Ukuhlanganyela Ngokuphumelelayo Enkonzweni Yethu Esindisa Ukuphila
1 Umphostoli uPawulu wayeyivumelanisa nezimo intshumayelo yakhe yezindaba ezinhle ukuze ‘ngakho konke asindise abanye.’ (1 Kor. 9:19-23) Ngokufanayo, siyophumelela kakhulu enkonzweni yethu uma sikuphaphamela ukubona izinto umninikhaya anesithakazelo kuzo futhi sikulungele ukuvumelanisa ingxoxo yethu nezidingo zakhe. Lokhu akufanele kube nzima lapho sihambisa INqabayokulinda ne-Phaphama! noma enye yezincwajana zethu ezingangomagazini.
2 Ngemva kokuzethula, ungase uqale ngokusho ngamazwi akho okuthile okunjengalokhu:
◼“Abantu abaningi baphelelwa ithemba ngenxa yokwehluleka okusobala kohulumeni bezwe ukunikeza amakhambi asebenzayo ezinkingeni zezikhathi zethu. Abanye baze ngisho basole nohulumeni ngezinkinga zabo. Ingabe ucabanga ukuthi uyoba khona uhulumeni oyokwazi ukunakekela izidingo zethu sonke ngokwanelisayo? [Lindela impendulo.] Ingabe uyazi ukuthi sinesithembiso esinokwethenjelwa sikahulumeni oyoziqeda ngempela zonke izinkinga esibhekene nazo?” Lalelisisa impendulo yomninikhaya. Zimisele ukushintshela kwenye yezintshumayelo eziningana ezihlukahlukene, kuxhomeke kulokho akushoyo.
3 Uma empendulweni yomninikhaya kunophawu lokuthi ukholelwa ukuthi ungumKristu, singase simbuze ukuthi uyawuthandaza yini umthandazo othi “Baba Wethu,” noma uMthandazo WeNkosi. Uma evuma, singase sisho lomthandazo oyisibonelo kuze kufike lapho uthi khona, “Mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.” (Math. 6:9, 10) Lokhu kufakazela ukuthi ngolunye usuku intando kaJehova iyokwenziwa lapha emhlabeni. Khona-ke ungabe usubhekisela esihlokweni esifanele se-Nqabayokulinda noma i-Phaphama! noma incwajana engangomagazini evumelana nalomqondo, njengasekhasini 3 lencwajana ethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi.
4 Uma umninikhaya engabonisi ukuba nokholo kuNkulunkulu, ungabhekisela kumaHeberu 3:4 bese uphenya ekhasini 4 lencwajana engangomagazini ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela? Funda izigaba 1 no-2 bese ubuza umbuzo osezansi ekhasini. Noma ungase uhlanganise nokwaziswa okufanelekayo okuvela kumagazini wamuva.
5 Uma umninikhaya ebonakala enelisekile ngesimo sakhe sokuphila, ungase ubuze lombuzo:
◼“Kungani kufanele sikucabangele ngokungathi sína lokho iBhayibheli elikushoyo ngekusasa likahulumeni?” Khona-ke singasebenzisa ukwaziswa okutholakala encwadini Ukubonisana emakhasini 238 no-239, siphawula kafushane ngesisodwa noma ezengeziwe zezizathu eziyisishiyagalombili ezinikezwe lapho. Uma umninikhaya ebonisa isithakazelo, sebenzisa ipheshana elithi Ingabe Lelizwe Liyosinda?, uqale ngesigaba sokuqala ekhasini 2, ukuze uqhubekisele phambili ingxoxo.
6 Ukuhambela kwakho kokuqala ngeke kuphumelele ngokuphelele uma ungavusi isithakazelo somninikhaya sokuhambela okulandelayo. Khona-ke, qiniseka ukuthi ubuza umbuzo othakazelisayo futhi uthembise ukuwuphendula lapho ubuya.
7 Kulokwaziswa okungenhla, khetha lokho okwazi ukukusho kalula. Yenza lokhu kusikisela kufanelane nensimu yakini. Zijwayelanise nezincwajana ezingangomagazini, amapheshana, nezihloko zomagazini ozozisebenzisa ukuze ukwazi ukusheshe uvumelanise ingxoxo yakho nezidingo zomninikhaya. Kwangathi sonke singalungiselela izintshumayelo zethu ngenkuthalo “ngenxa yevangeli” ngaleyondlela sihlanganyele ngokuphumelelayo kulenkonzo esindisa ukuphila.—1 Kor. 9:23.