Lingisa UJehova Ngokukhathalela Abanye Ngobuqotho
1 UJehova Uyisibonelo Esikhulu Somuntu Obonisa Ukubakhathalela Ngobuqotho Abanye. Njengombusi Wendawo Yonke, Uyashesha Ukuziqaphela Izidingo Zendalo Yakhe Engabantu. (1 Pet. 5:7) UJesu Wakhuthaza Abalandeli Bakhe Ukuba Babonakalise Izimfanelo Zikayise, Owenza Ilanga Liphume Nemvula Inele Abalungile Nabangalungile. (math. 5:45) Ungamlingisa UJehova Ngokubonisa Ukubakhathalela Ngobuqotho Abanye—Uzimisele Ukuhlanganyela Isigijimi SoMbuso Nabo Bonke Ohlangana Nabo. Ngokujwayelana Kahle Nezincwajana Ezingangomagazini Ezizosetshenziswa Enkonzweni Ngo-july, Uyoba Sesimweni Esihle Sokunikeza Usizo Olungokomoya Kwabanye. Ukusikisela Okulandelayo Kusenza Sibone Ukuthi Singakulungiselela Kanjani Ukuhambela Kokuqala Bese Kamuva Ulandelela Isithakazelo Ngezimpindelo Ezenziwa Ngesikhathi Esifanele.
2 Lapho uhambisa incwajana engangomagazini ethi “Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?” ungase uthi:
◼ “Wake wazibuza ukuthi kungani uNkulunkulu evumela abantu ukuba bahlupheke uma ebakhathalela ngempela? [Lindela impendulo.] Lencwajana ayinikezi nje impendulo eyanelisayo kulombuzo kodwa futhi ibonisa nokuthi uNkulunkulu uthembise ukuwulungisa wonke umonakalo umuntu aye wawenza kuye ngokwakhe nasekhaya lakhe eliwumhlaba.” Funda isigaba 23 ekhasini 27. Mbonise umfanekiso ongezansi kwaso, bese ufunda iHubo 145:16 elisesigabeni 22. Hambisa lencwajana ngo-R1,00. Uma yamukelwa, buza umbuzo ongase uphendulwe ekuhambeleni okulandelayo, onjengokuthi: “Ungathanda yini ukwazi ukuthi uNkulunkulu uyoyifeza kanjani injongo yakhe yokulethela isintu izibusiso futhi aguqule lomhlaba ube ipharadesi?”
3 Lapho uphindela kulabo owabahambisela incwajana ethi “Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?” ungaqala enye ingxoxo ngalendlela:
◼ “Lapho ngikuhambele esikhathini esidlule, saxoxa ngokuthi uNkulunkulu uyasikhathalela ngempela nanokuthi kuyinjongo yakhe ukulungisa wonke umonakalo umuntu awenze kuye ngokwakhe nasekhaya lakhe eliwumhlaba.” Vula incwajana emfanekisweni osemakhasini 2-3 bese uthi: “Ingxoxo yethu sayiphetha ngombuzo othi, UNkulunkulu uyoyifeza kanjani injongo yakhe yokulethela isintu izibusiso nokuguqula lomhlaba ube ipharadesi? Ucabangani?” Lindela impendulo. Vula ikhasi 17, bese ufunda isigaba 2 no-Daniyeli 2:44. Kamuva funda isigaba 12 ekhasini 18. Buza umninikhaya ukuthi angathanda yini ukuyifunda nawe ingxenye 9 yalencwajana. Uma evuma, yifunde naye.
4 Nansi enye indlela engase isetshenziswe ekuhambiseni incwajana ethi “Lapho Ufelwa Othandekayo.” Mbonise isembozo bese uthi:
◼ “Namuhla sinikeza abantu lencwajana eye yaletha induduzo nethemba ezigidini zabantu eziye zashonelwa abathandekayo ngokufa. Wake wazibuza yini ukuthi iliphi ithemba elikhona ngabafileyo? [Lindela impendulo.] IBhayibheli lisisho ngokucacile isithembiso sikaNkulunkulu sovuko.” Funda uJohane 5:28, 29. Vula incwajana bese ukhulumela amaphuzu ashiwo esigabeni sokugcina ekhasini 28 nasesigabeni sokuqala ekhasini 31. Mbonise nemifanekiso elapho. Hambisa incwajana ngo-R1,00. Ungase uvule indlela yempindelo ngokubuza, “Singaqiniseka kanjani ukuthi ekugcineni ukufa kuzoqedwa ngokuphelele?”
