Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/94 k. 1
  • Bonisa Ukwazisa Ngendlu KaNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bonisa Ukwazisa Ngendlu KaNkulunkulu
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubonisa Inhlonipho Ngemibuthano Yethu Engcwele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Kungani Kufanele Ugcine Isikhathi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Ukwazisa Imibuthano YobuKristu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Ziphathe Ngendlela Efanele Izindaba Ezinhle
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
km 12/94 k. 1

Bonisa Ukwazisa Ngendlu KaNkulunkulu

1 Ezikhathini zeBhayibheli uJehova wayala abantu bakhe ukuba bahlangane njalo endlini yakhe. (Lev. 23:2) Lemibuthano yayibasiza ukuba bagcine izingqondo zabo zisezwini likaNkulunkulu, ibanikeze isikhathi sokuzindla, sokuba nobudlelwane, nesokuxoxa ngoMthetho kaJehova. Izingqondo zabo zazigcwala imiqondo kaNkulunkulu, eyayiletha izibusiso ezicebile ezingokomoya. Lezi kwakuyizikhathi ezijabulisayo ngempela. Lelilungiselelo lalithuthukisa ubunye nokukhulekela okuhlanzekile. Ukuhlangana endlini kaNkulunkulu namuhla kusabaluleke ngendlela efanayo.

2 Singabonisa Kanjani Ukuthi Siyayazisa Imihlangano? Amanye amabandla abika inani eliphansi lababa khona emihlanganweni. Ngezikhathi ezithile isimo somuntu singase simenqabele ukuba eze emhlanganweni. Kodwa ingabe uye wavumela izinkinga ezincanyana zikuphazamise ekubeni khona njalo emihlanganweni? Abanye bangase banqume ukuhlala ekhaya uma benezinhlungu nje ezincane zekhanda noma bezizwa bekhathele ngemva kosuku olumatasa. Abanye baye bazizwa bebophekile ukuba bajabulise izihlobo ezingakholwa ezifuna ukubavakashela. Abanye baze baphuthe emihlanganweni ukuze babukele uhlelo abaluthandayo lwe-TV noma umdlalo othile. Isilinganiso sokwazisa esibonakala kulezizimo ngokusobala asilingani nesifiso esisuka enhliziyweni esazwakaliswa amadodana kaKora: “Umphefumulo wami ulangazelela, womela amagceke kaJehova.”—IHu. 84:2.

3 Nakuba kunensada yokudla okungokomoya okunikezwa emihlanganweni, abanye ababa khona baba nobunzima bokulalela. Bangase bathole izingqondo zabo sezizula, becabanga ngezinkathazo zosuku, noma bozela. Abaningi baye bathola ukuthi ukubhala kafushane amaphuzu kubasiza ukuba bahlale bephapheme futhi begxilise izingqondo kulokho okushiwoyo. Ukubhala nakho kugxilisa ukwaziswa engqondweni. Ngaphezu kwalokho, ukulungiselela kusengaphambili kuwusizo ekuzuzeni ngokugcwele. Uma silungiselela kahle, siyokwazi ‘ukuqaphelisisa.’—Heb. 2:1.

4 Izingane nabantu abadala badinga ukulalelisisa imfundo enikezwa emihlanganweni. Izingane ziyofunda okuncane kakhulu uma abazali bezinikeza amathoyizi noma izincwadi zokudweba ukuze bazigcine zimatasa futhi zithule. Kusuke kungekho ukuqeqesha okuhle lapho izingane zivunyelwa ukuba zidlale, zikhulume, zikhale, noma zenze ezinye izinto eziphazamisa abahlezi eduzane. Ukuhambahamba okungadingekile kuyiwa endlini encane noma kuyophuzwa amanzi phakathi nomhlangano ngokuvamile kuyancipha uma ingane yazi ukuthi omunye wabazali bayo njalo uzohamba nayo.

5 Ukugcina Isikhathi Kubalulekile: Ngezikhathi ezithile, izimo ezingagwemeki zingase zisenze singakwazi ukufika emhlanganweni ngesikhathi, kodwa ukukwenza umkhuba ukufika sekwephuzile ngemva kwengoma nomthandazo kubonisa ukungayihloniphi injongo engcwele yemihlangano nomthwalo wethu wemfanelo wokugwema ukuphazamisa abanye. Khumbula ukuthi ukucula nokuthandaza nabafowethu emihlanganweni yebandla kuyingxenye yokukhulekela kwethu. Ukushiywa yisikhathi okuwumkhuba ngokuvamile kubangelwa ukungahleleki noma ukuhluleka ukuhlela kusengaphambili. Ukugcina isikhathi kubonisa ukuthi siyayihlonipha futhi siyayazisa imihlangano yethu.

6 Njengoba usuku luya lusondela, isidingo sokuhlangana ndawonye siba sikhulu. (Heb. 10:24, 25) Masibonise ukwazisa kwethu ngokuba khona njalo, silungiselele kusengaphambili, sifike ngesikhathi, silalelisise, bese siyakusebenzisa esikufundayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela