IBhokisi Lemibuzo
◼ Kufanele izinto zisingathwe kanjani uma umninikhaya ephikelela ngokuthi oFakazi BakaJehova bangaphindi beze kulelokhaya?
Lapho sithola uphawu emnyango elikwenqabela ngokuqinile ukuvakashelwa abantu abakhuluma ngenkolo bese lusho ngokuqondile ukuthi oFakazi BakaJehova, kungangcono ukuhlonipha izifiso zomninikhaya futhi singangqongqozi.
Ngezinye izikhathi sithola uphawu olwenqabela abadayisi noma abacela imali. Njengoba senza umsebenzi ongokwenkolo wokukhathalela abantu, lolophawu alusithinti ngempela. Kungaba okufanelekile ukuqhubeka singqongqoze kuleyominyango. Uma umninikhaya enqaba, singachaza ngokuhlakanipha ukuthi kungani sinomuzwa wokuthi lezozimpawu azisebenzi kithina. Uma-ke umninikhaya ekwenza kucace ukuthi noFakazi BakaJehova benqatshelwe, siyozihlonipha izifiso zakhe.
Lapho sisebenza insimu, singase simbone umninikhaya ukuthi uyacasuka bese egcizelela ukuthi singaphinde sibuye. Uma enqaba ukuba sibonisane naye ngalokhu, kufanele silalele isicelo sakhe. Kufanele kubhalwe ipheshana elithile kuhlanganise nosuku bese lifakwa emvilophini yensimu ukuze abamemezeli abasebenza leyonsimu esikhathini esizayo bagweme ukuya kulelokheli.
Lezozindlu akufanele zigwenywe unomphela. Abahlala kuzo kungenzeka bathuthe. Kungenzeka sithole elinye ilungu lomkhaya elingase lisabele kahle. Kungenzeka futhi ukuthi inhliziyo yomninikhaya esakhuluma naye isishintshile futhi useyavuma ukuba sifike. Ngakho ngemva kwesikhathi esithile kungayobuzwa ngokuhlakanipha ukuthi obani abahlala kuyo ukuze kutholakale ukuthi bazizwa kanjani ngalesosikhathi.
Ifayili yensimu kufanele ibukezwe kanye ngonyaka, kwenziwe uhlu lwezindlu esatshelwa kuzo ukuba singezi. Ngaphansi kokuqondisa kombonisi wenkonzo, abamemezeli abathile abanesu lokungacunuli, nokuhlangenwe nakho bangabelwa ukuba bahambele lamakhaya. Kungachazwa ukuthi sihambele ukuzobuza ukuthi umninikhaya kuseyilowo yini wangaphambili. Ummemezeli kufanele ajwayelane nokwaziswa okusencwadini ethi Ukubonisana, amakhasi 15-24, esihlokweni esithi “Indlela Ongasabela Ngayo Kwabafuna Ukuvimba Ingxoxo.” Uma ukusabela kungekubi, ngesikhathi esizayo kungayiwa khona ngendlela evamile. Uma umninikhaya eqhubeka enobutha, kufanele kungaphinde kuyiwe kuze kube unyaka olandelayo. Indikimba yabadala yebandla inganquma ukuthi izimo endabeni ethile zenza kudingeke yini ukusingatha izinto ngendlela ehlukile.