Ukuhlanzeka Kudumisa UNkulunkulu
1 UMthetho kaMose wawunezimfuneko eziqinile zokuqikelela ukuthi kunenhlanzeko. Zazihlukanisa ama-Israyeli njengabantu okwakudingeka bazigcine behlanzekile ngokomzimba nangokomoya. (Lev. 11:35, 36; 15:1-11; Isaya 52:11) Lesisimo senhlanzeko sasiletha udumo kuNkulunkulu futhi sineqhaza empilweni yesizwe.
2 Nanamuhla, ukuhlanzeka kuwuphawu oluhlukanisa abantu bakaJehova. Nakuba lokhu kuphawula abantu bakaJehova njengeqembu, ingabe kunjalo ngathi ngabanye? Izinga esikuqaphela ngalo ukucoceka nokuhlanzeka komuntu siqu kubonisa ukuthi sizazisa kangakanani izimfuneko zikaJehova.
3 Kuthiwani ngokubukeka kwamakhaya ethu? Ingabe kuyasithunaza isigijimi esisiphethe? Kungenzeka yini abanye babungabaze ubuqotho bethu uma sikhuluma ngokwenza umhlaba ube ipharadesi kanti amakhaya ethu amahlikihliki namagceke alele isikhotha nokhula? Uma amakhaya ethu emafihlifihli noma enephunga elibi ngenxa yemikhuba yokungahlanzeki, kungashiwo yini ukuthi sihlakulela “imikhuba nesimo sokuhlanzeka esiyohambisana nohlelo olusha ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu?”—omZU kk. 130-1.
4 Kuthiwani ngemoto esiyisebenzisa enkonzweni yasensimini? Ihlanzekile yini ngaphandle nangaphakathi, ukuze ukubukeka kwayo kungathunazi umsebenzi wethu? Kuthiwani ngezingubo zethu, isikhwama sezincwadi, nokuzilungisa komuntu siqu? Ingabe kucocekile futhi kuyabukeka, akunikezi sizathu sokusola? Kufanelekile ukuba sigcine izingubo zethu kanye nathi sihlanzekile ngokugeza nokuwasha njalo.—wZU89 6/1 kk. 16-19.
5 Kuthiwani uma umzalwane ebe onganaki kangangokuba ukuhlanzeka kwakhe noma indawo akuyo sekuye kwaletha isihlamba ebandleni? Mhlawumbe umane nje udinga usizo lothando ngenxa yokuguga noma ukugula. Uma kunjalo, ukumsiza kuyoba ukubonisa umusa. Omunye angase abe nalenkinga kodwa angayiqapheli; iseluleko somusa singamenza alungise isimo. Abantu abaqhubeka bebeka isibonelo esibi kulesisici ngeke bawafanelekele amalungelo avelele ebandleni. Yiqiniso, abadala kufanele baqaphele bangabeki izindinganiso zabo siqu noma izinto abazithandayo.
6 Abantu abasanda kuthakazela bamenyelwa ukuzojabulela idili elingokomoya eHholo lethu LoMbuso. Ngokuvamile, siba magange ngokubamema ngoba ihholo liyakhanga futhi licocekile. Nokho, kudingeka kusetshenzwe ukuze lihlale linjalo. Ake uthi qala qala ehholo lakini. Ingabe izihlalo, iphansi, nezindonga kuhlanzekile? Izindlu zangasese ziyakolojwa njalo? Lapho sesingasakushayi mkhuba ukubuka ukhaphethi oxhuthukayo noma izindonga ezixebuka upende, ngokushesha lokho singase sikubheke njengokwamukelekayo. Kodwa izivakashi eziqala ngqá ukuza zingase zisale zinombono ongemuhle. Kufanele senze okusemandleni ethu ukugcina ihholo likhanga futhi libukeka, senze ingxenye yethu lapho kufika isikhathi sokulihlanza noma ukulilungisa. Uma iHholo LoMbuso lenu linengadi, nayo kufanele inakwe njalo. Ingabe ihlanzekile futhi iyabukeka? Ingabe utshani bugundwa njalo?
7 Ngaphandle kwezwi, singamdumisa uNkulunkulu ngokubukeka kwethu kwangaphandle nokuhlanzeka kwamakhaya ethu, izimoto, namaHholo OMbuso. Isibonelo sethu esihle ngeke sikhubekise muntu kodwa siyonikeza ubufakazi bokuthi ukukhulekela kwethu kuhlanzekile futhi kuqotho.—1 Kor. 10:31, 32; Jak. 1:27.