Sebenzisa Omagazini Ukuze Uhlanganyele Iqiniso Nabanye
1 Umphakathi wanamuhla uyakweya ukubaluleka kokwaziswa okuyiqiniso, nokuthembekile ngenxa yezikhangiso eziyihaba, izithembiso zezombangazwe ezikhohlisayo, kanye nezinto ezingamanga ezishiwo amazwe omhlaba. Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! bayingqayizivele ngoba yibona kuphela abamemezela iqiniso ngoMbuso kaNkulunkulu nabachaza lokho sonke okumelwe sikwenze ukuze sijabulele izibusiso zaphakade ozoziletha.
2 Kwelinye izwe isikhulu somnyango wezokwaziswa esakuqaphela ukubaluleka kwalabomagazini ababili sasiza ekutholakaleni kwemvume yokubasakaza. Sathi: “INqabayokulinda ngiyibheka njengomunye womagazini abangcono kakhulu; ngikujabulela kakhulu ukusiza.” Kuyilungelo lethu ukusiza abanye ngokusakaza labomagazini abangadlulisela ulwazi olunikeza ukuphila. (Joh. 17:3) Uzobahambisa kanjani labomagazini ababalulekile phakathi no-May? Mhlawumbe ukusikisela okulandelayo kuzoba usizo.
3 Uma ukhulumela izihloko zokuqala eziku-“Nqabayokulinda” ka-May 15, ungase uthi:
◼ “Sixoxa nabantu ngencwadi edayiswa kakhulu kunazo zonke emhlabeni. Ingabe uyazi ukuthi iyiphi? [Lindela impendulo.] Sikhuluma ngeBhayibheli. Kumelwe ukuba kunesizathu esihle sokuthi kungani abantu abaningi beye bathenga iBhayibheli. Isizathu sitholakala kweyesi-2 Thimothewu 3:16.” Ngemva kokufunda lombhalo, qokomisa amaphuzu afanelekile akwesinye sezihloko. Hambisa isikhokhelo.
4 Noma ngemva kwesethulo esifushane, ungasho okuthile okufana nalokhu:
◼ “Cishe uye waphawula ukuthi eminyakeni yamuva nje kuye kwaba nokukhathazeka okwandayo emhlabeni wonke ngenxa yezinkinga izingane ezibhekana nazo. Yiziphi izinkinga zezingane ozibonayo kulendawo ezikukhathazayo?” Lindela impendulo. Yisho ezinye zezinkinga ezingathi sína izingane ezibhekana nazo kuwo wonke umhlaba njengoba kukhulunywa ngazo ezihlokweni zokuqala ze-Phaphama! ka-May 8, bese udonsela ukunakekela ekhambini elinikezwa uMbuso kaNkulunkulu.
5 Embhalweni wakho wezimpindelo, ngokunokwenzeka unohlu lwalabo ababonisa isithakazelo esincane ekuqaleni, kodwa okungazange kube namiphumela. Njengoba kwaba nesithakazelo esingatheni, ungase ungasiboni isidingo sokuphindela. Kodwa ungase ukwazi ukusebenzisa loluhlu ukuba wakhe umzila kamagazini. Lapho ubona isihloko onomuzwa wokuthi singakhanga kumuntu othile, qikelela ukuba umvakashele lowomuntu bese uhambisa omagazini kanye nesikhokhelo.
6 Ukufakaza Ngokwethukela: Lena indlela enhle kakhulu yokwakha isithakazelo komagazini. Ukuveza ngokuhlakanipha izembozo ezikhangayo kungase kube okwanele ukuba kuqalise ingxoxo. Udade othile wendlala omagazini abathile phezu kwedeski lakhe ukuze labo asebenza nabo bababone lapho bedlula; wakwazi ukuhambisa omagazini abaningi. Qikelela ukuba uhlale unabambalwa, futhi uthathe isinyathelo kuqala sokubahambisa kulenyanga lapho uya ezitolo, uya esikoleni, usebhasini, noma uhlangana nabanye kwenye indawo.
7 Ngosizo lwe-Nqabayokulinda ne-Phaphama! siye sathola izimpendulo zemibuzo ebalulekile ngokuphathelene noJehova nokukhulekelwa kwakhe. Sifuna ukusebenzisa labomagazini ngazo zonke izindlela esingakwazi ngazo ukuze sisize abanye bafinyelele ekwazini ‘uJehova uNkulunkulu [weqiniso, NW].’—IHu. 31:5.