5 Lapho wahambisa khona incwajana ethi “Lapho Ufelwa Othandekayo,” ungase uthande ukusebenzisa lentshumayelo lapho uphindela:
◼ “Lapho sixoxa ngaphambili, sakhuluma ngethemba elimangalisayo lovuko. Incwajana engakushiyela yona iyachaza ukuthi kungani singaqiniseka ukuthi ekugcineni ukufa kuyoqedwa ngokuphelele. Ingabe awuzange yini uzithole ziduduza futhi ziqinisekisa izithembiso zikaNkulunkulu?” Lindela impendulo. Yibe usuvula ikhasi 31 encwajaneni bese ufunda isigaba sesibili nesesithathu, kanye nesAmbulo 21:1-4. Qokomisa ithemba esinalo lokujabulela ukuphila singafi nanini. Kuye ngesithakazelo nezimo zangaleso sikhathi, ungase usikisele isifundo seBhayibheli ngencwadi ethi Ulwazi noma ubuze omunye umbuzo wokuvula indlela yempindelo elandelayo.
6 Ungase usho okulandelayo lapho uhambisa incwajana ethi “Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?”:
◼ “Abantu abaningi baye bazibuza ukuthi kazi iyini injongo yokuphila. Baye bazibuza: ‘Kungani ngilapha? Ngiyaphi? Ikusasa lingiphatheleni?’ Ucabanga ukuthi singazithola kuphi izimpendulo? [Lindela impendulo.] Phawula lokho iBhayibheli elikushoyo. [Funda iHubo 36:9.] Akunangqondo yini ukuphetha ngokuthi uMdali womuntu usesimweni esingcono sokusichazela ukuthi kungani silapha? [Lindela impendulo.] Lencwajana ibonisa injongo enhle kakhulu uNkulunkulu asigcinele yona.” Vula amakhasi 20-1, funda amazwi achaza umfanekiso, ukhulumele umfanekiso; bese uhambisa incwajana ngo-R1,00. Uma yamukelwa, buza: “Singaqiniseka kanjani ukuthi kuseyinjongo kaNkulunkulu ngabantu ukuba baphile phakade ePharadesi emhlabeni?” Misa isikhathi sokubuya.
7 Uma kuhanjiswe incwajana ethi “Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?,” lapho uphindela ungasho okuthile okunjengalokhu:
◼ “Ekuhambeleni kwami okwedlule, ngakujabulela ngempela ukuxoxa nawe ngombono weBhayibheli wokuthi ukuphila kwabantu kunayo ngempela injongo.” Mbonise umfanekiso osekhasini 31 bese ubuza, “Singaqiniseka kanjani ukuthi kuseyintando kaNkulunkulu ukuba abantu baphile phakade ePharadesi emhlabeni?” Funda isigaba 3 ekhasini 20. Xoxani ngamaphuzu asesihlokwaneni esithi, “Kuseyinjongo KaNkulunkulu,” esisekhasini 21. Vula isembozo esingemuva sencwajana, bese ufunda ukwaziswa okuphathelene nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala. Yethula incwadi ethi Ulwazi, bese usikisela ukumbonisa indlela esiyisebenzisa ngayo njengensiza-kufundisa yeBhayibheli.
8 Inkonzo yethu kufanele ibonise isithakazelo esiqotho esinaso ekusizeni abanhliziyo ziqotho ukuba ‘bafinyelele olwazini olunembile lweqiniso.’ (1 Thim. 2:4) Khona-ke, yenza isikhathi esimisweni sakho senkonzo sokuphindela kumuntu ngamunye owamhambisela incwajana. Ukubabonisa ukubakhathalela kwangempela kungase kuphumele ekusizeni labo ababubula bekhala ngenxa yezinto eziyisinengiso ezenziwa enkolweni yamanga ukuze babekwe uphawu lokusinda. (Hez. 9:4, 6) Uyothola injabulo nokwaneliseka okubangelwa ukwazi ukuthi ulingisa uJehova ngokukhathalela abanye ngobuqotho.—Qhathanisa neyabaseFilipi 2:20.