Isimiso Esisha Somhlangano Wesifunda
1 Elalela amazwi kaJesu akuMathewu 6:33, amaKristu eqiniso njalo aye agcina uMbuso uza kuqala ekuphileni kwawo. Ngakho, esithi “Funani UMbuso Kuqala” siyisihloko esifanelekayo sesimiso somhlangano wesifunda esizoqala ngo-September 1993.
2 Zisuka amadaka nje isimiso siyoqokomisa ukuba ngokoqobo koMbuso, sigcizelele ukuthi uwuhulumeni osebenzayo onendawo oyibusayo, ababusi, izikhonzi, nemithetho. Empeleni, eminingi yemithetho yohulumeni babantu ezuzisa umphakathi namuhla isekelwe emithethweni yeBhayibheli.
3 Kuyocatshangelwa ukuvikeleka nezibusiso esizithola ngokunikeza uMbuso indawo yokuqala kuzo zonke izici zokuphila kwethu. Kuyonikezwa iseluleko esiwusizo ukuze kuboniswe indlela esingagwema ngayo ukukhathazeka okungadingekile. Izinkulumo, imiboniso, nezingxoxo kuyobonisa ukuthi kungani kubaluleke kangaka ukugcina iso lethu lilihle.
4 NgoMgqibelo womhlangano, labo abafanelekela ukubhapathizwa bayokwazi ukwenza ukuvuma kwasobala kokuzinikezela kwabo kuJehova. Futhi ngeSonto, sonke siyofuna ukuba khona enkulumweni yeningi, enesihloko esithi “Lokho UMbuso KaNkulunkulu Ozokwenzela Isintu.”
5 Qikelela ukuba wenze amalungiselelo okuba khona ngazo zombili izinsuku zomhlangano wesifunda. Isimiso somhlangano, kanye nobudlelwane obuhle bobuzalwane, kuyonikeza isikhuthazo esivuselelayo nesiqabulayo okungekho noyedwa kithi oyofuna simphuthele.