Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/05 k. 4
  • Hambisa Omagazini Lapho Ushumayela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Hambisa Omagazini Lapho Ushumayela
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Basebenzise Kahle Omagazini Bethu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Bekela Eceleni Isikhathi Somsebenzi Kamagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Omagazini Bamemezela UMbuso
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Ukusebenzisa INqabayokulinda Ne-Phaphama! Ngokunenzuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
km 4/05 k. 4

Hambisa Omagazini Lapho Ushumayela

1, 2. INqabayokulinda ne-Phaphama! iye yakuthinta kanjani ukuphila kwabantu?

1 “Kumnandi ukubafunda, bafika ngesikhathi esifanele kanti bayakhuthaza kakhulu.” “Omagazini abakhuthaza kunabo bonke engake ngabafunda.” La mazwi abonisa kahle ukuthi abafundi emhlabeni jikelele bazizwa kanjani nge-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Ngempela, omagazini bethu baye babonakala bengamathuluzi abalulekile okufinyelela “zonke izinhlobo zabantu” ngezindaba ezinhle.—1 Thim. 2:4.

2 Usomabhizinisi othile wathola i-Phaphama! eyayinesihloko esamkhanga kakhulu. Kamuva wafunda INqabayokulinda, umagazini ohambisana ne-Phaphama!, eyayinesihloko esamshukumisela ukuba ayibukisise kahle inkolelo yakhe kuZiqu-zintathu, ayeseneminyaka eyikholelwa. Lokhu kwavusa ilukuluku. Ezinyangeni eziyisithupha kamuva wabhapathizwa. Enye indoda yayithola omagazini njalo kodwa yayingalokothi ibafunde. Kanti umkayo owayengafuni nokubabona nje oFakazi wayebafunda lab’ omagazini ababenikezwa umyeni wakhe. Le nkosikazi yathinteka inhliziyo ngesithembiso seBhayibheli sepharadesi lasemhlabeni eligcwele abantu abalungileyo. Ngokuhamba kwesikhathi, yona nendodana yayo kanye nodadewabo wale nkosikazi baba yizinceku zikaJehova.

3. Kusiza ngani ukubahambisa bobabili omagazini bethu?

3 Bahambise Bobabili: Njengoba izibonelo ezandulele zibonisa, asinakukwazi ngokuqinisekile ukuthi obani abayobafunda omagazini bethu noma ukuthi yimuphi oyovusa isithakazelo sabo. (UmSh. 11:6) Ngakho kungakuhle sibahambise bobabili lab’ omagazini, INqabayokulinda ne-Phaphama!, nakuba ngokuvamile siyogxila kowodwa lapho sibahambisela othile. Kwezinye izimo, kungafaneleka ukuba sihambise omagazini abaningana abahlukahlukene kumuntu esimhambele.

4. Singakuhlela kanjani ukuhambisa omagazini?

4 Kuyazuzisa ukuhlela usuku olulodwa ngesonto esiyohambisa ngalo umagazini. EKhalendeni LoFakazi BakaJehova Lika-2005, uMgqibelo ngamunye kuthiwa “Usuku Lukamagazini.” Kodwa-ke, njengoba izimo zendawo nezabantu ngabanye zihlukahluka, abanye bangabekela eceleni olunye usuku abayogxila ngalo ekuhambiseni omagazini bethu. Ingabe lo msebenzi kamagazini uyingxenye yesimiso sakho samasonto onke?

5. Imaphi amathuba okuhambisa omagazini okufanele sihlale siwabheke ngabomvu, futhi yini engasisiza ukuba senze kanjalo?

5 Zibekele Umgomo Wakho Siqu: Ukuzibekela umgomo wanyanga zonke wokuhambisa omagazini kungasisiza ukuba siwabheke ngabomvu amathuba okuhambisa omagazini. Ingabe unawo umzila kamagazini? Ingabe uyabahambisa omagazini kubantu obathola ensimini? Ungabahambisa yini emgwaqweni, ensimini yamabhizinisi kanye nasezindaweni zomphakathi? Ingabe uyabaphatha lapho usohambweni, lapho uya ezitolo nalapho uyobonana nothile? Bamba wonke amathuba akahle avelayo ukuze usize abantu bazuze komagazini bethu, INqabayokulinda ne-Phaphama!

6. Singabasebenzisa kanjani ngendlela ezuzisayo omagazini abadala?

6 Singase sizibekele nomgomo wokuhambisa omagazini abadala esinabo. Ngisho noma bangase bangahanjiswa kuze kuphele inyanga noma ezimbili ngemva kokunyatheliswa kwabo, ukwaziswa okuphakathi kuhlala kubalulekile. Bahambise kubantu abangathanda ukubafunda. Ezigidini zabantu, lab’ omagazini, INqabayokulinda ne-Phaphama!, baye baba “izwi elikhulunywe ngesikhathi esifanele.” (IzAga 25:11) Masibasebenzise ekusizeni ezinye izigidi ezengeziwe ukuba zazi uJehova futhi zimkhonze.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela