Siza Umninikhaya Ukuba Acabange
1. Iyiphi indlela ephumelela kakhulu enkonzweni?
1 Iyiphi indlela ephumelela kangcono enkonzweni—ingabe ukubambelela embonweni wakho noma ukubonisana nomuntu ukuze acabange futhi afinyelele iziphetho ezifanele? Umphostoli uPawulu wabonisana namaJuda aseThesalonika, futhi “ngenxa yalokho abanye kubo baba ngamakholwa.” (IzE. 17:2-4) Yini ehilelekile ekubonisaneni nabanye?
2. Singasilingisa kanjani isibonelo sikaPawulu lapho sishumayela izindaba ezinhle?
2 Cabangela Imizwa Nesizinda: Ukubonisana kuhambisana nokucabangela imizwa yalabo abasensimini yethu. UPawulu waqala intshumayelo yakhe kumaGreki angakholwa ase-Areyophagu ngokusho izinto ayezazi futhi ezamukela. (IzE. 17:22-31) Ngakho-ke, lapho ulungiselela intshumayelo, cabangela izinkolelo ezivamile nezinto abashiyeka kuzo abantu abasensimini yakini. (1 Kor. 9:19-22) Uma umninikhaya ephakamisa umbuzo, zama ukuthola okuthile enivumelana ngakho bese wakhela kukho ingxoxo yenu.
3. Singabonisana kanjani ngokuphumelelayo nabanye ngokusebenzisa imibuzo ngokuhlakanipha?
3 Sebenzisa Imibuzo Ngokuhlakanipha: Ngeke sikwazi ukuyalela umuntu obuza indlela uma singazi ukuthi ubuza nje ukuphi. Ngokufanayo, asinakumsiza umninikhaya ukuba afinyelele isiphetho esifanele uma singawazi umbono wakhe. Ngaphambi kokubonisana nesilaleli, ngokuvamile uJesu wayebuza imibuzo ukuze athole ukuthi lowo muntu ucabangani. Ngokwesibonelo, lapho othile ebuza uJesu ukuthi, ‘angenzani ukuze azuze ifa lokuphila okuphakade,’ uJesu wafuna umbono wale ndoda ngaphambi kokuyiphendula. (Luka 10:25-28) Ngesinye isikhathi, lapho uPetru esho impendulo eshaya eceleni, ngokuhlakanipha uJesu wasebenzisa imibuzo ukuze alungise ukucabanga kwakhe. (Math. 17:24-26) Ngakho-ke, uma umninikhaya ebuza umbuzo noma esho impendulo eshaya eceleni, singasebenzisa imibuzo ukuze simsize ukuba acabangisise ngendaba.
4. Kungani kufanele sizame ukusiza umninikhaya ukuba acabange?
4 Lapho sisiza umninikhaya ukuba acabange, silingisa uMfundisi Omkhulu uJesu, kuhlanganise nabanye abashumayeli abanekhono bangekhulu lokuqala. Simnika isithunzi nenhlonipho umninikhaya. (1 Pet. 3:15) Ngenxa yalokho, angase avume ukuba siphinde sibuye.