Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/93 k. 10
  • Xhumanisa Amapheshana Nezinye Izincwadi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Xhumanisa Amapheshana Nezinye Izincwadi
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Sebenzisa Amapheshana Ukuze Uqale Izingxoxo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
  • Sebenzisa Amapheshana Ekwethuleni Incwadi Ethi Umuntu Omkhulu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Izimpindelo Ezilula Neziphumelelayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Lisebenzise Njalo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
km 4/93 k. 10

Xhumanisa Amapheshana Nezinye Izincwadi

1 Kubo bonke omagazini abakhishwayo namuhla, yi-Nqabayokulinda ne-Phaphama! kuphela engasiza abafundi abaqotho ukuba bathole indlela eya ekuphileni okuphakade. Njengoba uxoxa nabantu phakathi kuka-April no-May, abanye bayobonisa isithakazelo esiqotho esigijimi soMbuso, futhi ungase udonsele ukunakekela kwabo ngokuqondile komagazini bamuva futhi usikisele isikhokhelo. Abanye bangase bangabonisi sithakazelo ekuqaleni. Ezimweni ezinjalo, ungase uqale ngokuxoxa ngephuzu elilodwa noma amabili epheshaneni; khona-ke uma umninikhaya ebonisa isithakazelo esithile, xhumanisa lelipheshana nomagazini noma incwajana engangomagazini oyihambisayo.

2 Ungase uthi:

◼ “Abantu abaningi bangavuma ukuthi ezweni lanamuhla, kunezinkinga eziningi ukwedlula amakhambi. Ingabe bewazi ukuthi eziningi zezinkinga zethu ezingathi sína zabikezelwa eBhayibhelini?” Khona-ke ungase uphendukele emakhasini 4 no-5 epheshana elithi Ingabe Lelizwe Liyosinda? futhi uxoxe ngezinye zalezinkinga.

3 Uma uhambisa INqabayokulinda ka-April 1 futhi umninikhaya ebonisa isithakazelo kulokho okufunde epheshaneni, ungase ubhekisele esihlokweni esithi “Landela Ukukhanya Kwezwe” futhi uchaze indlela uJesu Kristu ekugcineni ayoxazulula ngayo zonke izinkinga zabantu. Khona-ke sikisela isikhokhelo. Uma singamukelwa, shiyela umninikhaya ipheshana nomagazini ababili futhi uthembise ukubuya ngesikhathi esifanele ukuze nixoxe ngalendaba ngokuqhubekayo.

4 Uma uqokomisa i-“Phaphama!” ka-April 8, ungase usebenzise isethulo esihlelwe esigabeni 2 salesihloko bese wenezela:

◼ “Abaningi bayalingabaza ikhono lenkolo nezombangazwe lokuxazulula izinkinga zethu, kodwa bayazibuza ukuthi isayensi inayo yini impendulo.” Khona-ke funda iphuzu elifanelekile esihlokweni esithi “Ingabe Isayensi Ingahlangabezana Nezinselele Zekhulu Lama-21?” Cishe lesihloko siyokhanga kakhulu entsheni eningi, ikakhulukazi abafundi.

5 Lapho uhambisa incwajana engangomagazini ethi “Bheka,” ungase usebenzise indlela ehlukile:

◼ “Abantu abaningi bayazibuza ukuthi yini eyenzekayo kithi lapho sifa. Abanye bathi siya ezulwini noma esihogweni; abanye abaqiniseki. Impendulo yeBhayibheli iyamangaza futhi iyaqinisekisa.” Khona-ke ungethula futhi ukhulumele izingxenye ezithile zepheshana elithi Liyini Ithemba Ngabathandekayo Abafile? Ngemva kwalokho ungabhekisela emakhasini 16 no-17 encwajaneni uma umninikhaya ebonisa isithakazelo epheshaneni.

6 Siyothola abantu abaningi abakhathazeke ngokujulile ngezimo zezwe eziba zimbi ngokwengeziwe. Kungani ungaqondisi ukunakekela kwabo emfanekisweni osepheshaneni elithi Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula? Ungase ufundele umninikhaya imibuzo emithathu ephakanyiswe esigabeni sokuqala sepheshana. Ngemva kokuba eveze umbono wakhe, qondisa ukunakekela kwakhe esigabeni sokuqala ngaphansi kwesihlokwana esithi “Ukuphila Ezweni Elisha LikaNkulunkulu” esisekhasini 3. Lesigaba sikhomba eMbusweni kaNkulunkulu njengendlela izwe elisha elinokuthula eliyokuza ngayo. Uma umninikhaya ebonisa isithakazelo esengeziwe, sebenzisa INqabayokulinda ka-April 1 ngendlela esikiselwe esigabeni 3 salesihloko.

7 Uma ungummemezeli osanda kuqala, ngokungangabazeki uyoyazisa indlela elula. Kungani ungazitholeli amapheshana amaningi anesihloko esithi Ingabe Lelizwe Liyosinda? futhi ulandele ukusikisela okuhlelwe ngenhla esigabeni 2?

8 Sinikezwe ilungelo lokuletha isigijimi sensindiso emakhaya abantu. Njengoba sifuna ‘abafanelekayo,’ masiwasebenzise ngokunenzuzo amapheshana ethu futhi siwaxhumanise nezinye izincwadi lapho sithola isithakazelo.—Math. 10:13.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela