Ingxenye 2—Sebenzisa Wonke Amathuba Okufakaza
1 Amakhulu ezinkulungwane zabantu aye ajwayelana neqiniso ngokufakaza ngokwethukela. Uma lendlela yokufakaza isetshenziswa ngokugcwele, izigidi zabantu ziyofinyelelwa ngesigijimi sezindaba ezinhle. Njengezinceku zikaJehova, kumelwe senze ukukhanya kwethu kukhanye ngokuqhubekayo. Thina ngabanye singakwenza kanjani lokhu ngokugcwele?—Math. 5: 15, 16; Fil. 2:15.
2 Kunezindlela ezihlukahlukene esingenza ngazo amathuba okufakaza ngokwethukela. Phakathi nekhefu lokudla kwasemini, ngenkathi silindile ehhovisi elithile, noma lapho sisebenzisa izinto zokuhamba zomphakathi, abanye abazalwane bakwenza umkhuba ukufunda iBhayibheli noma omunye womagazini beNhlangano noma izincwadi. Ngokuqaphela ukusabela noma nanoma isiphi isithakazelo esiboniswa yilabo abahlezi eduze, kungase kuphumele engxoxweni uma nje sixoxa ngalokho esikufundayo.
3 Ngokuvamile akunzima ukuqalisa ingxoxo nomuntu ngendaba evamile ethakazelisayo endaweni. Uma sithandazela usizo lukaJehova bese senza umzamo, singajabulela imiphumela emihle. Indlela elula kakhulu yokunikeza ubufakazi obufushane nobokwethukela ingokuhambisa elinye lamapheshana ethu. Lokhu kungokunenzuzo ikakhulukazi ezimweni lapho singekho isikhathi esiningi sengxoxo. Amapheshana mancane futhi kulula ukuwaphatha kodwa aphethe isigijimi esinamandla. Abaningi bethu bangawasebenzisa ngokuvame kakhulu.
SEBENZISA INCWADI UKUBONISANA
4 Usizo olunenzuzo kuzo zonke izici zokushumayela ngoMbuso incwadi Ukubonisana. Eziningi zezingeniso ezisemakhasini 9-15, kanye nokwaziswa okungaphansi kwesihloko esithi “Abavimba Ingxoxo” emakhasini 15-24, zingavunyelaniswa nokufakaza ngokwethukela futhi zisetshenziswe ekuqaliseni ingxoxo. Ngokwesibonelo, esinye isingeniso esisekhasini 11 sithi: “Ingabe ufundile ngalokhu ephephandabeni lalelisonto? (Mbonise ingxenye efanele oyisike ephepheni.) Ucabangani . . . ?” Yeka ukuthi kulula kanjani, kodwa kunomphumela ongakanani ekuqaliseni ingxoxo! Noma singase sibuze umuntu ukuthi uye wayiphawula yini indlela iphephandaba eliye labacaphuna ngayo abantu abavelele abasebenzisa igama elithi ‘Armagedoni’ ekubhekiseleni empini yenuzi ekhukhulayo. Singabe sesimbuza ukuthi yena ucabanga ukuthi iArmagedoni iyosho ukuthini esintwini. Ukwaziswa okusekhasini 9 kungavunyelaniswa nengxoxo.
5 Noma nini lapho sifakaza ngokwethukela, kuhle ukuba simvumele umuntu asho lokho akucabangayo. Kufanele sibe abacabangelayo nabahloniphayo ngazo zonke izikhathi. Uma sikulalela ngokucophelela lokho omunye umuntu akushoyo, singase sikwazi ukubona ukuthi ziyini izithakazelo zakhe bese sikhuluma amazwi ayovusa isithakazelo sakhe esingokomoya. (IzAga 25: 11) Uma kunokwenzeka, kufanele sithole amagama namakheli alabo ababonisa isithakazelo yikhona sizoxhumana nabo ngokuqhubekayo ukuze sihlakulele isithakazelo. Ngokufanayo, kufanele sisibhale phansi isikhathi esisichitha ekufakazeni ngokwethukela ukuze sikwazi ukusibika ngokuqondile.
6 Uma unomuzwa wokuthi awukaze uphumelele ekunikezeni ubufakazi ngokwethukela, ungadumali. Imizamo yakho yokuhlwanyela izimbewu zeqiniso loMbuso ngokufakaza ngokwethukela ingase ithele kamuva. Ngokuvamile, ukunqwabelana kweqiniso elitshalwa ngokufakaza ngokwethukela okukhiqiza imiphumela emihle. Ngisho noma singenazo izincwadi zeBhayibheli esingazinikeza abantu, ukufakaza ngomlomo kungafeza okuhle okukhulu kakhulu. Kunezigidi zabantu esingazifinyelela uma sisebenzisa wonke amathuba okufakaza ngokwethukela.