Landelela Omagazini Obahambisile
1 UJesu wakhuthaza abalandeli bakhe ukuba benze umsebenzi wokwenza abafundi. (Math. 28:19) Lokho kusho okungaphezu kokumane uhambise incwadi; sifuna ukusiza abantu bathuthuke ngokomoya. Ukuze sikwenze lokho kumelwe siphindele siyobanikeza usizo oluqhubekayo labo ababonisa isithakazelo.
2 Uma ekuhambeleni kwakho kokuqala wawuqokomise isihloko esithile esikomunye womagazini, kuyoba kuhle ukuba nixoxe ngendaba efanayo lapho uphindela:
◼ “Ngesikhathi ngikuvakashele, ngakubonisa isihloko esiku-Nqabayokulinda (noma i-Phaphama!) esasisiza ukuba siqaphele isidingo sokuhlolisisa iBhayibheli. Injongo kaNkulunkulu yekusasa elingcono lesintu igxile kuhulumeni wakhe woMbuso. UMika 4:3, 4 ulandisa ngesithembiso sakhe sokuthi loMbuso uyoqeda zonke izimpi.” Ngemva kokufunda lombhalo, yethula incwajana engangomagazini ethi “Bheka!,” bese umbonisa imifanekiso esesembozweni. Cabangela isigaba sokuqala nemibhalo ekhonjiwe ekulesosigaba, uphawule nokuthi uMika 4:3, 4 ungomunye wayo. Hlela ukuba ubuye uzoqhubeka nengxoxo yesigaba 2.
3 Uma umninikhaya ebonakala engenasithakazelo noma engenasikhathi sokuxoxa, ungamane unqume ukufaka igama lakhe kubantu abawumzila kamagazini:
◼ “Njengoba wabathakazelela omagazini engakushiyela bona esikhathini esidlule, ngicabange ukuthi uzobajabulela nabamuva. Ngikholelwa ukuthi lesihloko uzosithola sithakazelisa ngokukhethekile.” Mkhombise isihloko onomuzwa wokuthi sizomkhanga. Sikisela ukuba ubuye nabalandelayo.
4 Abanye abaninikhaya bathanda ukuqale babafunde omagazini ngaphambi kokwenza isikhokhelo. Esimweni esinjalo ungasebenzisa lendlela:
◼ “Njengoba ubonakala uyijabulela INqabayokulinda ne-Phaphama!, bengilokhu ngikujabulela ukukulethela abamuva lapho befika. Uma ungathanda, ngingahlela ukuba bakufikele njalo ngeposi ukuze uqiniseke ukuthi ubathola bonke ngothi lwabo. Isikhokhelo sabo bobabili labomagazini singu-R38,00 futhi uyothola omagazini abangu-48 ngonyaka.” Abanye abaninikhaya bangase bakhethe ukwenza isikhokhelo sikamagazini owodwa ngo-R19,00, kanti abanye bangakhetha ukuqala ngesezinyanga eziyisithupha ngo-R9,50.
5 Uma isikhokhelo wasihambisa ekuhambeleni kokuqala, kubalulekile ukuba uphindele ngokushesha ngangokunokwenzeka ukuze uvuse isithakazelo somninikhaya ngokuqhubekayo futhi uqale isifundo seBhayibheli.
Uma usebenzisa incwajana engangomagazini ethi “UHulumeni” ukuze umbonise indlela yokuyifunda, ungasebenzisa lendlela elandelayo:
◼ “Phawula okushiwo ikhasi 3 ngokuqondene nesihloko sesigijimi esasishunyayelwa uJesu ngesikhathi esemhlabeni.” Yibani senixoxa kafushane ngokwaziswa okusekhasini 3. Buza umninikhaya ukuthi ucabanga ukuthi kudingeka enzeni ukuze afunde okwengeziwe. Bese uthi: “Kubalulekile ukuba siqaphele ukuthi kungani sidinga uMbuso kaNkulunkulu kangaka. Ngingathanda ukubuya sizoxoxa ngokuthi kungani kumelwe sibheke kuhulumeni kaNkulunkulu njengowukuphela kwethemba lethu.”
6 Ngisho noma umninikhaya engenasithakazelo esifundweni seBhayibheli, cela ukuba ubuye njalo nomagazini bamuva kuze kube yilapho eseqale ukuthola isikhokhelo sakhe. Landelela bonke omagazini obahambisile futhi ukhuthaze bonke abaqotho ukuba bafunde okwengeziwe ngezinto uJesu ayala ukuba zenziwe.—Math. 28:20.