Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/90 kk. 3-4
  • Phaphamela Ukuqalisa Izifundo Zebhayibheli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Phaphamela Ukuqalisa Izifundo Zebhayibheli
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • PHAPHAMELA AMATHUBA
  • IZIKHATHI ZOKWETHUKELA
  • Ingabe Usikisela Isifundo SeBhayibheli?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Ingxenye 2​—Sebenzisa Wonke Amathuba Okufakaza
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Ukuqalisa Izifundo ZeBhayibheli Zasekhaya
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Kufuneka Izifundo ZeBhayibheli Ezengeziwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
km 9/90 kk. 3-4

Phaphamela Ukuqalisa Izifundo Zebhayibheli

1 Ukuqalisa nokuqhuba izifundo zeBhayibheli zasemakhaya kuyingxenye yokuthunywa kwethu njengoFakazi BakaJehova. (Math. 28:19, 20) Khona-ke, ingabe uzoba omunye wabasebenza noNkulunkulu ekwenzeni lokhu? (1 Kor. 3:9) Yeka ilungelo okuyilo ukusiza abanye ukuba bazi uMuntu ophakeme kunabo bonke endaweni yonke!

2 Njengoba kunezinkinga eziningi kangaka ezimayelana nezenzakalo zezwe elishintsha ngokushesha, abantu abaningi abanhliziyo-ziqotho bafuna izimpendulo zokuthi kungani lezizinto zenzeka. UJehova wazilungiselela kudala izimpendulo zemibuzo yabo. Lapho abaqotho befundiswa ngeZwi likaNkulunkulu, bayaduduzeka. Ngakho, sidinga ukuphaphamela amathuba okuqalisa izifundo zeBhayibheli.—IzAga 3:27.

PHAPHAMELA AMATHUBA

3 Ingabe wake wakucabangela ukuqalisa isifundo seBhayibheli nesihlobo esiseduze noma umuntu omjwayele ongekho eqinisweni? Ukubazi kuzokubeka esimweni esihle sokukwazi ukusebenzisa ukuqonda ekunqumeni isikhathi esifanelekile sokuxoxa ngalendaba nabo. Khumbula ukuthi umbuzo okhethwe kahle noma izwi elishiwo ngesikhathi esifanele kungavusa isithakazelo sabo eqinisweni. Lapho isifiso somuntu sokufuna ukwazi sesivusiwe, ngokuvamile kulandela izingxoxo ezinenzuzo, futhi kungase kuqaliswe isifundo seBhayibheli.

4 Ezimweni eziningi ukuziphatha okuhle komngane womshado ongumKristu kuye kwavula indlela yokuba ongakholwa angene eqinisweni. (1 Pet. 3:1, 2) Abangane bomshado abangakholwa kanye namanye amalungu omkhaya angakholwa ngokuvamile baba nokwazisa lapho amalungu ebandla ebaqaphela futhi ebahlonipha. Ukubonisa isithakazelo somuntu siqu kubo kungahamba ibanga elide ekwakheni ubuhlobo bobungane. Ngokusebenza ndawonye nomngane womshado noma ilungu lomkhaya eliseqinisweni, ungakwazi ukuphemba isifundo seBhayibheli.

5 Lapho sihlanganyela emsebenzini wendlu ngendlu, singase sizame ukuqalisa isifundo seBhayibheli ngokuhambela kokuqala. Kungenziwa kanjani lokhu? Abanye abamemezeli baye baphumelela ekwenzeni lokhu lapho umninikhaya ebuza imibuzo ephendulwa ngokuqondile encwadini. Uma umuntu evuma ukufunda incwadi noma uma esamukela ukuba singene, singabamba ithuba lokuba siqhubeke nengxoxo futhi mhlawumbe simbonise indlela yokuqhuba isifundo. Sebenzisa ukwahlulela kwakho ukuthi ungahlala isikhathi eside kangakanani ekuhambeleni kokuqala. Kungaba yinzuzo ukubuyela ngemva kwehora noma ngolunye usuku kamuva ukuyoqhubeka nengxoxo. Ekuhambeleni kwesikhathi esizayo, ungase ufise ukuqhubeka uxoxa ngesihloko owasethula ekuhambeleni kokuqala. Noma ungase uphendule umbuzo owaphakanyiswa ekuphetheni kokuhambela kwesikhathi esedlule.

IZIKHATHI ZOKWETHUKELA

6 Ukufakaza ngokwethukela kungaba enye indlela ekhiqizayo emizamweni yethu yokuqalisa izifundo zeBhayibheli zasemakhaya. Emisebenzini yethu yansuku zonke, sihlangana nabantu abaningi abangase bafise ukufunda. Ukusisiza ukuba sikwazi ukuphumelela, singasebenzisa ezinye zezethulo eziye zahlolwa zencwadi Ukubonisana ukuze siqalise izingxoxo. Futhi unganqikazi ukusikisela isifundo seBhayibheli ngenxa yokuthi okokuqala umuntu uhlala kwenye indawo futhi ngeke sikwazi ukuba nethuba lokusiqhuba ngokwethu isifundo.

7 Phaphamela izikhathi zokufakaza ngokwethukela, futhi kulungele ngokuphatha amapheshana kanye nomagazini abaningana okuzokhulisa isithakazelo sesilaleli eqinisweni. (UmSh. 11:1) Uma umuntu ebonisa isithakazelo eqinisweni futhi engekho ensimini yebandla lenu, thatha ikheli lakhe kanye nokunye ukwaziswa okudingekayo futhi ukudlulisele ebandleni lendawo ahlala kuyo ukuze othile akwazi ukumnakekela kahle.

8 Umsebenzi wokwenza abafundi awuwona nje owabambalwa. Ungowabo bonke ebandleni. Ukukhumbula ukuthi kuwukuthunywa kobuKristu kokwenza abafundi kuyosikhuthaza ukuba siphaphamele amathuba okuqalisa izifundo zeBhayibheli.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela