikeze usizo nganoma yisiphi isikhathi lapho siludinga. Emabandleni anamaqembu ambalwa Ezifundo Zencwadi Zebandla, umbonisi wenkonzo uyozimisela ukuhambela iqembu ngalinye okungenani njalo ngemva kwezinyanga eziyisithupha.
8 Ukuzimisela kwethu ukubambisana nombonisi wenkonzo nokunikeza ukusekela kwenhliziyo yonke lapho ehambele iqembu lethu lesifundo Sencwadi Sebandla kuyosisiza ukuba sandise impumelelo yethu emsebenzini wokwenza abafundi futhi sithole injabulo eyengeziwe enkonzweni yethu.