Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/11 k. 1
  • Siza Umninikhaya Ukuba Acabange

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Siza Umninikhaya Ukuba Acabange
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Sebenzisa Incwadi Ethi Ukubonisana Ezimpindelweni
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Izimpindelo Ezilula Neziphumelelayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Sebenzisa UMthetho Wegolide Enkonzweni Yakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle Ngobuhlakani
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
km 10/11 k. 1

Siza Umninikhaya Ukuba Acabange

1. Iyiphi indlela ephumelela kakhulu enkonzweni?

1 Iyiphi indlela ephumelela kangcono enkonzweni—ingabe ukubambelela embonweni wakho noma ukubonisana nomuntu ukuze acabange futhi afinyelele iziphetho ezifanele? Umphostoli uPawulu wabonisana namaJuda aseThesalonika, futhi “ngenxa yalokho abanye kubo baba ngamakholwa.” (IzE. 17:2-4) Yini ehilelekile ekubonisaneni nabanye?

2. Singasilingisa kanjani isibonelo sikaPawulu lapho sishumayela izindaba ezinhle?

2 Cabangela Imizwa Nesizinda: Ukubonisana kuhambisana nokucabangela imizwa yalabo abasensimini yethu. UPawulu waqala intshumayelo yakhe kumaGreki angakholwa ase-Areyophagu ngokusho izinto ayezazi futhi ezamukela. (IzE. 17:22-31) Ngakho-ke, lapho ulungiselela intshumayelo, cabangela izinkolelo ezivamile nezinto abashiyeka kuzo abantu abasensimini yakini. (1 Kor. 9:19-22) Uma umninikhaya ephakamisa umbuzo, zama ukuthola okuthile enivumelana ngakho bese wakhela kukho ingxoxo yenu.

3. Singabonisana kanjani ngokuphumelelayo nabanye ngokusebenzisa imibuzo ngokuhlakanipha?

3 Sebenzisa Imibuzo Ngokuhlakanipha: Ngeke sikwazi ukuyalela umuntu obuza indlela uma singazi ukuthi ubuza nje ukuphi. Ngokufanayo, asinakumsiza umninikhaya ukuba afinyelele isiphetho esifanele uma singawazi umbono wakhe. Ngaphambi kokubonisana nesilaleli, ngokuvamile uJesu wayebuza imibuzo ukuze athole ukuthi lowo muntu ucabangani. Ngokwesibonelo, lapho othile ebuza uJesu ukuthi, ‘angenzani ukuze azuze ifa lokuphila okuphakade,’ uJesu wafuna umbono wale ndoda ngaphambi kokuyiphendula. (Luka 10:25-28) Ngesinye isikhathi, lapho uPetru esho impendulo eshaya eceleni, ngokuhlakanipha uJesu wasebenzisa imibuzo ukuze alungise ukucabanga kwakhe. (Math. 17:24-26) Ngakho-ke, uma umninikhaya ebuza umbuzo noma esho impendulo eshaya eceleni, singasebenzisa imibuzo ukuze simsize ukuba acabangisise ngendaba.

4. Kungani kufanele sizame ukusiza umninikhaya ukuba acabange?

4 Lapho sisiza umninikhaya ukuba acabange, silingisa uMfundisi Omkhulu uJesu, kuhlanganise nabanye abashumayeli abanekhono bangekhulu lokuqala. Simnika isithunzi nenhlonipho umninikhaya. (1 Pet. 3:15) Ngenxa yalokho, angase avume ukuba siphinde sibuye.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela